I-Egypt isimeme iRussia kwelombango wayo ne-Ethiopia



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NgoMsombuluko oNgqongqoshe Bezangaphandle eRussia nase-Egypt babenomhlangano wokuqinisa amaxhama kwezokuhwebelana kanye nokunye okuwahlanganisayo lawa mazwe. Okugqamayo ngalo mhlangano ukuthi i-Egypt icele iRussia ukuthi iyilekelele embangweni wayo ne-Ethopia efuna ukugcwalisa idamu iGrand Ethiopian Renaissance ngamanzi asuka emfuleni iNile ephakela kakhulu i-Egypt neSudan.
Ukukhathazeka kwe-Egypt ngaleli damu kuqhamuka ekutheni likhulu kakhulu kanti lingase limome umthamo omkhulu wamanzi okuzoyishiya ingenawo yona. I-Ethiopia yona inezinhloso ezinkulu ngaleli damu njengoba ifuna nokulisebenzisa ukuphehla ugesi. UNgqongqoshe Wezangaphandle eRussia uSergey Lavrov, ufike eCairo ngeSonto ngakusasa wahlangana noMengameli wase-Egypt u-Abdel Fattah el-Sissi ngaphambi komhlangano wakhe noNgqongqoshe Wezangaphandle kuleli lizwe uSameh Shukry.
Kunkomfa, labo Ngqongqoshe bathe bavumelene ngokusungula imisebenzi ngokubambisana. Umsebenzi ogqamayo ngowokwakha izikhungo zobuchwepheshe beNuzi e-Egypt lapho inkampani kaHulumeni waseRussia kuzoba yiyo esakhayo.
Okunye, izinkampani zaseRussia kulindeleke ukuthi zitshale izigidigidi eziyisikhombisa ukwakha izimboni endaweni iSuez Canal. Labo Ngqongqoshe baphinde baveza nokuthi baxoxe nangothuthuva oluseLibya, eSyria, eLebanon noluphakathi kwe-Israel nePalestine.
Kolwedamu le-Ethiopia, uShukry uthe: “Sithembele kuRussia ukuthi yenze ukuthi izinhlaka zombili zingazitholi sezitholana phezulu.”
ULavrov uthe iRussia ayimenyiwe ukuthi ingenelele ezingxoxweni phakathi kwe-Egypt, iSudan ne-Ethiopia kodwa iyaseseka isixazululo se-African Union (AU).
NgoLwesithathu uNdunankulu eSudan u-Abdalla Hamdok, umeme izithunywa zase-Egypt ne-Ethiopia ukuzoxoxisana ngalolu daba. Lokhu kulandele umhlangano we-AU wangesonto eledlule phakathi kwalezi zinhlaka noSihlalo wale nhlangano ophinde abe nguMengameli weDemocratic Republic of the Congo (DRC) uFélix Tshiseked,i owehlulekile ukufika esixazululweni.
I-Ethiopia iphakamise ukuthi inikezele ngayo yonke imininingwane ngaleli damu nalawa mazwe kodwa womabili asichitha lesi siphakamiso ngokuthi siwaholela ophathe futhi sikhomba ukuzikhukhumeza ku-Ethiopia.
Leli lizwe liyazikhalela kulawa mazwe ngokuthi amandla kagesi azophuma kuleli damu yiwo azokwazi ukwelekelela leli lizwe nakwezomnotho kwazise indlala idla lubi. Lawa mazwe awafuni nakuyizwa eyalolu hlelo kanti agabe ngokuthi ngaphandle kokuthi avume leli damu angeke libe namanzi. Okunye okuphinde kube nzima nokufiphibalisa ithemba ngesivumelwano esisayindiwe ukuthi i-Egypt neSudan banombango womhlaba ovundile osemungceleni ophakathi kwawo.
Umfula iNile ubaluleke kakhulu ku-Egypt njengoba cishe wonke amanzi ewaphuzayo aqhamuka kuyo. Ngaphezu kokuphuza leli lizwe liphinde lisebenzise lo mfula ukuphakela amadamu ayo asiza ukunisela nokuphehla ugesi.
Isiqinisekiso leli lizwe elisifunayo ku-Ethiopia esokuthi angeke iphazamiseke indlela elithola ngayo amanzi. UNgqongqoshe Womnyango Wokunisela uSeleshi Bekele, uthi uma i-Egypt ingase ithambe ekutholeni lesi siqiniseko izolahlekelwa yikhona konke. Lo Ngqongqoshe unokwesaba ukuthi uma i-Ethiopia ingase ifune ukuphuthuma igcwalise idamu layo kungase kuthikamezeke idamu lokuphehla ugesi e-Egypt i-Aswan. I-Egypt imema iRussia nje sekuphele isikhathi eside lawa mazwe ehlinelene njengoba kusukela ngowezi-2015 izindiza ezisuka eRussia zingavakasheli izindawo zokungcebeleka eRed Sea.
Okwabangela lokhu ukuthi amavukelambuso i-Islamic State ahlasela indiza yaseRussia eyayindizela phezu kweSinai Peninsula kwafa abangama-224 ababephakathi. Kusukela kwenzeka lesi sibhicongo i-Egypt isisebenzise izigidi ukuqinisa ezokuphepha kanti ukukhombisa iRussia ukuthi laba babengathunyiwe uHulumeni leli lizwe livumela ochwepheshe baseRussia ukuthi benze okwabo ukuhlola ezikhungweni zezindiza.
Okungenzeka ukuthi i-Egypt imema iRussia ukuthi ingenelele kumdonsiswano wayo ne-Ethiopia ngenhloso yokuzincengela ekutheni ibuyele kulo mzila wezindiza.