Ukuhlamba izandla kungahlenga impilo yabaningi
UDkt uMngqibisa ungudokotela wezempilo.
Umhla ziyisi-5 kuNhlaba usuku lwenhlanzeko yezandla lomhlaba. Isiqubulo salo mkhankaso sithi “Seconds save lives: clean your hands” okuwukuthi “Imizuzwana ihlenga impilo yabaningi: hlanza izandla zakho” kanti wethulwa ngokusemthethweni ngowezi-2009.
Lolu suku lugujwa minyaka yonke ukugcina nokuqhakambisa inhlanzeko yezandla kwezempilo “nokuhlanganisa abantu” ekwesekeni ukuthuthukiswa kwenhlanzeko yezandla emhlabeni jikelele.
Lolu suku kufanele lusebenze njengendlela emqoka yokukhumbuza ngokubaluleka kokuhlanza izandla njengenye yezindlela zokugwema izifo.
Izandla zingathwala futhi zisabalalise amagciwane ayingozi.
Ziningi izifo noma izimo okungasatshalaliswa ukungazigezi izandla ngendlela efanele njengomkhuhlane, iBrochiolitis, uhudo, iMeningitis, iHepatisis A nokunye.
Ezinye zalezi zimo zingadala izinkinga ezinqala empilweni ikakhulukazi kubantu abangavikelekile njengezingane, izaguga nakubantu abanamasotsha omzimba antekenteke.
Inhlanzeko yezandla ngomunye wemikhuba ebalulekile esingayisebenzisa ukususa amagciwane, ukugwema ukugula nokusabalalisa amagciwane (anjengamabhaktheriya namagciwane) kwabanye abantu.
Kwelulekwa ukuba izandla zihlanjwe kusetshenziswa insipho namanzi agelezayo. Ukubaluleka kwalo mkhuba kugcizelelwe kakhulu ngalesi sikhathi sokhuvethe. Sifunde ukuthi kubaluleke kangakanani ukuhlamba izandla njalo njengendlela yokugwema ukutheleleka ngalolu bhubhane.
Indikimba yomkhankaso wanonyaka ithi; “Achieving hand hygiene at the point of care” okusho ukuthi “Ukuzuza inhlanzeko yezandla esikhathini sokunakekela”.
Isikhathi sokunakekela siqonde lapho izinto ezintathu zihlangana; isiguli, isisebenzi sezempilo nokunakekela noma ukwelapha okubandakanya ukuthintana nesiguli okanye izindawo ezisondelene naso.
Inhlanzeko yezandla imqoka ekugwemeni ukusabalala kwezintwana ezincane ezingcolile ezindaweni zezempilo nokuthi zikwazi ukusebenza kahle.
Ukuhlanzwa kwezandla kufanele kwenziwe kulezi zikhathi ezinhlanu ezibalulekile:
Le ndlela igqugquzela ukuthi izisebenzi zezempilo zihlanze izandla:
- ngaphambi kokuthinta isiguli,
- ngaphambi kokuba kuqalwe noma uluphi uhlobo lokwelashwa,
- emveni kokuchitheka koketshezi lomzimba,
- ngemuva kokuthinta isiguli
- emveni kokuthinta izindawo ezisondelene nesiguli.
NgokweWorld Health Organisation (Iqhinga leWHO lokuthuthukisa inhlanzeko yezandla elihlanganisa izindlela eziningi): “Ukutheleleka ngezifo okweyamene nezempilo kubeka ingcidezi enkulu futhi kunomthelela omubi kakhulu kwezomnotho weziguli nezempilo emhlabeni jikelele. Okungakho inhlanzeko yezandla, umsebenzi olula ukuhlanza izandla ngesikhathi esifanele nangendlela efanele, kungahlenga impilo.”
Lokhu kusho ukuthi ukutheleleka okuningi kunganqandeka ngokwethembeka ekuhlanzeni izandla. Izisebenzi zezempilo kufanele zikulandele lokhu, izindlela zokugwema zokuqala zokunciphisa ingozi yokuthelelana kweziguli ezikhungweni zezempilo. Ilula injalo le ndlela, ucwaningo seluveze ukuthi bangamaphesenti angama-40 kuphela abalandela inhlanzeko yezandla (WHO Guidelines on Hand Hygiene in Health Care).
Sifanelwe ukwenza kangcono njengezisebenzi zezempilo. Asihlale siqaphile ngokugeza izandla zethu ukuhlenga impilo!!
Yini okufanele siyenze ngamunye nemindeni?
Ukunciphisa ukusabalala kwamagciwane, kwenze kube umgomo ukuhlanza izandla kuwonkewonke. Yenza isiqiniseko ukuthi wonke umuntu ekhaya lakho uyazihlamba izandla.
- ngaphambi kokupheka nokudla
- emveni kokusebenzisa indlu yangasese
- ngemuva kokufinya, ukukhwehlela noma ukuthimula
- ngemuva kokuthinta izilwane, okuhlanganisa nezifuywe ekhaya
- ngemuva kokwenza imisebenzi yaphandle enjengengandi
- zijwayeze indlela efanele yokuhlamba izandla.

