Now Reading
OMdala ubengumgcini noMzwelibantu kwaze kwabasekugcineni
Dark Light

OMdala ubengumgcini noMzwelibantu kwaze kwabasekugcineni

Ongangezwe Lakhe ubengumgcini nomnakekeli wemvelo oqavile, Ubehola impi ekubulaweni kobhejane njengoba sibheka ukuthi le mpi akuseyona kuphela engaliwa ngokusayina izivumelwano zamazwe phakathi kwemibuso kanye nemikhankaso yalabo abangabagcinimvelo. 

Mayelana nalokhu, ISILO sasebenzisana nabakwa-Ezemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ekusungulweni kwalokho okuqondiswe ekufundiseni izakhamuzi ngomthelela omubi wokuzingela obhejane esifundazweni nasezwenikazi. 

 Sisebenzisa inhlangano yaso esiza umphakathi iKing Zwelithini Foundation, ISILO siqhubekile salekelela sabuye sakhuluma ngemigudu enganakiwe kakhulu. Inhlangano ilekelela ikakhulukazi okusungulwa kuzwelane nabantu njengokubhekana nesandulelangculaza nengculaza, izikhungo zomphakathi zalabo abasegcupheni yokufa, ifagugu lamasiko nokuhlangana komphakathi, kanye nezinhlangano ezibhekelela labo abasengcupheni ngokwenhlalo (abadala, abesifazane, intsha nabakhubazekile). 

Inhlangano iyisizinda lapho iSILO sikhombisa khona uthando nokunakekela abantu baso. 

 Ezikhathini lapho izimo zempilo ziguquguquka, OMnyama ubehlala njalo elubhaqa olukhanyisela isizwe sikayise. Ngokungangabazisi ubeyinhloko yekhaya nesizwe. 

Engubaba kaZulu. Ubukhona kwakhe phakathi kwesizwe  bekuwubufakazi bezolo lethu, inamuhla nekusasa. Ubemele uZulu osewalala, ophilayo naloyo osazozalwa.

Ezikhathini eziguquguqukayo, iSILO sibe ngumkhombandlela walokho okungamagugu ayisisekelo okwakhelwe phezu kwawo eleNdlovukazi uMthaniya  neNingizimu Afrika. Lawa magugu yisiko, inhlonipho kanye nobuhlakani. 

See Also

ISILO asichonywanga uphaphe lwegwalagwala ngokulondoloza umlando ngokuvuselela nokuqhakambisa amasiko awumcebo namadala kuphela, kodwa futhi nangokwakha uhlaka olungena khaxa esikhathini esiphila kuso sedemokhrasi.

Ngesikhathi saso iSILO, senze isiqiniseko sokuthi iSihlalo asilona nje uhlaka lwemicimbi yesizwe nje kuphela kodwa senza umnikelo eminyangweni kaHulumeni, ukwakha ubumbano ezweni lonke nasekusimamiseni umnotho. 

Lapho izikhathi ziguquka ezweni nasemhlabeni jikelele, iSILO sikwazile ukuqhamuka nezinhlelo ezinhlobonhlobo zokuthuthukisa uZulu. Lezi zinhlelo kazigcini nje ngokukhuluma ngamasiko, okuyinto iSILO esiyiqhakambisa kakhulu kepha siyangenelela

Scroll To Top