Now Reading
Ezinye izinqumo zonompempe ku-ABC zifuqwa umswane wembabala
Dark Light

Ezinye izinqumo zonompempe ku-ABC zifuqwa umswane wembabala

Lokhu kuyawubulala lo mdlalo omuhle futhi kwenza ukuthi lingabonakali ikhono eligcwele emaqenjini adlala kulesi sigaba 


“Lapha ku-ABC Mostepe League ungakwenza konke kahle, kodwa ngeke uye ndawo. Ngisho ungathatha abadlali abadlala esigabeni esikhulu, ngeke banqobe ngebhola labo elihle. Ukuze unqobe kule ligi kumele ube nemali.”

Lawa ngamazwi ashiwo omunye wababaqeqeshi engimhloniphayo ngokukhiqiza abadlali abancane. Wawasho ngesikhathi ebuzwa ngamalungiselelo omdlalo weqembu aliqeqeshayo nelinye adlala kulesi sigaba.

Okunye akubalula wathi: “Ukunqoba umdlalo kulesi sigaba ukuthi umdlali we-12 okungunompempe abe ngakuwena ngoba uyena okwenza unqobe.”

Ngamafuphi le nkulumo ihumusha isisho esithi; “Imali impande yesono”.

Nami ngike ngathatha isikhathi ngayibuka imidlalo ye-ABC Motsepe League, bona onompempe bahluleka ngisho nawukufihla ukuthi basuke benikezwe inkece ngaphambi komdlalo.

Ngesizini edlule ngafika kuqala enkundleni okwakudlalwa kuyo, iqembu elalivakashile lafika kuqala. Engakuqaphela ukuthi abadlali babegqoke imifaniswano yeqembu nabaqeqeshi nabo bagqoka izinto ezifanayo. Ngabe senginaka laba ababili ababegqoke izimpahla zabo nabo bephethe izikhwama. Bahamba bayohlala bodwa, kwafika owesithathu emva kwesikhathi ngabe sengibona ukuthi onompempe laba.

Nebala kwakuyibo ngathi ngenhliziyo; “Ngizoke ngibone!” Hhayi ngempela ngabona into engingakaze ngiyibone. Onompempe barobha isiZulu, bathatha ibhola ngaphandle kwebhokisi balibeka ngaphakathi ebhokisini benzelela iqembu elivakashile.

Ngenhlanhla yami onompempe abaningi ngiyabazi ngaphandle kwenkundla. Iningi labo akukho lapho elibambe khona amatoho, ukudlalisa iyona ndlela abakwazi ukubeke ngayo isinkwa etafuleni.

Kusho ukuthi uma kuqhamuka imali eqenjini elithize bavele basho ukuthi ngibonwa yini. Kuphinde kungishiye nombuzo wokuthi impilo yabo abayisabeli yini.

Akekho umuntu ongasuka neqembu lapha eThekwini aye kodlala eMsinga, afike axhoshwe unompempe kalula kanjalo. Uma abadlali bengathatha isinqumo sokuthi bayamshaya engenza njani njengoba isikhathi esiningi bengekho abaqaphi ezinkundleni?.

Omana lapho ngikutshele, nabantu abayazi ukusuka nokuhlala indaba yaku-ABC Motsepe bayakutshela ukuthi ithi iqala isizini lisuke laziwa iqembu “eliphushwayo” ukuthi kube yilo elinqoba iligi, kusho ukuthi lisuke likhokhe kahle.

Akuyona i-ABC Motsepe yaKwaZulu-Natal kuphela enale nkinga yonke indawo ikhona, ngikhuluma nje abanye babadlali engibaziyo abadlala eLimpopo bakhala esifanayo bathi baxhoshwa kubuka wonke umuntu.

Okubuhlungu ukuthi abaphathi bamaqembu basebenza kanzima kumele baholele abadlali, bajike bacindezelwe onompempe. Ukuboza konompempe kuligi yeDStv Premiership kuqala lapha phansi.

Ingakho begqoza kanje onompempe abasezingeni eliphezulu ingoba iningi labo lifuna ukukhokhelwa nokuyinto engeyinhle neze.

Muva nje ngithe ngifika kweminye imidlalo ngezwa kuthiwa unompempe othize ulaliswe ehhotela elinye lamaqembu ukuze ezolenzelela. Nebala lo mkhoshosho wabanjwa kwaphoqeleka ukuthi kudlalise abanye onompempe.

See Also

Ngaphandle kwezigameko nezinqumo ezenziwa ngonompempe kodwa ibhola liyadlalwa kulesi sigaba.

Uma ngingathola umsebenzi wokuba inhloli yabadlali eqenjini elithize, ngingahlezi ngibuya nokhilimu wabadlali.

Kulaba badlali ngikhuluma ngabangenawo amagama, obonayo ukuthi ukube iqiniso likhona ngabe badlala kuDStv Premiership noma kuGladAfrica Championship.

Ngike ngixakeke iqembu elidlala kuDStv Premiership limemezela umdlali wangaphandle njengomdlali walo omusha. Uthi yabona akabozeli ukuthi akube kuhle, ngisho ngithi kungani la maqembu engabheki abadlali emazingeni aphansi.

Kuthathwe umdlali waseZambia oneminyaka engama-28 ezodlalela iqembu lakuleli, ingabe kuthathwa oneminyaka engama-23 akhuliswe eqenjini.

Ngiyanxusa ukuthi abaqeqeshi bakuGladAfrica Championship nakuDStv Premiership bathathe isikhathi sabo bayobheka abadlali ku-ABC Motsepe League bangajahi ukuyobabheka uma sekudlalwa imidlalo yokuhlunga.

Ngokubhala lokhu angiqondile ukuhlambalaza i-ABC Motsepe kodwa ngibhala ngoba ngibona indlela okwenziwa ngayo ilibulala ibhola elihle.

Ngifisa engathi wonke amaqembu, angaqhubeka nokulandela imiyalelo kaHulumeni ukuthi imidlalo idlalwe ngaphandle kwabalandeli ukuze kungeke kwenzeke le nto eyenzekile yokumiswa kwemidlalo.

Scroll To Top