Uyadela wena owawulapho!
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulichilo ukuthi eminyakeni eyi-137 alikahlonishwa iqhaza lamadelamzimba kaZulu
KUYO yonke imilando yezizwe kukhona lapho kukhulunywa khona ngabantu abalwa belibutho noma beyimpi kwasala izibongo, izibongo okuyizona ezibalilelayo. Lapha sikhuluma ngezimpi zasemandulo ezimlando wazo usuluvindi: singabala amaSpartans, amaHoplites aseGreece, amaJanissaries oMbuso i-Ottoman kanye nabaqaphi boMbusi u-Augustus. Kanjalo nakuZulu amabutho ayeyisakhiwo sesizwe, engabaduduli bempi bengesiyo ingxenye yayo kodwa eyimpi luqobo lwayo.
Izifundiswa nosomlando bezempi bahlala bevumelana ngazwi linye ukuthi kukhona okwahlukile ngomkhumbi wempi kaZulu. Bathi isakhiwo samabutho singumphumela wendlela okwakuphilwa ngayo. Ngakolunye uhlangothi kunokuvumelana futhi ukuthi umkhumbi wempi kaZulu wazala inkulumo ethi: kuhlala kukhona okutholakala e-Afrika, emper Africa simper aliquid novi.
Lawa kwakungamadela-mzimba, ayefunge ngezingazi zawo ukuvikela uBukhosi kanye nesizwe. Nembala nasempini yaseSandlwana zenza njalo izinsizwa. Zadela imizimba yazo zivikela ubukhosi kanye nesithunzi sesizwe. Okunye okungaveli nxa kukhulunywa ngempi yaseSandlwana yiqhaza lomkhumbi wempi kaZulu ekuphebezeni izinhlelo zombuso wamaNgisi. Yebo isizathu esabe sisikhulu ekuhlaselweni kukaZulu kwaku wukunqaba kombuso kaZulu ukuba yizimbamgodi zombuso wamaNgisi. Phela amaNgisi ayenohlelo lokuthi zonke izizwe zaboHlanga zizobayingxenye yokwakha ojatshi eAfrika eseNingizimu.
Sekucishe kuhlangane iminyaka eli-137 kungasuki ezingqondweni nasemilonyeni yabantu, umhlaba wonke, ngempi yaseSandlwana, nangezinye esifundazweni esesibizwa ngokuthi iKwaZulu-Natal manje. Imizekelo ngalezi zimpi itholakala ngisho nasebucikweni bomlomo. Nokho, okuyiva elingabanguleki eBukhosini bukaZulu nasesizweni sonke ukuthi yonke le minyaka izinkulungwane zamaqhawe azikutholanga ukuhlonishwa ngokungcwatshwa okuwafanele futhi emva kweminyaka eli-137 kufanele athole ukungcwatshwa ngesizotha nangesithunzi esifanele amaqhawe afela empini. Yize amanye athathwa ngamahawu angcwatshwa yizihlobo ngokwesiko, amaningi asala enkundleni ethoswa yilanga kwasala amathambo amhlophe nalahlwa ngamaNgisi ethi “ayakhuculula”.
Kuyichilo ukuthi nanamuhla eSandlwana kusabhalwe (kuhlonishwa) amagama abahlaseli aboHlanga ababevikela izwe labo akabhaliwe kunalokho kubekwe nje amatshe amhlophe. Lokhu kumele kusikhathaze njengesizwe sizibuze ukuthi senzani ukuhlonipha umkhumbi wempi kaZulu owavikela isithunzi sethu njengoZulu, abeNguni nama-Afrika.
Ukubhijwa komlando
Kufanele kuvele umlando ngezimpi zaseSandlwana, eyaseRorke’s Drift neyasOndini ngokufana, awuveli ngasohlangothini lwamaZulu, njengoba kwenzeka nakubaseMexico osomlando bebhija amaqiniso ngempi yase-Alamo. Nanamuhla umlando waseSandlwana usaxoxwa uhlanekezelwe ngabahlaseli nezizukulwane zabo. Okubuhlungu wukuthi naboHlanga, izizukulwane zamaqhawe kaZulu sezaphenduka opholi, sebekhuluma umlando ohlanekezelwe ngomlando wawo. Isibonelo nje sekuyibo aboHlanga abakhuluma ngeSandlwana sengathi kwakuyimpi yabelumbi nje bodwa noZulu angabe esabalwa amambuka, okwangamakhulu aboHlanga ayengasohlangothini labahlaseli. Abanye uzwe sebekhuluma amalumbo bethi abelumbi babe bancane ngesibalo uZulu uyizinkulungwane kwakhiwa isithombe sokuthi amaNgisi ahlulwa yizinombolo. Iqiniso lithi ngaleli langa umkhumbi wempi kaZulu wawubhekene nekhethelo lempi yamaNgisi eyayiholwa izingqwele zakhona. Khona lapho abahlaseli laba babengahambi bodwa kepha kwakukhona naboHlanga ababebalekelela. Nokho ngobuchule ekaMahlamvana bhula umlilo yadla umhlanganiso emini libalele.
Lo mbhalo ungumnikelo njengephephandaba laboHlanga ungumnikelo kubeNguni nama-Afrika jikelele. Sethemba ukuthi lokhu kuzovusa amandlingozi kwaboHlanga bakwazi ukubhala umlando wabo ngokuyiqiniso. Njengephephandaba laboHlanga siyakholwa ukuthi njengezindlalifa zamaqhawe aseSandlwana ingcabha ikithi ukuthi siwukhulume futhi siwubhale umlando wethu ngolimi lwethu.