Kusolwa amasotsha aseSomalia e-Ethiopia
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukungqubuzana emngceleni phakathi kwabohlanga lwama-Afar e-Ethiopia kanye nesifunda iSomali kubulale okungenani abantu abayikhulu, lokhu kushiwo yisikhulu sakulesi sifunda ngesonto eledlule.
Lokho kube wukuqubuka kodlame lwakamuva ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Cishe izakhamuzi eziyikhulu zibulewe ngesonto eledlule selokhu kwaqala ukungqubuzana, kusho u-Ahmed Humed oyiSekela likaKhomishana wamaphoyisa esifundeni sabohlanga lwama-Afar. Uthe lolu dlame luqalwe ngesikhathi amasosha esifunda aseSomalia ehlasela.
UMnu u-Ali Bedel, okhulumela isifunda saseSomali, uthe cishe abantu abangama-25 babulewe ngoLwesihlanu “kwathi inani elingaziwa lezakhamuzi” labulawa futhi yibo abebehlasele ngoLwesihlanu.
Zombili izinhlangothi ziyakuphika ukuthi yizo eziqale udlame kepha ziyasolana ukuthi ngomunye oluqalile. Abuvelanga ubufakazi obuqinile bokuthi ngabe leli nani labangama-25 yisibalo esiseceleni noma siphuma kwesabayikhulu ebesivelile ngaphambilini.
Izimpi ezisondele emngceleni zibe ngaphambi kweyezinyanga eyisithupha yasenyakatho lapho kuxabene khona uHulumeni kazwelonke kanye neqembu elalibusa ngaphambilini esifundeni saseTigray.
Kodwa-ke udlame selushubile njengoba uHulumeni kaNdunankulu wezwe u-Abiy Ahmed uzama ukuqinisa ukulawula isifunda saseTigray lokhu okugcizelela ukuthi lowo owaklonyeliswa ngeNobel Peace Price (u-Abiy) uyehluleka ukugcina leli zwe lihlangene futhi liyimbumba. Ukhetho oluzayo luthathwa njengesivivinyo sobumbano oluntekenteke lwaleli zwe oselubekwe inselelo amaqembu amaningi asanda kuvuka ezifundeni amanye awezinhlanga.
“Amabutho esifunda aseSomali…ahlasele izindawo zaseHaruk kanye neGewane esebenzisa izikhali ezinzima okufaka phakathi ombayimbayi namabhomu. Izingane nabesifazane babulawe belele,” kusho u-Ahmed.
Ngonyaka wezi-2014 umngcele phakathi kwalezi zifunda wadwetshwa kabusha uHulumeni kazwelonke, waphinda wadwetshwa kabusha umfelandawonye wezinhlanga ezahlukene owawubizwa nge-Ethiopian People’s Revolutionary Democratic Front (EPRDF). Amadolobha amancane amathathu asuka ngaphansi kweSomali afakwa ngaphansi kwe-Afar osekuyisikhathi eside izama ukuwabuyisa.
Ngenxa yalokhu amasosha aqhamuka ezifundazweni ezimbili empumalanga yezwe aseke axabana ngaphambilini ngenxa yemingcele okuphikiswana ngayo.
NgoMfumfu ngonyaka odlule kwabulawa abangama-27 ngesikhathi kuqubuka ukungqubuzana emingceleni kwathi izinhlangothi zombili zasolana.