Now Reading
ISILO Samabandla igugu lamagugu
Dark Light

ISILO Samabandla igugu lamagugu

Yasho inceku naseBhayibhelini yathi: “Ngiswele amazwi ayizinkulungwane okubonga.” Kayishongo ukuthi izinkulungwane ezingaki. Lokhu kwakwenziwa wukuthi amazwi ayengalinganisa nje ukubonga kwayo, kungafinyeleli kulokho eyayikufisa noma ikuzwa ngaphakathi. Kuningi okwakusilela ngemumva phezu kokuba isibonge yanconcoza.

Nathi namhlanje siphindaphinda amagama angagugi kodwa angakuqedi konke ukuthi kuwe insika, kucekeleke umuthi omkhulu. Sembuleke ingubo esingazi ukuthi siyobuye siyithole yini enye. Sinqunu. Kasiphethe lutho nasesandleni. Siyalambatha. Umphefumulo wethu uyathatha uyabeka, uyaphuma uyangena. ISILO uZwelithini Goodwill kaBhekuzulu kaMaphumzana kaDinuzulu usedlulele kwelingumnini wakho konke ukulunga, ukuthula, ukuthanda, ubulungiswa, ukuthobeka, ukuphila, nokuhlonipha.

Ake sithi janti ezifundweni esizifunde koNgathethimanga

  1. Ukuba nesibindi sokumela lokho ebesikholwa yikho singaguquki noma sibona ukuthi sekungase kuphatheke kabi abanye abantu, ngisho abazazi besondele kuso. Kuso iqiniso lalingaphezu kobungani. 
  2. Kaningi sibona kuso ubufakazi bokubanethemba eliphelele esizweni saso nakulabo ebesisondelene nabo ukuthi banembewu ngaphakathi kubo yokuba benze okufanele futhi baphumelele kakhulu baze baphumelelise nabanye.
  3. Ukwazisa umlando osizayo mayelana nesizwe saso nezinye izizwe ebithintana nazo. Ibizihlupha ngokuphenya uhlobo lwezinselelo zabo bese ikhuluma ngazo yeluleka ngezimiselo ezisemqoka lapho umuntu kufanele asombulule izinkinga, njengokuba mnene, njengokungachemi nohlangothi oluthile. Besinesineke ekuchazeleni umuntu aze abone ukuthi kuthiwani, besinenhliziyo yokulalela okushiwo yilowo osuke enenkinga noma elulekwa. 
  4. Ibifundisa ukuthi ukufisela omunye umuntu izinhlanhla nawe kukulethela inhlanhla. Lezo zinhlanhla kaziphumi kulo omfiselayo kodwa ziphuma kuMabi wezinhlanhla, uMvelinqangi.
  5. IMbube isifundise ukuphikelela, beyenza ekubonayo ukuthi kulungile ngisho seyisolwa kuthiwa iphindisela isizwe sakwaZulu emumva. Isibonelo yisiko loMhlanga eyalisimamisa kusukela ngowe-1984 lavuthwa laba wundabuzekwayo umhlaba wonke. 
  6. ONgangezwe Lakhe ube yisibonelo esikhulu mayelana noMkhosi Wokweshwama. Wasifundisa ukumela nokujulukela esikholelwa kukho saye sabuya ezinkantolo abezinhlangano zokuhlukunyezwa kwezilwane bethi uMkhosi unesihluku ezilwaneni. ISILO sasinekhono lokusondeza abangompetha emkhakheni okufanele ulungiswe bese sithi kababheke lokho okufanele kuvikelwe.
  7. Sifunde inhlanzeko eSILWENI. Ngisho siphesheya sasiyaye sithi: “Ningaphindi ningedlulise lapha mina.” Sasisho uma indawo ingahlanzekile. Sasenqaba ukudla endaweni yokudlela esetshenzelwa ngabantu abagqoke izingubo ezinokukhahlaka kancane. Sasikhuza noma ngubani onobunuku ngisho lowo angathi yindawo yomphakathi, sithi siyakuzonda ukubona kwenekwa amanikiniki kovulande emadolobheni, okuphuphisa indawo.
  8. Besiyithanda kakhulu imfundo iSILO sikhuthaza othisha nabaphathi bemfundo ukuba bazihluphe ngokukhiqiza abafundi abasezingeni eliphakeme. Besingumshumayeli omkhulu wokuthi umuntu kufanele akwenzisise lokho ajutshwe ukuba akwenze, futhi abe msulwa ngokuba angadukeli ekuhlukumezeni asebenza nabo nabanikelwe kuye ukuba abathuthukise.
  9. Sibone iNdlovu enamandla iphatha kahle abantu abebeyisebenzela. Ibibathanda bonke. Uthe omunye obeyigada wakwaSokhulu kangikaze ngikhale kangaka ngikhalela ukushona kukababa womunye umuzi. “Ukukhala engikukhale kuguqe iSILO kangikaze ngivivinyeke kukho, zivele zehla, zehla zathi pho pho pho.”
  10. Uthando lomhlabathi nemfuyo belumangalisa. ISILO silimile, safuya, sazibambela mathupha phambi kwethu. Ukuba sakulandela  esasikubona sikwenza  ngabe asancipha amaplastiki ehla enyuka ethengwa ezitolo ngalo ubala lwempesheni, lwezibonelelo noma lwamaholo amancane. Kuyoba kuhle siyijabulise lapho ikhona iMbube ngokulima ispinashi, ishaladi, nokunye ukuze sidle ukudla okunomsoco wemvundela yemvelo. 
  11. UBayede ubeyinakekela kakhulu impilo yakhe engadli noma yini noma kanjani. Yisifundo lesi okufanele sizijube sisilandele ngokusikhumbula nokusijabulisa iSILO lapho sikhona. Besimelene kakhulu notshwala nezidakamizwa. Besikholwa futhi ukuthi nalowo oseke wangena kule nkinga unokuba aphume kuyo uma esizwa naye elalela.
  12. Ishashalazi ebicabangela phezu kwalo iNdlovu enamandla, esebenze incike kulo, bekuyiBhayibheli nazo zonke izimfundiso zalo. Besingenzi lutho iSILO singathandazile. Ngisho sindiza besithi ake sigobise amakhanda ngaphambi kokuba indiza isuke. Konke lokhu ukukha nje phezulu ezifundweni esizifundiswe Yizinyane Lengezengeze.


UMLANDO KAFUPHI

  • ISILO sahlala esihlalweni sineminyaka yobudala engama-23
  • Sibuse iminyaka eyedlula zonke iziNgonyama zikaZulu
  • Sebuze mhla zili-12 kuNdasa kophezulu
Scroll To Top