Now Reading
Utwayi lwabehluleli okukhalwa ngalo luya luvumbuka
Dark Light

Utwayi lwabehluleli okukhalwa ngalo luya luvumbuka

Izinsolo zobuhlobo phakathi kwabehlulleli kanye nosopolitiki abathile zithunaza ezobulungiswa eNingizimu Afrika


Inyanga esikuyo imqoka emlandweni wepolitiki yakuleli. Nonyaka mhla zingama-27 kwephezulu izwe liqopha iminyaka engama-27 kwaba khona uhlelo lokuvota olubandakanya naboHlanga emuva kweminyaka bekhishwe ngenxa yemithetho yobandlululo. Ngandlela thize ngale nyanga izwe libungaza ukuvota okwazalwa yinqubo yedemokhrasi. Kule nqubo kukhona okwabe kumqoka, okuwukuguqula indlela yokubuswa kwezwe lisuka ekubusweni ngamandla ePhalamende kuya lapho izwi lokugcina livela eNkantolo yoMthethosisekelo.

Lolu kwaba wuguquko olunqala ngoba lasho ukuthi osopolitiki ePhalamende, okokuqala yonke imithetho abazoyishaya izobe yeluswa wuMthethosisekelo wezwe okwabe kuhlukile kuHulumeni wobandlululo lapho osopolitiki babekwazi ukushaya imithetho baphinde beluse ukusebenza kwayo, bengomagaya azidlele. Okwesibili sekuyiNkantolo YoMthethosisekelo esinamandla ukwedlula abashayimthetho. Konke lokhu kwenza injolozela ibe kule Nkantolo nakubehluleli ngokubanzi.

Lesi sinqumo sokuba kube zinkantolo ezigcinayo satuswa ngoba kwaba nethemba  lokuthi wonke umuntu uyalingana phambi komthetho. Nokho izigameko zakamuva sezivuse imibuzo ekutheni uma kuwukuthi izinkantolo nabehluleli bangoheshe abaqaphe amatshwele okungosopolitiki nabantu jikelele, ngabe ngubani oqaphe uheshe?

Isethulo sakamuva nesenziwe nguMehluleli uMogoeng nayilapho edalule akubize ngesimanga esabehlelayo ngesikhathi lowo onguNgqongqoshe uMhlonishwa uGordhan ecela ukuhlangana naye ngasese. Kulokhu uMogoeng uthi wamangala ngoba kabazani noMhlonishwa kababona abangani kepha uthi izehlo zamehlela ngesikhathi uMhlonishwa esebuza ukuthi engabe ‘umngani’ wakhe izinto zimhambele kanjani.

Lo mngani okukhulunywa ngaye kwabe kunguMehluleli uDhayanithie “Dhaya” Pillay.  Nguye uMehluleli uPillay owakhipha isinqumo esalahla owayenguMengameli uZuma odabeni oluthinta yena (uZuma) noMnu uDerrick Hanekom. Lesi sinqumo esalahla uZuma sahunyushwa ngabaningi kanye naye uZuma njengesicheme nabathile enhlanganweni ebusayo. UHanekom kulo mbango uyamaniswa noMhlonishwa uGordhan.

UMehluleli uPillay akakuphikanga ukuthi ungumngani noGordhan.

“Ngeshwa lobu wubungani engeke ngaziqhelalanisa nabo, sesibe ngabangani iminyaka.” Kule mpendulo umholi weqembu lesithathu kwaphikisayo, uMnu uMalema we-Econimc Freedom Fighters uthe: “Ngizokwethula lokhu emhlanganweni wabakhethiwe ukuthi awulutho ngaphandle kokuthi uyisishoshovu sepolitiki futhi asikufanele isikhundla esiphezulu. Uthatha uhlangathi futhi usuthathe uhlangathi lukaGordhan.”

