Now Reading
UMengameli wase-Egypt uthela amanzi ngezinsongo zedamukazi e-Ethopia
Dark Light

UMengameli wase-Egypt uthela amanzi ngezinsongo zedamukazi e-Ethopia

UMengameli wakuleli lizwe u-Abdel Fattah al-Sisi, ngeledlule ukhuze i-Ethiopia ngosongo lokungqubuzana olukhona mayelana nedamu layo elikhulu emfuleni iBlue Nile ngemuva kokuthi izingxoxo phakathi kwala mazwe kanye neSudan ziphele ungekho umhlahlandlela.  

I-Ethiopia inethemba lokuthuthukisa umnotho kanye nokukhiqizwa kwamandla kagesi ngaleli damu elibizwa ngeGrand Ethiopian Renaissance okuyinto i-Egypt esaba ukuthi izobeka engcupheni ukuhlinzekwa kwayo ngamanzi umfula iNile. Nayo iSudan ikhathazekile ngomthelela ekugelezeni kwamanzi eya kubo asuka kulo mfula.  

Izithunywa zayo yomithathu le mibuso zihlangane ekuqaleni kwesonto eledlule edolobheni iKinshasa eDemocratic Republic of Congo (DRC) kepha la mathimba ahluleka ukuqeda ukwehluka kwemibono kwala mazwe.

U-al-Sisi, ekhuluma ekuvulweni kwenye yezindlu ezintsha zikaHulumeni uthe iSudan ne-Egypt bayaxhumana ngalolu daba nokuthi “ukubambisana nokuvumelana kungcono kakhulu kunanoma yini enye”.

Ekhuluma ngokungqubuzana kwamuva kulesi sifunda uthe: “Sizibonile izindleko zanoma yikuphi ukungqubuzana. Ngitshela abafowethu base-Ethiopia, asingafiki endaweni lapho nithinta khona amanzi ase-Egypt ngoba zonke izinketho zivulekile.”

UNgqongqoshe Wezamanzi wase-Ethiopia uSeleshi Bekele utshele abezindaba ukuthi angeke aphawule ngesitatimende esikhishwe ngu-al-Sisi.  

“Asiwasebenzisi amanzi aphuma e-Egypt noma eSudan njengoba amanzi enganyuki ngomfula eza lapha kuthina. Sisebenzisa amanzi ase-Ethiopia ngenxa yesidingo sethu esibucayi kulandela ukusetshenziswa ngokulingana nangokufanele ngaphandle kokulimaza kakhulu omakhelwane bethu.”

I-Egypt kanye neSudan esitatimendeni abasikhiphe ngemuva komhlangano eKinshasa, basole i-Ethiopia ngokungahambisani nokuqala kabusha izingxoxo ngaphambi kokugcwaliswa kwesibili kwaleli damu ehlobo.  

I-Ethiopia ithe yona ngeke ingene esivumelwaneni esizonukubeza amalungelo ayo okusebenzisa amanzi omfula iNile.

See Also

Abezindaba baseSudan babike ukuthi uHulumeni waleli zwe ovele obambeke kumbango womngcele ne-Ethiopia ucele ukuthi abagcini bokuthula base-Ethiopia abaseningizimu yaleli lizwe (Sudan) abakhona ngomyalo we-United Nation kufanele bashintshwe.

“Kukhona indlela yokwenyuka kwezepolitiki futhi zonke izinketho zivulekile eSudan ngokusho komthetho wamazwe omhlaba kubandakanya nokufaka umkhandlu wezokuphepha we-United Nations (UN Security Council),” kusho uNgqongqoshe waseSudan ekhuluma esithangami sabezindaba edolobheni iKhartoum.  

ISudan kanye ne-Egypt bahlongoze ukufaka izinhlangano i-European Union (EU), i-United States of America (USA) kanye ne-United Nations njengabalamuli ngokungezelela ekulamuleni la mazwe okwenziwa yi-African Union (AU). Womabili la mazwe athe i-Ethiopia isinqabile lesi siphakamiso ngesikhathi kunomhlangano uSeleshi athe konke kuwumzamo wokubambezela ukwenzeka kwezinto ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

Emasontweni amabili edlule u-al-Sisi uthe; “kuzoba nokungazinzi okukhulu” kulesi sifunda uma amanzi ase-Egypt ezokhubazwa ukuba khona kwaleli damu.

Scroll To Top