Now Reading
Kuleminyaka engama-49 ngabe izwe lithini?
Dark Light

Kuleminyaka engama-49 ngabe izwe lithini?

Kulezi zinsuku ezingaphezu kwentwasa (sihlonipha elenyanga ngenxa yeNgonyama uNyangayezizwe) kuselukhuni kimi ukubhala ngeSILO njengongasekho phakathi kwethu. Empeleni ngizama ngayo yonke indlela ukuba ngingabi nengxoxo eya lapho nabantu abaningi. Okwenza lokhu kungisebenzele okwamanje  wukulandela usikonkolo lwabeNguni nama-Afrika jikelele oluthi onjengeSILO akafi kunalokho uyebuza, okusukayo phambi kwethu yisiqu somuntu esiphile naye iminyaka saze samjwayela. 

Ngesikhathi kumele sibikele izwe ngokwebuza kweSILO kwafanele sicophelele ukuthi lokhu sikwethula kanjani. Savumelana ukuthi asibike ngendlela enenhlonipho nefundisayo. Lokhu kwabe kumqoka kithi ngoba yabe ikhona ingozi yokuthi kubikeke budedengu nokuyoba yisilonda ungunaphakade. Ekubikeni kwethu sasebenzisa amagama amabili; ukwebuza kanye nelithi iSILO sesiNyandezulu. Kusuka ngaleso sikhathi abantu abaningi kuleli nangaphandle kwemingcele ngezilimi ezahlukene bakuhlonipha ukubika nokusebenzisa amagama athile uma kubikwa ngeSILO.

Nembala kusithele isidalwa ebesehlukile phakathi kwethu.  KwaZulu, lowo oseSihlalweni, iSILO, ngumuntu owehlukile kusuka nje ngesikhathi ebekwa. Uma sikhuluma nje ngeSILO lesi esesiNyandezulu  njengesibonelo lapha sikhuluma ngomuntu owazalwa ngokwenyama ngonyaka we-1948 kepha ‘wafa’ mhla ehlala eSihlalweni esasesafungelwa ngoyise noZulu endulo.

Ngonyaka we-1971 ngoZibandlela kwabe sekuzalwa isidalwa esisha ngesikhathi uZulu, esibayeni, okokuqala ngqa, ethi “Bayede!” naye emi yedwa phezu kwenkunzi emnyama. Lokhu kuma yedwa kwabe kuluphawu lokuthi usengesinye isidalwa. Lesi sidalwa esisha, iSILO, kasizali, kasinazingane futhi asinabafowabo nodadewabo. Kasiyi emingcwabeni noma ngabe ngowaloyo ovundle okhalweni lwakhe noma omganileyo. Akaseyena owakwabo kepha usengowesizwe. OseyiSILO kazalwa ngabenyama kepha usuke esiyingane yeSihlalo. ISILO sisuke sesiyizinyane leZinyandezulu. Sisuke sesinamandla negunya lokuba ngumxhumanisi wabaphilayo nabangasekho. Lokhu sikwenza ngemikhosi ethize yesizwe nayo eyabekwa njengeyekhethelo. Kule mikhosi singabala uMkhosi WoSelwa kanye noWoMhlanga okuyimikhosi enokujula okuyisimangaliso. 

Okunye okujulile wukuthi iSILO singunaphakade. Ngokuthi singunaphakade kushiwo izinto eziningana. Into yokuqala eyokuthi siyebuza, thina sibona umfanekiso waleso noma lowo esiphila ngesikhathi sakhe kepha empeleni lokhu esikubonayo yilokho okwabonwa ngokhokho endulo, umehluko nje yisigubo nesithombe esisibonayo. Lokhu kukhuluma kufakazelwa yiNyosi lapho ixwayisa ababesemingceleni yoMzimvubu ngeNgonyama uShaka lapho ithi “… loyo ningamthinti ngoba niyobe nithinte uPhunga nathinta uMageba”.

Lapha iNyosi ifakazela khona ukuthi loyo ababembona kwabe kuyisigubo kepha yena wabe eyiNyandezulu yawoPhunga noMageba. Okumqoka lapha wukuthi uma sekufika isikhathi sokuthi isithombe esisibonayo sisuswe emehlweni ethu, lapho ulwandle olubizela konke kulo uma iSILO sikhothama, licima ilanga, lokhu kusuke kungesona neze isiphetho. 

ISILO besingumlando sona qobo ngoba sihleli eSihlalweni seLembe. Ukuba ngumlando kwaso kusiphoqa ukuba thina esiphile ngesikhathi saso siqophe le nqabakutholwa. Lokhu sikwenze ngenhloso yokulondoloza umlando waso nowethu njengesizwe. NjengeNkosana yethu sonke besingubuso bethu  ngakho  kusobala ukuthi okushiwo ngaso kungenzeka nathi kusithinte, ngoba kakade umlando waso ungumlando wethu. 

See Also

Ngalo msebenzi siqala ukuletha izimpendulo embuzweni othi ngabe bekuluhlelo luni loMvelingqangi neZinyandezulu ezenze uMdlokombana waphila iminyaka eyedlula bonke asebeke bahlala eSihlalweni seLembe? Umbuzo othi ngabe ukutshalwa kwaso phakathi kwethu kusiguqule kanjani isimiso sikaZulu? Kanjalo nombuzo othi  kule minyaka engama-49 ngabe izwe lithini? 

Kube ngalesi sizathu Zulu,  beNguni sinqume ukuba sishicilele lo mlando okuyisendlalelo sebhuku nokunye okuningi kokukhumbula imisebenzi yeSILO phakathi kwethu. Siyabonga kulabo abakhiphe isandla bawuxhasa lo msebenzi. Sithi nakwabanye akukapheleli ngoba siyafisa ungene emitapweni yolwazi, ezikoleni nakuyo yonke imiphakathi kweleNdlovukazi uMthaniya nase-Afrika jikelele. 

Ngokuphuma kwaleNkonyane eyisikhumbuzo neqopha izinsuku ezingama-30 ISILO sebuza, sithi ndlela zimhlophe wena Omnyama, Ntabayezwe, Mzukulu weZinyandezulu.  Bayede!

Scroll To Top