Now Reading
Ngabe isiko noma umkhuba uma indoda isinqunu esibayeni?
Dark Light

Ngabe isiko noma umkhuba uma indoda isinqunu esibayeni?


Abanankinga nalokhu


Uma umnumzane womuzi eseshaya ngesudi yesele kusuke sekunzima egcekeni lomuzi. Kusuke sekwenziwa izinto ezijulile uma sekunje. Kodwa-ke imvamisa izinto ezinje akazenzi ngokuthanda kwakhe ubaba wekhaya. Usuke elayelwe inyanga noma isangoma akade eyohlola kuso. Usuke edonswe ngendlebe ukuthi makabe nqunu ukuze alungelwe izinto. Mhlawumbe uyoncenga abaphansi esibayeni ukuba bamlamulele esimweni esithile. Kodwa-ke lingawa licoshwe zinkukhu, ngeke lo baba le nto ayenze emini kwabha. Phela angaphuma emaphephandabeni, ashuthwe nangamafoni, kubikelwe nezinduna naMakhosi athweswe icala lokuhambahamba emini kwaga ilanga libalele. Kepha lo mkhuba wenziwa sekuthe hwalala noma phakathi kwamabili. Mhlawumbe kungavuka umama ukuze alekelele ukwenza lo msebenzi. Ngeke aze abavuse abantwana. Bangathini kodwa uma bengelamela uyise obazalayo ehamba ze? Impela ukuhamba ukubona kuleli leNdlovukazi uMthaniya kaManyelela. – nguSipho Mbatha

Sonke sizalwa sinqunu. Uma sikucabanga lokhu ngomqondo ophelele futhi kahle sizobona ukuthi ayikho inkinga, isono noma umkhuba omubi ukuba nqunu. Ukugqoka izembatho yingxenye yokuziphatha okwakhiwa abantu bekwakhela abanye hhayi uMdali. Uma idlozi likufuna unqunu kumele ube nqunu bese-ke sithatha isinqumo ngenhloso noma umphumela walowo msebenzi ukuthi ngowedlozi elihle noma elibi. Ukuthi umuntu unqunu akusho ukuthi umsebenzi okuthiwa akawenze ungcolile. – nguNkosentsha Malinganiso Dube

Ngaphandle kokuthi sikhulume ngemikhuba namasiko, ake siqale lapha kungabe yini inhloso yalokhu? Uma nje singazi njengami ngiyocela ukuthula. Yize iyinye into engingayicabanga, uma kuwukuthi wenza lokhu ukuqinisa isibaya nokuthi zingebiwa izinkomo zakhe angiyukumusola uma nje kukwakhe. – nguPhilani Ntuli

Engathi kukhona ukuduka kwencazelo yalesi sithombe okugcina abantu babe nemibono ehlukene. Esinye sezizwe zase-Ethiopia esibizwa ngamaBondi esikholelwa ekutheni ubuhle bendoda ukukhuluphala kwayo futhi ibe nomkhaba. Kuba khona umqhudelwano wezinsizwa ekhuluphele kakhulu nenomkhaba omkhulu iyona eyohamba phambili. Baphuza ubisi lwenkomo esibayeni kuphela izinyanga ezithize belungiselela umcintiswano. Bayahlala baphile ngobisi izinyanga ukuze bangenele umqhudelwano. Phela abafani naba kweleNdlovukazi uMthaniya lapho ubuhle bendoda bubonakala ngenkece enayo. – nguKhaya Mwelase 

Uzokwenzenjani amasela ebhokile angithi kubikwe ukuthi kuqedwa kubanjwa ikhehla lihlahlela inqwaba yezinkomo zokwebiwa. Kunzima. – nguMnesh Khumalo

Usuke uphethe umuthi wangempela lapha. Mina nje ngiyavuka ekhaya ngele-12 ebusuku ngiyolwa nezitha zami ngishaya ngesudu yesele. – nguMenziwa Menzy Ngcobo Fuze


Bathi lokhu ubuthakathi uqobo


Kodwa lokhu akulona usiko, umkhuba thizeni awutshelwe inyanga ngoba ukuba bekuwusiko ngabe siyalazi sonke nasemakhaya ethu bekuzokwenziwa. – nguMeisie Yolie Sthole

Kunjalo impela lo baba udla umuthi othi thi kodwa kuhambisana nobuthakathi nokuthwala, uma eqeda laphaya ukhona ozofa ukuqinisa amandla nemfuyo yakhe izokwanda. – nguSN Nicolas

Ubuthakathi, kweminye imizi inkomo ngaphambi kokuthi bayihlabe bayiphuzisa imithi bekhohliswa zinyangamthakathi kuhude wonke muntu odle leyo nyama. Engathi abantu bangayiyeka le nto. – nguSbusiso Nsele

See Also

Ngoba ziyadlala ngathi izinyanga, sake sathola enye eyasinika intelezi yathi sichele ngayo sihamba nqunu njengaye lo baba. Kwaqala umalume kanti uzobuyela eGoli kwase kuthiwa yimi engizomela lo msebenzi wokuchela nginqunu. – nguSbu Kunene

Kwesinye isikhathi sibuye sikhohliswe yilaba bantu esithi bayabona, abanye bashaya khona kodwa abanye badlala ngathi. – nguNdlangamandla Nkosi

Cha lobu ubuthakathi nje awungeni esibayeni unqunu kufana nokuganga endlini enkulu. – nguSipho Ntunsula

Akulona isiko kodwa umkhuba lona, umuntu wesifazane yedwa owaye nelungelo lokuba nje uma eyogana. – nguKozekulunge Zungu

Ngeke ngithi isiko okanye ukuthakatha kodwa-ke lokhu ukuloya ngoba akukhona ukwelapha. – nguMbuso Euclid

Scroll To Top