Ayakhuluma amathambo: Nakulokhu ubufakazi buthi i-Afrika ngumama wesintu jikelele



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuthi ezazini zomlando kukhona ukuvumelana ekutheni ubufakazi obuqandula ikhanda ngomlando womuntu, yithuna. Empeleni udaba lwethuna yilo ngisho olumise izizwe eziningi ukuthi uzibanibani ulele lapha ngakho kasiyindawo kukwethu lapha. Inkolo nje yobuKhrestu incike kakhulu odabeni lwethuna ngoba kuyo kukhona ukuthi uJesu wavuka ngosuku lwesithathu. Lithi wanqoba ithuna. Lo mlanndo nje wethuna uma ungahle uguquke ungaguqula yonke inkolo nomlando webandla likaKhrestu.
Kulezi zinsuku i-Afrika ibuye yaveza obunye ubufakazi bokuthi yiyo umama wesintu jikelele. Lokho kwenzeke emveni kokutholakala kwamathambo nabegqitshwe ethuneni elingajulile. Isimanga lapha wukuthi la mathambo lawa abesongwe kahle ikhanda lilele phezu kwesiqamelo. Lokhu kwenzeke emgedeni iPanga yaSaidi eseKenya. Ngokusho kososayensi la mathambo madala kunawo wonke aseke atholakala emhlabeni njengoba kulinganiselwa ukuthi aneminyaka eyizi-78 000. La mathambo engane ethiwe ngelika “Mtoto”.
Ugebhezi namathambo amathathu entamo bekuhlangene nomcamelo obusuguga owakhiwe ngokwakade. Indlela okume ngayo isiphanga kanye nezimbambo ezimbili kuhlalule ukuthi isingenhla besisongwe ngokungaboli kwakade. Wangcwatshwa esanda kushona, wambozwa masinyane ngomhlabathi okhiwe phansi emgedeni.
Okuqashelwe ngososayensi kulokhu wukuthi ukutholakala kukaMtoto kuzofundisa kabanzi ngendlela yokuphila yesintu sasendulo obekuyinto ede icasha kakhulu kulabo ababizwa ngamaHomo Sapiens ngolwimi lososayensi. Ephawula ngale nqabakutholwa uMaría Martinón-Torres ongungoti ngabantu (anthrophologist), nomqondisi kuNational Research Center on Human Evolution (CENIEH) eSpain futhi ongumbhali oqavile wocwaningo olushicilelwe kujenali iNature, uthe: “Lokhu kusekujuleni komqondo osikiselayo okuphawula abangamaHomo Sapiens.”
Uqhuebeke wathi: “Ingane yangcwatshwa esiqintini sendawo yokuhlala, duzane nalapho kwakhe khona umphakathi, okufakazela ukuthi impilo nokufa kusondelene kwahlobana kangakanani. Ngabantu kuphela abahlonipha abafile njengabaphilayo, babacabangele babatomote. Ngisho noma sesifa siyaqhubeka sibe yingxenye yabaphilayo bethu,” kwenanela uMartinón-Torres.
Abacwaningi bathole ukuthi ingane, ubulili bayo obungacaci, yangcwatshwa igoqene, ilaliswe ngohlangothi lwesokudla, amadolo egobele ngasesifubeni.
“Lokhu kungcwatshwa kubonakala kwenziwe yidlanzana, mhlawumbe amalungu omndeni wengane. Konke lokhu kuziphatha, kuyahambisana nalokho esikubona kithina namhlanje, ngakho-ke siyakuqonda lokhu yize umngcwabo wenzeka eminyakeni eyizi-78 000 eyedlule,” kusho omunye kwababhalisanayo uNicole Boivin, ongungoti wendulo nomqondinsi eMax Planck Institute for the Science of Human History eGermany.