Now Reading
Ushaye ungqimphothwe esehlele ukuvala izwe ngePhasika uMerkel
Dark Light

Ushaye ungqimphothwe esehlele ukuvala izwe ngePhasika uMerkel

NgoLwesithathu, umholi weGermany uNkk u-Angela Merkel umemezele ukulaxaza izinhlelo zokuvalwa kwezwe izinsuku ezinhlanu ngePhasika. Lesi simemezelo silandelwe ukudideka nokugxeka. Lo mbono wokuvalwa kwezwe uMerkel uwubize ngephutha kanti usexolisile kubantu baseGermany. 

Lesi sinqumo sokuhoxisa lolu hlelo siqhamuke emuveni komhlangano nabaholi bezifundazwe ezili-16 okuyibo abanegunya lokuqalisa nokuhoxisa umthetho wemvalelwakhaya. Laba baholi yibo abahlangane ngoLwesibili bavumelana ngokuvala izwe ngenhloso yokunqanda ukhuvethe oseluqale phansi kuleli lizwe. 

Uhlelo bekuwukuthi uLwesine wangeviki elizayo okuwusuku ngaphambi kokuqala kwePhasika kube usuku lokuphumula lapho khona kuzovalwa zonke izitolo ngaphandle kwezokudla. Njengoba uLwesihlanu noMsombuluko kuvele kuyiholidi lokhu bekuzosho ukuvalwa kwezwe izinsuku ezinhlanu obekuvele kuzokwengeza emithethweni yemvalelwakhaya ekhona kwazise isiyelulelwe mhla zili-18 kuMbasa. 

Lolu hlelo alwehlanga kahle kwabaningi kwazise lwamenyezelwa abantu bengaxwayiswanga kanti abantu bavele bacikekile imithetho yemvalelwakhaya. Ekuhoxisweni kalolu hlelo uMerkel uthe: “Icebo lokuvala izwe ngePhasika beluhlelwe ngesihle ngoba kumele siphuthume sinqande ihlandla lesithathu lokhuvethe.” 

Uqhubeke wathi: “Kodwa, leli cebo beliyiphutha, belisungulelwe ngaphezu kwezizathu ezinhle kodwa belingeke lenzeke kahle esikhathini esincane njengalesi. Leli yiphutha lami ngedwa ngoba ekugcineni ingcabha isala nami. Iphutha akumele likhekhelezwe kumele libizwe ngobunjalo balo futhi kukhona konke kumele lilungiswe uma kufanele. Ngiyazi lokhu okwenzekayo kuqhubeza ukudideka, ngiyazisola futhi ngiyaxolisa kubantu bakuleli lizwe”. UMerkel uqhubeke waxolisa naseSishayamthetho ngokweqiwa usuku lokuphendula imibuzo. Amanye amaqembu aphikisayo akwamukelile ukuxolisa kwakhe kulandela ukungahoshelani nokugxekana isikhathi eside. 

USotswebhu weqembu iFree Democrats uMarco Buschmann, uthe ukuxolisa kukaMerkel kwamukelwe ngenkulu inhlonipho ngoba uzifake yena amatomu wabuyela eSishayamthetho hhayi le nto yokuthatha izinqumo zedlanzana labaholi. Selokhu kwagasela ukhuvethe kuleli lizwe uMerkel usolwa ngokubusa izwe neqeqebana labaholi abavele badansela isiginci sakhe. Izibalo zabahaqwa ukhuvethe eGermany ziyaqhubeka nokwanda kusukela kwatholakala uhlobo olusha lwalo mkhuhlane olwaqala ukubonakala eBritain. 

Bayizi-75 000 asebafa selokhu kwagasela ukhuvethe kuleli lizwe kanti kubikwa ukuthi kamuva nje izibalo zabahaqwa ilokhu kufa zinsuku zonke bayizi-15 815. 

Evikini eledlule lezi zibalo beziyizi-13 435. Izindawo zokungcebeleka, ezokudla nezokucima ukoma zisavaliwe namanje kuleli lizwe. Uhlelo okwavunyelwana ngalo ekuqaleni kwenyanga luveza ukuthi kuzoba nesikhathi lezi zindawo ezizovunyelwa ukuvula isikhashana. Lo ngqimphothwe kaMerkel ufika lapho abaqaguli bebika ukuthi lwehlile ugqozi ngeqembu lakhe iChristian Democratic Union of Germany. 

See Also

IGermany iya okhethweni lukazwelonke zingama-26 kuMandulo. Ukhuvethe nemithetho yokulunqanda kube nomthelela ongemuhle kulo mholi neqembu lakhe njengoba kusanda kutholakala ukuthi kukhona amalungu athize eSishayamthetho aleli qembu athola umsebenzi wokuhlinzeka ngezinsiza zokuzivikela kukhuvethe kungafanele. 

Ngaphandle kwalokhu, uhlelo lokugoma kuleli lizwe luhamba ngolonwabu njengoba ne-European Union (EU) yehluleka iyancama ukuhlinzeka amalungu ayo ngomugomo. 

Bangama-9.5% kuphela abantu bakuleli lizwe abasagonyiwe nakhona ngeconsi elilodwa kanti abangama-4.2% bona sebegonywe bawona womabili amaconsi okanye imijovo njengoba kuvele kuyiyona ndlela yokugoma ngokuphelele. 

Lokhu kuyethusa njengoba iGermany iyizwe elingaswele kanti uma iqhathaniswa nelinye elingaswele iBritain yona isigome abangama-54%. UMerkel uthe unethemba lokuthi izwe lakhe lizoyinqiba impi yalo nokhuvethe kodwa uyazi ukuthi lokhu kuzoba nzima futhi maningi amaphutha asenziwe. 

Scroll To Top