Now Reading
Kugunyaziwe ukwesula kukaMengameli waseVietnam
Dark Light

Kugunyaziwe ukwesula kukaMengameli waseVietnam

Isishayamthetho saseVietnam sikugunyazile ukwesula kukaMengameli uVo Van Thuong, kusho abezindaba zombuso izolo, nokumfaka esibalweni sezikhulu eziphezulu ezehlayo ezikhundleni ngesikhathi lapho iqembu lamaKhomanisi liqinisa isandla sokubusa.

UThuong, oneminyaka engama-53, ube nguMengameli wesibili ukwesula esikhundleni esikhathini esingangonyaka eVietnam, lapho izinguquko zobuholi zisanda kuxhunyaniswa nomkhankaso obanzi ovutha-bhe wokulwa nokufumbathisa.

Imibiko yabezindaba yombuso ayizange ikhulume ngokuthi ubani ozovala isikhala sikaThuong. Ngokomthethosisekelo waseVietnam, iPhini likaMongameli uVo Thi Anh Xuan uzosebenza kulesi sikhundla.

IHhovisi lePhalamende likaZwelonke alizange liphendule ngokushesha izingcingo ngokuqinisekiswa kwemibiko.

UMengameli ubambe iqhaza elikhulu kwezemikhosi yezwe kodwa lesi sikhundla singesinye sezikhundla  ezine eziphezulu kwezombusazwe ezweni eliseNingizimu mpumalanga ye-Asia.

Ukuvota kwayizolo kweSishayamthetho Sikazwelonke  kuyisinyathelo esilandelwayo, ngemuva kokuthi ikomiti elimaphakathi leqembu izolo likwamukele ukwesula kukaThuong, lamkhipha kuPolitburo, uphiko oluthatha izinqumo oluphezulu eqenjini, kanye nesikhundla sakhe sokuba yinhloko yoMkhandlu Kazwelonke Wezokuvikela Nezokuphepha

See Also

Ikomidi lithe uThuong, wephule imithetho yeqembu, lengeza ngokuthi lokho “kusilela kube nomthelela omubi embonweni womphakathi, kwathinta isithunzi seQembu, uMbuso kanye naye uqobo”, ngaphandle kokucacisa ukuthi wenzeni okubi.

UXuan, ongomunye wabesifazane abambalwa kuphela abasezikhundleni eziphezulu kwezombusazwe zaseVietnam, uzokhuphukela esikhundleni sokuba ngumongameli okwesibili esikhathini esingangonyaka. Uvale lesi sikhala emasontweni ayisithupha ngemuva kokuthi uNguyen Xuan Phuc esule njengomengameli ngonyaka odlule “ngokuphula umthetho nokwenza okungalungile” kwezikhulu ezingaphansi kwakhe.

Scroll To Top