Now Reading
Likhulu isasasa ibuyela ensimini eyeligi yabesifazane kazwelonke
Dark Light

Likhulu isasasa ibuyela ensimini eyeligi yabesifazane kazwelonke

Bese kuphele isikhathi eside abadlali bengakwazi ukuziqeqesha nokuthola ithuba lokudlala imidlalo esezingeni eliphezulu


Iyasuka iyahlala kule mpelasonto imidlalo kanobhutshzuwayo yabesifazane iSAFA National Women’s League.

Le ligi kuzoba unyaka wesibili idlalwa, njengoba yaqala ngowezi-2019. Nyakenye ayidlalanga ngenxa yokusabalala  kokhuvethe kuleli.

Iqala yabe idlalwa ngamaqembu ali-12 kanti kulo nyaka izodlalwa ngamaqembu ali-14.

Lokho kwenziwa ukukhushulwa kwamaqembu amabili kule sizini iJVW FC yaseGoli neMa-Indies Ladies yaseLimpopo. La maqembu anqoba emidlalweni yokuhlunga, emva kokunqoba ezifundazweni zawo iligi yeSasol Women’s League.

Amanye amaqembu agijima kule ligi iMamelodi Sundowns Ladies FC, iBloemfontein Celtic, iTshwane University of Technology (TUT) FC, i-University of Johannesburg (UJ) FC, i-University of Western Cape (UWC), ITsunami Queens yaseFree State, iThunderbirds Ladies yase-Eastern Cape, iCoal City Wizards yaseMpumalanga, iDurban Ladies FC yaKwaZulu-Natal, iFirst Touch Academy yaseLimpopo, iGolden Ladies yaseNorth West kanye neRichmond Ladies yaseNorthern Cape.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomqeqeshi weDurban Ladies FC uNathi Mbili, lapho lo mqeqeshi ebelandisela leli phephandaba ngamalungiselelo abo okuqala kwale ligi.

“Sikulungele ukubuyela enkundleni manje emveni kwesikhathi eside sihlezi, okungijabulisayo ukuthi sikwazile ukuthola isikhathi esingamasonto ayisi-8 nangaphezulu sizilolonga ndawonye. Iqiniso ukuthi ekuqaleni kuvelile ukuthi abadlali kade bagcina ukudlala, bebelimala kalula benza amaphutha amaningi kodwa konke lokho kuphelile. Konke lokhu siyokubona emva komdlalo wethu wokuqala, siyobe sesibheka amaphutha nalapho esenze kahle khona sisebenze ngakho, ” kusho uMbili.

Ebuzwa ukuthi bakhona yini abadlali abasha abanabo, uthe: “Sisayinise abadlali abancane abayisi-6, laba badlali yize bebancane kodwa banekhono eliyisimanga. Engingakusho ukuthi abazile ukuzokwandisa isibalo kodwa bazokwenza umbango wejezi ushube kakhulu, siphinde sasayinisa abadlali abanamava ababili.”

Lena isizini kaMbili yokuqala engumqeqeshi waleli qembu. Uthe ufisa ukubuyisa izinsuku zakudala, kwazise iDurban Ladies FC inomlando njengoba kuyilona qembu elineminyaka eminingi kunobhutshuzwayo wabesifazane kuleli. Ineminyaka engaphezulu kwengama-20 yasungulwa.

Yize kuyisizini yakhe yokuqala uMbili kodwa mudala kunobhutshuzwayo njengoba uMakhosi Luthuli ongasekho emhlabeni waqeqeshwa uyena, waphinde waqeqesha uThinasonke Mbuli oyisekela mqeqeshi weBanyana Banyana. Uneziqu zokuqeqesha zikaLevel D kanti uveze ukuthi uhlela ukuthola ezinye.

Eqhuba uthe: “Kungijabulise kakhulu ukumenyezelwa kokuthi imidlalo ibuyela enkundleni. Bese kuphele isikhathi eside abadlali bengakwazi ukuziqeqesha badlale nemidlalo esezingeni eliphezulu. Okumqoka ukuthi kumele sikhombise ukuthi besikukhumbule ukudlala ngokuthi silandele imthetho yokhuvethe ebekiwe ukuze singeke sizibone sesimiswa futhi.”

See Also

Uthe akukho akufisayo ngaphandle kokuthi anqobise leli qembu iligi. IDurban Ladies FC ngonyaka wezi-2019 yaphuma endaweni yesi-7 kulogi. ISikhulu Esiphezulu seSAFA uTebogo Motlanthe, sithe konke kumi ngomumo ngokuqala kwale ligi.

“Siyajabula ukuthi kule mpelasonto izoqala iligi, ekubeni kade sekumiwe isikhathi eside kungadlalwa ngenxa yokhuvethe. Le sizini yesibili izoshuba kakhulu, okunye okuzokwenza ukuthi ishube ukuthi sandile isibalo samaqembu futhi athole isikhathi eside sokusayinisa abadlali. 

Iqembu elizonqoba lizobe lisebenze kanzima,” kusho lesi sikhulu.  

Imidlalo yale ligi izodlalwa njalo ngezimpelasonto kuze kube umhla zili-14 kuLwezi nonyaka, kanti inhlangano yokusaka iSABC Sport izosakaza umdlalo owodwa ngesonto.

Imi kanje imidlalo yale ligi kule mpelasonto

  • I-UJ FC neBloemfontein Celtic Ladied ne-UJ Stadium, eSoweto Campus
  • ITUT FC ne-UWC, eTUT Stadium (umdlalo ozosakazwa)
  • ITsunami Queens FC neCoal City Wizards, e-Itabazwe Sport Complex, eHarrismith
  • IThunderbirds Ladies neDurban Ladies FC, eJan Smuts Stadium
  • IRichmond United neFirst Touch Academy, eMerino Stadium, eDe Aar
  • IMamelodi Sundowns Ladies FC neGolden Ladies, eGroenkloof Stadium, ePretoria
  • IMa-Indies Ladies neJVW  FC, eThohoyandou Stadium

* Yonke le midlalo izoqala ngelesi-3 ntambama

Scroll To Top