Iminyaka engama-27 yenkululeko, ngabe ukuvota kwasiweza noma kwasiyala
Bathi kwabaweza
Ngokwami kwasiweza ngoba ezindaweni zasemakhaya sinogesi namanzi okuhlelekile. Sase siyaleka ngokuvulwa kwemingcele kungabi nolawulo. Lokho osekudale sazibona singondingasithebeni ezweni lomkhulu. Ngisho ngoba abantu bokufika kuleli sekuyibo abanelungelo ukwedlula thina mnsinsi wokuzimilela kuleli. Thina sivinjwa ngamabhodi emasangweni kubhalwe ukuthi “Awukho umsebenzi” kodwa umuntu wangaphandle angene asebenze. Lokho kulibulele ithemba kithina bantu baseNingizimu Afrika sazibona siyizehluleki sibe sibanjwe ngengalo. Ingakho sekunzima ngisho ukulujabulela lolu suku olukhuku kangaka sibe silambe eziswini siphiliswa ngokukhangezwa ngezibonelelo sibe siphethe iziqu zemfundo esandleni. Kulungile kushaywa edonsayo. – nguDee Hlombe Hlombe
Bazebakhuluma bo abantu, engabe bona yini le ababefuna ukuyizuza? Uma ukuvota kungazange kulethe mehluko empilweni yabo. Ngikhumbula kusagijima iveni ephuzi yamaphoyisa elokishini eHammarsdale ifike libophe noma ngubani emufica emgwaqeni engenze lutho. Nemindeni eyashonelwa obaba bemizi yabo nezingane babulawelwa izinto ezingekho. Cha mina ukuvota kwawenza umehluko empilweni yami nabasekhaya. Noma nje abanye basekhaya basala behlukumezekile kumanje ngisaphila nabo benjalo. – nguSimphiwe Mbewe
Ivoti lasilekelela kakhulu, manje ingane izalwa bese iyahola, ifunde mahhala, ifike idle esikoleni, iqede iyekofunda amazinga aphakeme mahhala kube nemali engena ebhange kaNASFAS eyi-R1 500. Emphakathini intuthuko siyayibona, amanzi, ugesi, izindlu zangasese nezindlu zamahhala ezinhle futhi ezinkulu. Kusasekuseni izwe lethu likulayini. inkohlakalo yinto engeke iphele kodwa ezolokhu izanywa ukunqandwa. – nguSmangaliso Malibongwe Khayo Zulu
Kwasiza kakhulu ikakhulukazi kulabo mama ababesebenza ngokudayisa nasemakhishini, ngibazikahle ubugqila nokuhlukunyezwa abambophe angikuzwa ngendaba ngangikhona, ngikwazi kahle ukugxotshwa iphoyisa nesotsha ngebhuzu ngakho-ke mina nomndeni wakithi kwasisebenzela kakhulu ukuvota okunyeke kusezandleni zethu, ngeke ngagxeka uHulumeni obusayo ngokwehluleka kwami. – nguNtombenhle Ngcobo
Iqiniso ukuthi umuntu nomuntu owayevota wayazi yena ukuthi uvotelani. Abanye kwabasiza abanye akubasizanga ngalutho. Ababefuna ukuphatha izwe kwabasiza ngoba banezikhundla kuHulumeni bangongqongqoshe, omengameli, amakhansela nokunye nje. Abanye ababecabanga ukuthi kuzokwanda imisebenzi akubasizanga ngalutho. – nguMbuso Euclid
Uma uzalwe ngeyezi-2000 ngingekusola kakhulu, leli lizwe lalingenjena ngaphambi komhla zingama-27 kuMbasa we-1994. Sona nje lesi sihloko siyikho esakuzuza ngoMbasa zingama-27. Uma-ke sizokhuluma ipolitiki yamaqembu asafuna ukungena emandleni ombuso, imibono yethu izokwehlukana, kodwa iqiniso wukuthi umhla zingama-27 kuMbasa we-1994 wasizuzisa okuningi kakhulu akubaleki. Ngiyacabanga ukuthi akekho ongasho isibalo samaqembu epolitiki esesaba nawo, kodwa ngaphambi kwalolu suku ayaziwa ngisho ingane eneminyaka emihlanu ukuthi mangaki, imisebenzi nentuthuko yinto eyinkinga kuwo wonke amazwe acebile nangacebile ngoba izinto ziyaguquka usuku nosuku, ithekhnoloji ayimile. Angiboni ukuthi kuhle ukuba siqhathanise okwakwenzeka ngowe-1970 nangowezi-2021 akusoze kwafana, lapho wawubuzwa uhamba emgwaqeni ukuthi ufuna umsebenzi yini? Abakhula ngeye-80 indaba abayixoxelwayo leyo abakaze baqashwe efemini bengafesanga. Yebo namanje abezikontileka basamuqasha umuntu ezihlalele ekhaya itoho, kwakuvele kungamatoho nangeminyaka ye- 80 neye-90. – nguMdeh Magwaza
Kwasisiza kakhulu kokuningi. Kukhona nje ameva adinga ukubangulwa kuphela, bese kuqhutshekelwa phambili ngoba akukafikwa lapho kwakuqondwe khona. – nguMathabsanqa MaNgwenya Ngubane
Ababoni mehluko ngokuvota
Inkinga kwangena abantu ababeka phambili izisu zabo, imindeni yabo kanye nabangani babo. Yingakho-ke kuphela nemisebenzi ngoba izinkampani ezethembekile azikwazi ukuncintisana nalezi ezakhelwa ukulutha imali. Yebo imali ayenele ukusigculisa sonke kodwa uHulumeni ubengenza kangcono. Ngigcizelela umsebenzi ngoba iyonanto efunekayo kunokulinda ukukhangezwa. Ngeke sithembele ekukhangezweni ngoba kuyophela ngelinye ilanga. – nguGoodHope Mathendele
Ngibona sengathi kwasiyala thina ngoba izinga lokungasebenzi kwabantu linyuka nsuku zonke, imali yengqalasizinda iyabhubhudlwa ingakufezi eklanyelwe khona. Kwasiyala, emabhishi sibhukuda nabelungu besidunusela namaphenti aveza izinqa, abahloniphi laba belungu. – nguSiyanda Wonderboy
Akuzange kwaweza muntu ngoba sesiphila esikhathini lapho umuntu ompisholo engazwakali uma ebeka isikhalo sakhe kunalokho kumele alalele into atshelwa yona ukuthi uyayithanda noma akayithandi into engangenwa leyo. – nguBonga Chiliza
Ayikho into okwasiweza kuyo ukuvota kodwa kwaweza labo abasezikhundleni nemindeni yabo ngoba kuyefana owoHlanga usacindezelwe kodwa ondlebe zikhany’ilanga ibona abasangamele umnotho wezwe lethu. – nguBanelle Dlaminn
Lutho kwavele kwenza abafowethu imikhovu. Le nto yenkululeko yokuxoxa umbhedo kungcono ukube salwa safa ukuze isizukulwane esilandelayo sikhululeke ngokweqiniso. – nguXolani Thwala
Kwakubukeka kusiweza ngaleso sikhathi, manje kubukeka ngathi bekuyisiyalo sokuthi umuntu omyama akukho angakwenza ngaphandle komuntu omhlophe. – nguSbu Ka Dladla Shongwe