IChina ne-USA embangweni waseTaiwan
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Ukungezwani kweChina ne-USA kufinyelele kwelinye izinga kuleli sonto njengoba ukungaboni ngasolinye odabeni lwaseTaiwan kwenze iBeijing yakhipha isexwayiso esinzima isibhekise eWashington.
IChina isixwayise i-USA ukuthi iqaphele ingadlali ngomlilo odabeni olubangwayo lwaseTaiwan emva kokushuba kwemimoya kwangamumva phakathi kwala mazwe. Lokhu kulandela isinqumo soMnyango Wezangaphandle e-USA sokuthi uxegise imigomo ebivimbela ukuthi babe nemihlangano nezikhulu zaseTaiwan nokuyisinyathelo esingehlanga kahle eBeijing.
Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina uZhao Lijian, utshele abezindaba ukuthi i-USA kumele iyeke yonke imizamo yokuxhumana nezikhulu zaseTaiwan. Uthe i-USA kumele ihloniphe izethembiso zayo eyazenza eChina bese “iyeka ngokushesha ukuxhumana nanganoma iyiphi indlela neTaiwan, iphathe udaba lwaseTaiwan ngendlela enomqondo futhi efanele, ngokunjalo iphinde igweme ukuthumela imiyalezo engalungile kulabo abafuna uzimele geqe eTaiwan.”
UZhao uqhube wathi uma ingalaleli i-USA, izinyathelo zayo zokuxhumana nezikhulu zakulesi siqhingi zizoshukumisa isisekelo sobudlelwano obuphakathi kweBeijing neWashington, kanye nozinzo nokuthula eTaiwan Strait, nokuyindawo yamanzi ehlukanise iTaiwan nezwekazi i-Asia.
ITaiwan iyona ndawo ebucayi kakhulu kulezo ezingaphansi kwezwe iChina nokuvame ukudala amazinyo abushelelezi phakathi kweChina neWashington. Okuyiyona nto evame ukuvusa uhlevana izinyathelo ze-USA zokweseka labo abafuna uzimele geqe eTaiwan ngesikhathi iChina ilandela umgomo we-One China, oqinisekisa ukuthi lilodwa izwe elisemthethweni nokuyiPeople’s Republic of China, hhayi iRepublic of China.
Ekhuluma esithangami sabezindaba sansuku zonke, uZhao uthe ubudlelwano obuphakathi kweChina ne-USA busekelwe umgomo we-One China.
“Lokhu abathi imigomo yokuxhumana kwe-USA nozakwabo eTaiwan kubeka ngokusobala ukuthi kuwukukhuthaza ukuxoxisana phakakathi kwe-US neTaiwan, nokuphula umgomo we-One China kanye nezivumelwano ezintathu eziphakathi kwe-USA neChina,” kuchaza uZhao.
Uqhube wathi lesi senzo siphambene futhi izibopho i-USA eyazenza neChina. Ngonyaka we-1979 i-USA yasungula ubudlelwano neChina khathi yamukela ngokusemthethweni iBeijing njengoHulumeni osemthethweni wakuleli lizwe.
NgoLwesihlanu odlule, uMnyango Wezangaphandle e-USA ubuyekeze imigomo elawula ukuxhumana kwawo nozakwabo baseTaiwan.
Isitatimende esikhishwe yilo Mnyango sithe ukhiphe imigomo emisha ephathelene nokuxhumana phakathi kwawo neTaiwan ukukhuthaza ukuxoxisana nokukhombisa ukuzinza kobudlelwano balezi zinhlangothi zombili okungekho ngaphansi kwezinhlelo ezisemthethweni.
Okhululumela uMnyango uNed Price uthe: “Imigomo emisha inaka ukuthi iTaiwan inohlelo lwentando yeningi olubonisa umdlandla nokuthi lesi siqhingi siwumlingani obalulekile kwezomnotho kanye nakwezokuphepha.”
IChina neholwa iChinese Communist Party ithatha iTaiwan njengesifunda esiyingxenye yayo emva kokunqotshwa kwalabo ababephethe ngowe-1949 kwase kubunjwa kabusha izwe labizwa ngePeople’s Republic of China. Labo ababephethe ngaleso sikhathi base bebalekela eTaiwan benethemba lokuthi bayophinde bakwazi ukubuyela emandleni ngelinye ilanga.
Imigomo ye-USA iyisinyathelo sakamumva sokufaka ingcindezi iBeijing ezinhlangothini ezahlukene nokwenza ubudlelwano phakathi kwezi zikhondlakhondla zamazwe bulokhu buzike njalo, yize sekungene uMengameli uJoe Biden.
Njengamanje i-USA isifake iChina ingcindezi odabeni lwesifunda iXinjiang, iHong Kong kanye nendawo ebangwayo iSouth China Sea, nokuyinto iBeijing eyithatha njengokugxambukela ezindabeni zangaphakathi eChina.
Phezu kwalokho la mazwe asazama ukuvuselela ubudlelwano kwezohwebo emva kombango oqubuke ngesikhathi sikalowo obenguMengameli wase-USA uDonald Trump.

