Sibhekene nokhuvethe oluyisifo nolunguHulumeni kaKhongolose kuleli


Ukhuvethe luyinto embi kakhulu ngoba lufike lwasemuka abathandiweyo bethu. Cishe sonke siyavumelana ngalokho. Kodwa-ke iqiniso lithi igciwane elikhulu esibhekene nalo akulona nje ukhuvethe.
Igciwane elikhulukazi nguHulumeni kaKhongolose. Imiphumela nemithelela yaleli gciwane ibingeke izwele kangaka ukuba besinoHulumeni oqotho nokhathalele abantu abamkhethile. Kunalokho siphethwe ngabantu abangene ebuholini beyogcwalisa izisu zabo. Ukuba besinobuholi obusikhathalele ngabe iningi lezakhamizi ligomile manje. Kunalokho inkence eningi engabe isiza ekwenzeni lokhu yehliswa ngemilenze. Le mvalelwakhya esixinwa ngawo ayizikusiza ndawo.
Ukuvalela abantu ezindlini akuzumisa noma kulaphe igciwane. Kunalokho imvalelwakhaya imisa umnotho. Umnotho ontekenteke uza nokuncipha kwamathuba omsebenzi avele eyindlala. Okuyikhona okuzosiza abantu ukuphuthunyiswa kohlelo lokugoma iningi lezakhamizi. Ekwenzeni lokhu sidinga ukuqinisekisa ukuthi sisebenzisa imigomo yezinga eliphakeme. Imvalelwakhaya ingukuthenga isikhathi nje.
Umbuzo uthi ngesikhathi sithenga isikhathi ngemvalelwakhaya, kukhona yini uhlelo olucacile lokulwa nalesi sihlava esilwakhayo? Kuyinkolelo yami ukuthi nakuba ukhuvethe lulubi, kepha kukhona okuhle eliza nakho. Alufikanga nje lwasemuka abathandiweyo bethu, kepha luzosishiya nezifundo zengunaphakaze. Lusembule inkungu emehlweni sabona obekufihlakele kanye nalokho ebesikuziba.
Kungesikhathi sokhuvethe lapho uNgqongqoshe Wezempilo osamisiwe embuleke izinqe, kwahlala obala amahlazo akhe. Lokhu abanye bethu abakuhogela namuhla kuwumsanka omdala okade wamlandela uKhabazela kusukela esanguMphathiswa Wezempilo esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Kuthi angithi lesi yisiqalo sesiphetho sohambo lukaKhabazela kwezepolitiki. Nokho ukuhamba kukaKhabazela (uma egcina ehambe unomphela) akuzuxazulula zonke izinkinga esibhekene nazo. Kungenzeka ukuthi njengamanje umuga uphume ngoDkt uZweli Mkhize, kepha lokhu kuyiconsana nje ezinkingeni esibhekene nazo.
Iqiniso lithi inkohlakalo iyingxenye yolibofuzo lweqembu elibusayo.
Sengikuvumile ukuthi uKhabazela akamsulwa kulokho asolwa ngakho, kodwa angikuvume futhi ukuthi uyimvu yomhlatshelo. Uzithola esebenziseka ukwenza sikholwe ukuthi uHulumeni obusayo uzimisele ukulwa nenkohlakalo. Labo abamphenya ibheshu abamphenyi nabo ngoba bemsulwa noma belwisana nokungalungile.
Lena yimpi emayelana nezinto eziminxa emithathu. Okokuqala, yilabo abanomuzwa wokuthi kukhona abathola intshontsho elinonile esithebeni senkohlakalo kunabo. Umunxa wesibili yilaba abathi, kade sidla ndawonye kodwa manje usudla wedwa okanye usudla nabanye.
Umunxa wesithathu yilabo abathi kudala nidla simile silindile, sekuyisikhathi sethu nathi manje sokuba sicoshe iqatha ogqokweni kungaze kuphele. Kuyaphawuleka phela nakho ukuthi lizohamba lihambe liphele ivenge. Nazi nezinkampani zikaHulumeni azifaki nzuzo okuyizo okumele engabe zandisa esithebeni. Yingakho nabanye bengasakwazi ukulinda, funa baze bafike sebephunga umhluzi amaqatha engasabonwa.
Okungcono ngokhuvethe lolu oluyisifo ukuthi sekutholakale nemigomo yokwenza izaba yokuzivikela. Lokhu kunika ithemba lokuthi ngelinye ilanga elingekude singalithola nekhambi. Esingakwazi nokho ukuthi lolu khuvethe olunguHulumeni lona sizowuthola nini umgomo wokuzivikela kulo? Angisayiphathi-ke eyekhambi lokuzelapha.
Okufike kube buhlungu kakhulu ukuthi nakuba sibheke okhethweni, alubukeki luzoba yikhambi kulo mkhuhlane esibhekene nawo wabaholi abangogombela kwesabo. Lokhu ngikusho ngoba emaqenjini amaningi epolitiki esinawo, wonke aphethwe abantu abalambile. Wonke anotwayi lawo ngokuhlukana kwawo. Esikhathini esikuso osazitshela ukuthi kunosopolitiki onendaba naye, uzishaya ngemfe iphindiwe.
Kunenkulumo yalowo owayengumculi wase-USA uKurt Cobain engiyithandayo. Uthi, ‘kungumthwalo wentsha ukulwa nenkohlakalo’. Kuliqiniso lokhu ngoba inkohlakalo idla ekusaseni lalabo abasebasha. Noma ngingeke ngibe nazo zonke izixazululo kepha nginawo umnikelo omncane kule mpi.
Okokuqala wudaba lukaHulumeni lokuthenga izinto ngohlelo lwamathenda. Yiningi inkohlakalo engagwemeka nenkece engongeka uma uHulumeni eluyeka lolu hlelo. UHulumeni akazithengele yena qobo kulabo abadayisayo. Okwesibili ukuncishiswa kohlaka lukaHulumeni.
Ucwaningo luyaveza ukuthi uHulumeni onohlaka olukhulu kakhulu lokuphatha uyiwele nenkohlakalo. Uhlaka olukhulu lwenza kube lula ukuba kube nezingoxi lapho inkohlakalo izohlala khona ingabonakali kalula.