Now Reading
Amasotsha aseChad asolwa ngokungaziphathi kahle
Dark Light

Amasotsha aseChad asolwa ngokungaziphathi kahle

UHulumeni wakuleli zwe ngeledlule uthe amasotsha asolwa ngokudlwengula okungenani abantu abathathu eNiger okuhlanganisa phakathi nentombazane eneminyaka eli-11 ubudala athweswe amacala futhi azobhekana nokujeziswa. IChad yathumela amabutho ayi-1 200 ezweni eliwumakhelwane iNiger njengengxenye yohlelo lwamazwe omhlaba oluholwa yiFrance, lokusiza amazwe ukulwa nabashokobezi benkolo yobuSulumane.

UMnyango Wezangaphandle waseChad uthe izinsolo zokudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi yizigameko ezizimele futhi akumele zingcolise isithunzi samasotsha ezwe noma uhlelo lweNiger lokulwa nabashokobezi.

“Abenzi bobubi sebeboshiwe kanti bazojeziswa ngendlela edingekayo,” kusho isitatimende.

Akubanga kusadalulwa ukuthi ngamasotsha amangaki aboshiwe futhi kwagcinwa lapho ngemininingwane ngokuboshwa kwawo.

Ngesonto eledlule iKhomishini Yamalungelo Abantu yaseNiger iphakamise ukuthi kube nophenyo lwekhomishini ezimele mayelana nalezi zinsolo zokudlwengulwa. Ukuthola kokuqala okwenziwa yikhomishini, ngokususelwa ebufakazini nasekuhlolweni kwezokwelapha phakathi komhla zi-3 kuNdasa kanye nomhla lulunye kuMbasa kuthiwe abesifazane ababili badlwenguliwe kanjalo nentombazane eneminyaka eli-11.

Kulaba besifazane oyedwa wabo osekhulelwe, badlwengulwa phambi kwabayeni babo ababekhonjwe ngezibhamu ngamasosha, ngokusho kombiko wekhomishini.

“Ezinye izisulu zokudlwengulwa zinqabile ukufakaza ngenxa yokwesaba ukucwaswa,” kusho umbiko ongeze ngokuthi iKhomishini yayikhulume nabesifazane abahlanu abasinda ekudlwengulweni ngokuthi babaleke ngesikhathi amadoda ahlomile engena emakhaya abo.

See Also

UHulumeni waseNiger awusheshanga waphawula ngalolu daba.

IFrance kanye nabanye abalingani bayo bancome iChad ngoNhlolanja ngemuva kokuthi ithumele amabutho ayo emngceleni wayo neNiger, iBurkina Faso kanye neMali ngenhloso yokuqinisa amasotsha aseFrance ayizinkulungwane alwa nabashokobezi abaxhunyaniswa neqembu i-al-Qaeda.

Ngaphandle kwamacala nezinsolo zokudlwengula, iKhomishini yaseNiger ibike ukuthi amabutho aseChad aphinde asolwa ngokuhlasela kanye nokuthatha izindawo zabantu ezizimele esifundeni saseTera entshonalanga yeNiger lapho ayetshalwe khona.

Scroll To Top