Now Reading
Impi yohwebo phakathi kweChina ne-USA ingahle iphele
Dark Light

Impi yohwebo phakathi kweChina ne-USA ingahle iphele

Umhlaba uthe njo amehlo kwiChina ne-USA njengoba kubikwa ukuthi akusensuku zatshwala la mazwe asayinde isivumelwano sokuqeda lo mbango wezohwebo ophakathi kwalezi zikhondlakhondla zomnotho emhlabeni. Lo mbango osudonse cishe izinyanga ezingama-20 usulimaze izinga lokukhula komnotho kula mazwe nasemhlabeni ngokusho kweWorld Trade Organization (WTO).

Yize kunalesi simo, iChina ayizibekile phansi njengoba iqhubeka nomkhankaso wokukhuphula izinga lokuthenga impahla evela emazweni angaphandle kanye nokuqinisa ukuseka ukubambisana kwezomnotho kwamazwe ngamazwe.

Kuleli sonto uMengameli waseChina uXi Jinping umemezele ukuthi izwe lakhe lizofaka izinhlelo ezintsha zokukhuphula izinga lokuthenga impahla evela ngaphandle kanye nokwenza lula ukuthi abatshalizimali bamazwe angaphandle bangene ezimakethe zakhona.

Ukhulume kanje ngesikhathi abaxazululi baseChina kanye nabase- USA bematasa bezama ukuhlanganisa isivumelwano sokuqeda umbango wezohwebo osudonse cishe iminyaka emibili phakathi kwala mazwe

UXi wenze lesi simemezelo ngenkathi kuvulwa ngokusemthethweni umbukiso wezohwebo iChina International Import Expo eShanghai ngoLwesibili. Lo mbukiso uyisithangami samabhizinisi omhlaba ukuthi akhombise abathengi baseChina impahla aphinde athole nethuba lokusebenzisana nabamabhizinisi aseChina.

“Kumele siqinise izinhlelo zokwabelana ngenzuzo emhlabeni, zibheke nezindlela zokubambisana njengamazwe omhlaba. Inhloso wukukhuthaza ukuxhumana ngokwezomnotho sigudluze izithiyo,” kusho uXi emcimbini obuhanjelwe osomabhizinisi kanye nabaholi okubalwa kubo uMengameli wase-France u-Emmanuel Macron

Phakathi kwezinto iChina ezozenza ukuheha abatshalizimali, uMengameli uXi uthe izwe lakhe lizogxila ekukhuphuleni izinga lokuthengwa kwempahla evela kwamanye amazwe, ukwehlisa intela empahleni evela emazweni angaphandle kanye nezimali ezikhokhwayo uma uvula ibhizinisi. Wethembise nokuthuthukisa izizinda ezibekelwe abatshalizimali bangaphandle.

UXi uthe China inabantu abayisigidigidi esi-1.4 iningi labo eliphila kangcono. Ukhuthaze amabhizinisi ukuthi eze eChina. “Engikushoyo wukuthi imakethe yaseChina inkulu ngendlela yokuthi ningeza nizozibonela ukuthi yini eningayizuza.”

Kusho ukuthini lokhu e-Afrika? Kusho ukuthi amathuba avulelekile. Abaholi baseChina sebebe nemihlangano eminingana kamumva nje nabaholi base- Afrika nokukhombisa ukuthi lelizwekazi nalo libalulekile ezinhlelweni ezikhona. Ngesonto eledlule IPhini likaMongameli uDavid Mabuza uhole ithimba laseNingizimu Afrika emhlanganweni wala mazwe womabili wokudingida izindaba ezithinta ukubambisana.

UMengameli uXi uphinde wagcizelela ukuthi iChina izimisele ukusebenzisana namanye amazwe kwezomnotho. Uthe iChina izoyivula kakhulu kunakuqala iminyango ivulele umhlaba wonke. “Kumele sidilize zonke izithiyo ezivimba uhwebo phakathi kwamazwe omhlaba,” kusho uXi.

UXi usayinde isivumelwano sezohwebo esibiza izigidigidi ezili-$15 nomholi waseFrance uMacron, ngenkathi ephothula uhambo lwakhe kuleli sonto eChina. Lesi sivumwelwano esokuhwebelana ezinhlakeni ezehlukene, kanti siphinde sivumele izinkampani ezingamashumi amabili zaseFrance ukuthi zidayisele iChina inyama yenkukhu, eyenkomo kanye neyengulube.

“Ukuthuthukisa izinga lokuvuleleka kwezimakethe kanye nokubambisana kwezinkampani zethu kuhamba phambili,” kusho uMacron.

See Also

Laba baholi baphinde bazibophezela ekwesekeni isivumelwano sokuguquguquka kwesimo sezulu iParis Climate Agreement nokwenzeka kabi ngesikhathi i-USA kuleli sonto iqale izinyathelo zokuhoxa ngokusemthethweni kulesi sivumelwano.

Lesi yisivumelwano samazwe ngamazwe esasayindwa ngowezi-2015 kanti siwakhuthaza ukuthi azibophezele ekuthatheni izinyathelo zokwehlisa izinga lokuguquguquka kwesimo sezulu.

Ngesonto elizayo, uXi kulindeleke ukuthi aye eBrazil lapho kuzobe kubanjelwe khona ingqungquthela yamazwe e-BRICS nezobe ihanjelwe abaholi baseNingizimu Afrika, abaseRussia nase-India ngoLwezi zili-13 namhla zili-14.

Sekuqubuke ukuqagela ngokuthi mhlambe uXi angasuka eBrazil adlulele eUSA lapho ezosayinda khona isivumelwano sezohwebo noMongameli uDonald Trump. Laba baholi bekulendeleke ukuthi bahlangane eChile kule nyanga emhlanganweni i-Asia- Pacifi c Economic Cooperation Summit. Nokho iChile ibe isihoxa ekusingatheni lo mhlangano kanye noweNhlangano Yezizwe wesimo sokuguquguquka kwezulu iCOP25 ngenxa yezinkinga zangaphakathi ezikhungethe leliya lizwe.

UTrump kubikwa ukuthi uzwakalise ukuthi angahle asishicilele isivumelwano noXi e-Iowa. Nokho bekungakacaci ukuthi lo mhlangano phakathi kuka-Xi noTrump uzogcina ubanjelwaphi.

Scroll To Top