Khona seziningi izigameko

Akukhona okokuqala kunombono nezinsolo zokuthi inkantolo thizeni noma umehluleli thizeni unokuxhumana nabaholi abathile ngaphandle kwenkantolo. Ngesikhathi salowo owayeyiSekela Mehluleli Omkhulu, uMehluleli uDikgang Moseneke wasolwa ngokuthi ucheme nowayenguMengameli uMbeki ngenxa yenkulumo ayethula emcibini eThekwini. Kule nkulumo uMoseneke waveza ukungabethembi ubuholi bukaZuma. Akugcinanga lapho njengoba ekhuluma emveni kokwehla esikhundleni uMoseneke wathi ngoZuma: “Sonke sibe ngamagwala asaze satshela lesi singuthunguthu ebesihleli laphaya, sizenza umengameli, (nimtshele) uyisilima, nibomtshela ukuthi akakwazi ukubhekana nemicabango ephezulu yokulwela inkululeko. Njengoba sihlulekile ukwenza lokho, eqinisweni sivumele ukuphalala okukhulu futhi abahlwempu bahaqwe ububha kakhulu.”   

See Also

Abathile bamsola uMoseneke ngale nkulumo babuza ukuthi uma enemizwa enjena ngabe ukuhlala kakhe enkantolo akwenzanga yini “ukuchema” kwakhe kumenze athathe izinqumo ezingancikile emthethweni kepha emizweni yakhe.  Omunye osolwayo nguMehluleli uZondo nosolwa “ngokudonswa ngekhala” yiqulu lalabo abalwela abelungu abangogombela kwesabo.

Bakhona nabasola uMehluleli uHlophe eWestern Cape ukuthi “ucheme” noZuma.  Omunye okwaqala kuthiwa usekhikhini likaZuma nguMehluleli uMogoeng emuva kokuthi uMengameli uZuma eqoke yena kunoMoseneke. Oshicilelweni lwakamuva lweBAYEDE ngaphansi kwesihloko esithi: Ihlomela Ehlathini: Iyalolwa ezobhekiswa kubehluleli, omunye okwakhulunywa naye wathi ngabehluleli: “Bheka nje lapha eSifundankantolo saseGauteng ngaphansi kukaMehluleli uMlambo kwake kwakhona isikhathi uma nje amaqembu aphikisayo ikakhulu abeDemocartic Alliance befuna ukuphikisa izinqumo zikaHulumeni babeya khona. Uma sebenze njalo wase wazi ukuthi umphumela uzovuna abaphikisayo. Uma ungakukholwa lokho hamba uyobheka uhlu lwamacala uHulumeni adliwa kuwona ngaphansi kwalesiya Sifundankantolo.” 

Enza isethulo ngesikhathi amalungu ePhalamende enanela inkulumongqangi kaMengameli yangomhla zili-11 kuNhlolanja, uMalema uthe ngabanye abehluleli kuleli: “Singeke siqhubeke sizibe izinsolo ezikhulayo futhi ezikholekayo manje zokuthi amanye amalungu aqavile kwezobulungiswa ayakhokhelwa yizakhiwo zogombela kwesakhe zabelungu.” 

Waqhubeka wathi: “Abantu bazobavukela abehluleli asebengumthetho ngokwabo ababuye babe munye nosopolitiki. Nabehluleli nabo bangaphenywa. Abekho ngaphezu komthetho. Abezobulungiswa kufanele bazi ukuthi abawedluli uMthethosisekelo. Akukho okukhethekile okubanika amandla okucabanga ukuthi bangawuguqula uMthethosisekelo bese bethatha amalungelo abantu. Baziphikisa bona ekugwebeni kwabo ngoba becabanga ukuthi abathintwa bona.”

Lokhu kukhula kwezinsolo ngabehluleli abathile nezinkantolo kwenza izwe libe segcupheni yokungqubuzana kwezinkantolo nosopolitiki nokuyinto eyohlukumeza abantu ekugcineni.

Scroll To Top