Now Reading
Izifundazwe zihloniphe iNdlovukazi noZulu
Dark Light

Izifundazwe zihloniphe iNdlovukazi noZulu

Nakulokhu kubhalelwe umhlaba incwadi ukuthi uyini uZulu


Umhlaba ubuke ngokulangazelela lapho uZulu ebhala incwadi isibili. Lokhu kwenzeke ngesikhathi izintombi, izinsizwa kanye nebutho bebetheleke eGoli ukuyohlangabeza nokulanda iNdlovukazi uMantfombi. Lokhu bese kungokwesibili lapho uZulu uzidela njengoba wenza njalo ngenyanga eyedlule eThekwini ngesikhathi ulanda Ongangezwe Lakhe.

Okwamangaza iziphathimandla wukuthi ngesikhathi kubamnyama ukhalo eThekwini zilunjenge izimoto nomkhumbi wempi uhlobe ngezihlangu, yikuthi kwathatha nje amahora angaphansi kwama-24 ukuthi zonke izifunda zinyakaze zaphikelela eThekwini. Okwenzeka sekungumlando oveza ubuhle bukaZulu nangaphansi kwefu elimnayama.

OkweNdlovukazi nobekubonakala ukuthi kuhleliwe bekwehlukile. Kuqale nje ngesikhathi kuvela izindaba ebezibika isifo nayilapho omama okubalwa onomehlo (abelusa izintombi) kanye nabazali nje beqale basondela eNdlunkulu ukuthola ngamalungiselelo nalokho okulindeleke kubo. Akuthathanga mahora mangaki labe seliphuma igama lokuthi; “Akweziwe kuMtanenkosi” lokho okwenziwa kuMdlokombana.

Leli gama lenza zaqala izinhlelo  ezithinta omama kanye nezintombi. Ngakolunye uhlangothi izinduna ngaphansi kweNduna uMhlongo nazo beseziqalile ukwenza amalungiselelo kwazise amehlo omhlaba abezobe ethe njo kubo.  Ngempelasonto kwathintwa nezintombi ezinye zishayelwa izincingo kanti nazo bezingazibekile phansi kwezokuxhumana zifunga khona ukuthi akukho okuyozivimba ukuyolanda unina.

Ngenxa yebanga ukusuka eGoli ukuya kwaNongoma kugcine sekuthatha izinsuku ezimbili. AbakwaZulu bephelezelwa ngabakwaNgwane lapho kuzalwa khona iNdlovukazi batheleke eGoli izolo sekumnyama. Lapha bamukelwe nguNdunankulu uMakhura nethimba lakhe.  Kwenzeka konke nje lokhu zihlangene izinduna kwaMai Mai zihlanganisa igama.

See Also

Nembala kuthe kusa nje kwabe sekubonakala izinsizwa nezintombi zekuthe shaye emakhazeni kanye nasesibhedlela lapho oweNkosi athulele khona, eMilpark. Lithe lingaphakama ilanga iGoli leli labe selimibalala njengoba amakhulu abantu abasethelekile sekuqalwa wona umsebenzi obuhanjelwe.  Okwenzekile akwejwayelekile njengoba wonke umsebenzi lona ugcine sewenganyelwe ngoHulumeni bezifundazwe ezintathu; okuyiGaueteng, yiMpumalanga kanye neKwaZulu-Natal.

IGauteng liyikhiphe ngo-N17 odlula eSprings, kwadlulwa  eBethal, e-Ermelo, kwathi uma sekuse Piet Retief eMpumalanga, zathatha ezaKwaZulu-Natal  kude kude  amabombo ebheke eHlalankosi.  Kwenzeka konke lokhu abantu bakuyo yonke imikhakha kabayekile ukutheleka kwaKhangela ukuzobabaza umuga ovelile.

Scroll To Top