Now Reading
ISILO sibe ngumxhumanisi wemiphakathi
Dark Light

ISILO sibe ngumxhumanisi wemiphakathi

“Umlando wamaZulu awusoze waphelela ngaphandle komlando wamaNgisi, amaFulentshi, amaNdiya, amaBhunu nabanye”.  Lawa ngamagama eSILO uma sikhuluma ngobumqoka bokuthi nezinye izinhlanga nezizwe zamukeleke ngaphansi kophahla lukaZulu. Lokhu sabe singagcini ngokukukhuluma nje kuphela kepha sabe senza. Kule minyaka engama-49 sihambele imiphakathi eminingi eyakhele eleNdlovukazi uMthaniya ngenhloso yokwakha lokho esabe sikubiza ngamaxhama obunye. 

Omunye wabantu iSILO esabe sibasebenzisa ikakhulukazi ngasohlangothi lwabomdabu baseNdiya nguMnu u-Ishwar Ramlutchman owaziwa ngelikaMabheka Zulu.  Sichaza ngomsebenzi esabe siwunike uMabheka, iSILO sathi: “Ngiyazi kukhona abazomangala ukuthi ngenzani, kepha uma ngingasekho phakathi kwenu nizoyibona le nto engiyithungayo. NgiyiNkosi yabo bonke abantu abakhele isifundazwe kanye nalabo abakhonze kweleNdlovukazi uMthaniya. AmaNdiya lawa iningi lawo lilapha ezweni lethu ngakho kumqoka ukuthi azi nokuthi amukele ukuthi nawo ngiyiNkosi yawo.” 

Waqhubeka wathi: “Ngiqoke lo mfana wami (u-Ishwar)  ngoba usemncane uzokwazi ukuxhumana nontanga bakhe emphakathini wakhe. Uzokwazi futhi ukuxhumana nontangabakhe lapha kithi bese kukhulunywa ulimi olufanayo lokubuyisana nokukhonza eBukhosini bukaZulu.”

Nembala  kusuka lapho ukuxhumana phakathi koBukhosi nomphakathi wamaNdiya kwakhula.  Ngonyaka wezi-2013 eNyokeni kwenzeka into engakaze yenzeke ngesikhathi amakhulu angama-800 omphakathi wamaNdiya utheleka eNyokeni. Lolu kwabe kuwusuku olungasoze lwalibaleka kumantombazanyana amabili uVinta noPrianca Singh baba nenhlanhla yokusondela eduze kweSILO nesafike sabanga sabamukela. Lolu hambo lwabe luhlelwe ngaphansi komkhankaso weSILO owaziwa ngeKwaZulu-Natal Peace Process olwathulwa yiSILO ngoMfumfu wezi-2012 nolwabe luhlanganisa zonke izinhlanga, amahlelo kanye namaqembu epolitiki. 

Lapha iSILO saphumela obala ngesifiso saso okwabe kuwukubuyisana phakathi kukaZulu namaNdiya nesathi ngoba akuxoxwanga kuzolokhu kuvuka. 

“Kwakuyishwa ukuthi ngesikhathi kubhekwe ukubuyisana phakathi komcindezeli nowayecindezelwe, akukho ukugcizelela okulinganayo okwenziwa ngokubuyisana phakathi kwalabo ababecindezelwe. Akuzange kukhulunywe ngokubuyisana phakathi kwaboHlanga namaNdiya noma ukubuyisana kwaboHlanga naboHlanga. Ngesikhathi sami ukubhekela izizukulwane ezizayo, ngithi akube khona ukubuyisana phakathi kwaboHlanga namaNdiya,” kusho iSILO. 

Phakathi kwabaholi bamaNdiya ababe khona kwakungu-Indrayumna Swami we-International Society for Krishna Consciousness, uShaik Walid Alsadadi, uSobaba uRubin Phillip noMnu uVivian Reddy. Ephawula ngenkulumo yeSILO omunye owayekhona nowayenguMhleli wephephandaba lamaNdiya iPost, uMnu u-Aakash Bramdeo wathi: “Kithi njengamaNdiya inkulumo yeSILO ngokubuyisana nangodlame lwangowe-1949 kube yigxathu eliya phambili kwezokubuyisana. Udlame lwangowe-1949 lwadala ukwesaba nenzondo kuzona zonke izinhlangothi. Iminyaka engama-63 kwakukhulunywa ngakho kusukela esizukulwaneni kuya esizukulwaneni kule miphakathi yomibili kodwa kungekho phakathi kwabo. ISilo saba ngumuntu wokuqala ukwelapha lokhu futhi kufanele sinconywe ngokwenza kanjalo.” 

UMabheka naye owayekhona ephawula ngezinhlelo zeSILO zokwamukelana kwemiphakathi ephila KwaZulu-Natal wathi: “ISILO singubaba wethu sonke akukhathaleki ukuthi umuntu uvela kumuphi umphakathi. Kuyishwa ukuthi kwenye inkathi njengezingane zandawonye, ngaphansi kweSILO sike sibe neziwombe lapho sikhombana khona ngeminwe, sixabana. Nokho kule minyaka ngilalela izinkulumo  zeSILO futhi ngixoxa nodadewethu nabafowethu esisuke sihambele nabo imikhosi kaZulu ngihlale nginomuzwa wokuthi ngelinye ilanga iphupho leSILO lapho sonke sizoba ngumzimba owodwa liyofezeka.” 

See Also

Sekwedlule lo mcimbi uMabheka waqhubeka nokuletha imicimbi eyahlukene eNdlunkulu minyaka yonke. Obudume kakhulu wumcimbi iBayede Dewali nayilapho bekushiywelana khona ngamasiko phakathi kukaZulu nabaseNdiya.  Ephawula ngalokhu uMabheka uthe: “Kwaba yiSILO esagcizelela ukuthi sithanda umcimbi kaDiwali ube seSigodlweni. Sathi lokhu kuzosheshisa umkhankaso waso wokusondeza le miphakathi emibili. Nembala sanede sasho kanjalo ngaqinisekisa ukuthi ngithumela igama emphakathini wamaNdiya nawo wesabela. Yikho size sebuza iSILO sinalo mcimbi obusihlanganisa. Umkhuleko wami ngowokuthi lokhu kuqhubeke njengendlela yokuhlonipha iSILO esingubaba wethu sonke.”

Uvuthondaba lwaba ngesikhathi iSILO sihlangana noNdunankulu waseNdiya uModi nokwakungokokuqala emlandweni. Nalapho Omdala washo igama elilodwa lobunye phakathi kwale miphakathi ukuze ithuthuke. 

Akagcinanga lapho okaNdaba ngoba wamema nemiphakathi yaboHlanga evela ezwenikazi i-Afrika kanjalo namaShayina. NgoMkhosi WoMhlanga nje kwakuba khona abantu abavela kulo lonke leli  nase-Afrika kanye nakwamanye amazwekazi. 

Ngesikhathi sethu iSILO siyaqhubeka nokuba yisishabasheki sokuthula phezu kwezimo ezinzima lapho kukhona ukungalingani emiphakathini eyakhele leli kanye nezibazi ezashiywa wubandlululo.

Scroll To Top