Kutholakale abanokhuvethe emkhunjini ovela e-India echwebeni lakuleli
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Kunokukhathazeka ezakhamuzini zaseNingizimu Afrika ngemingcele okubukeka kuyiyo okuputshuka kuyo ukhuvethe kuleli.
Ukhuvethe lwaqala ukutholakala kuleli nyakenye emveni kokubuya kwesakhamuzi saseMgungundlovu esasivakashele e-Italy ngaleso sikhathi okwakuyilona zwe elalinezibalo eziphezulu zabantu abahaqwe yilolu bhubhane.
Okwakamuva ilapho izisebenzi zomkhumbi obuphuma e-India otheleke kuleli ngeSonto zitholakale echwebeni laseThekwini zinokhuvethe.
Ukhuvethe olugasele e-India akusilona lolu olujwayelekile kepha olunye oseludida imbala, futhi olungafani nolwaseNingizimu Afrika nalo oludidayo.
Kuphinde kwaba nokukhathazeka emveni kokuba esinye isihambi esikuleli ebesivela e-India sitholakale sinalesi sifo kodwa abesikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo sebeqinisekise izakhamuzi zakuleli ukuthi uhlobo lokhuvethe olutholakala kwelase-India alukabi khona kuleli.
Isitatimende esikhishwe iTransent ngoLwesibili sithe lo mkhumbi ubusuhambe izinsuku ezili-17 usuka e-India kanti emva kokungena echwebeni laseThekwini kwenziwe izimfanelo zokuqinisekisa ukuthi labo abebekuwo bayahlolwa ukuthola ukuthi ngabe ukhona yini ohaqekile. Abali-14 kuke kwaqinisekiswa ukuthi bahaqwe ukhuvethe. ITransent iphinde yaqinisekisa ukufa kukanjiniyela walo mkhubi obulawe isifo senhliziyo.
Kubikwa ukuthi lo mkhubi usavaliwe kusalandelwa imigomo yokhuvethe futhi kusafunwa bonke abake basondelana nawo. ITransent ithe sekujutshwe ithimba kuleli chweba elizohlola bonke abasebenza kulo. Umeluleki oyinhloko yokulawulwa kwezifo ezithathelanayo kwaNetcare uDkt uKhaoli Maslow ukuqinisekisile ukuthi sikhona lesi siguli futhi selashwa ngasodwana esibhedlela sesifunda. Lukhulu novalo lokuthi lo muntu unegciwane eliqothula kwasani futhi elinenkani kwelase-India iB1617 noma kunjalo iSikhulu Esiphezulu sesikhungo esilawula izifo uDkt u-Adrian Puren, sithe kuze kube imanje leli gciwane belingakaze litholwe kuleli. UDkt uPuren uthe uma kuba nezinsolo zizosukunyelwa ziphenywe kanzulu, waveza ukuthi leli gciwane linamandla kakhulu ekuthathelaneni.
“Kuzomele siqinisekise ukuthi siyasiqapha isimo ngoba leli gciwane lase-India lithelelana kakhulu, kumele kuphindwe kuqashwe ukuthi labo abavela khona bathintane nobani ukuze sizame ukunqanda ukutheleleke kwabantu abaningi,” kusho uDkt uPuren.
Uqhube wathi akulula ukuvimba wonke amagciwane angena ngemingcele kodwa noma kunjalo bazoqhubeka ukuqapha ezithinta ukhuvethe kungaba kuzwelonke noma emazweni aphesheya kwezilwandle. Uphinde wathi uMnyango Wezempilo uzoqhamuka namaqhingasu okubhekana nabantu abatheleka kuleli bephuma kwelase-India.
Uthe ukuhamba kwabantu bevakasha lokhu kusho ukusabalala kwaleli gciwane kuleli nakwamanye amazwe. Uthe ezinye zezindlela uMnyango ongagwema ngako ukutheleleka ngalesi sifo ukunqanda abantu abavela e-India ukuba bangangeni kuleli.
“Kunzima ukunqanda abantu osekungenzeka nje ukubagcina ngabodwana,” usho kanje.
UMnu uMoshe Mutlohi oyiSikhulu Esiphezulu echwebeni laseThekwini uthe asikakhuli isibalo sabantu abafike nalokhu kufa bevela e-India kepha kunabantu okungenzeka ukuthi bathintane nalaba asebetholakele ukuthi bahaqekile.
“Asinaso isiqiniseko kepha sizokhuluma ne-ejenti yomkhumbi, abakuvezile ukuthi ababaningi abantu abahlangane nabo emahhovisi. Abathintekile ilabo bemikhumbi akekho esimaziyo othintekile okwamanje,” usho kanje. Ukugcizelele ukuthi lona obekulo mkhumbi oshonile umelwe inhliziyo. Lokhu kuvezwe ngangamaphoyisa emveni kokuhlola imbangela yokufa kwakhe.
“Laba abatholakale benokhuvethe bayimqemane futhi abakhombisi zimpawu, ingakho begcinwe endaweni yethu, ukube bebegula besizobathumela ezibhedlela. AboMnyango Wezempilo babaqaphile ukuthi isimo sabo asishintshi yini. Akekho umuntu obekulo mkhumbi owehlile. Wonke umuntu ongenayo nophumayo uyaluhlolelwa ukhuvethe,” kusho uMutlohi.
Uthe abanabo abantu abaseNingizimu Afrika abasondele kulo mkhumbi obuthwele ilayisi njengoba uhlukaniswe izigaba.
“Umkhumbi osuka e-India uza eNingizimu Afrika uhamba isikhathi eside, ngakho igciwane elisuke likhona lifika lapha lingasenawo amandla. Umkhumbi uvaliwe, kepha ubusaqhubeka usazoya eNtshonalanga ye-Afrika uma beqeda la eThekwini.”