AmaNdiya azisungulela isibhedlela sawo sokuqala eChatsworth
AmaNdiya asibona isidingo sezempilo ngokuba aphose esivivaneni ekwakhiweni kwesibhedlela ngaphambi kokuba kube uHulumeni wesifundazwe owawusabizwa ngeNatal Provincial Administration owakha isibhedlela emva kokususwa eMkhumbane ayohlaliswa eChatsworth.
Ababhali uMaasdorp noHumphreys babalulile ukuthi amaNdiya ayesalashelwa esibhedlela iKing Edward VIII Hospital nakwezinye eThekwini.
Kulapho kwaqhamuka owayengummeli uRahim Karim Khan, owanxenxa amaNdiya ukuba aqale uhlelo lokuba nesibhedlela eChatsworth. Esasizoba seduzane sihlinzeke amaNdiya. Isibhedlela iKing Edward VIII sasingasetshenziswa naso uma kuphoqe isimo, njengokuthi ayekhona amaNdiya ayelashelwa nayelaliswa ezibhedlela iKing Edward VIII neClairwood.
Kwakusuke kungamaNdiya, aboHlanga akade belaliswe esibhedlela iKing Edward VIII base bedluliselwa esibhedlela iClairwood ukuba bayolulamela khona uma sekubonakala ukuthi kwase kunobungcono empilweni.
Kwashicilelwa umlando ephephabhukwini iFiat Lux Volume 07, Part3, zi-3 kuMbasa we-1969 ukuthi isibhedlela eChatsworth esasisisha sadla izigidi ezaziyizinkulungwane ezinhlanu zamarandi ngenkathi sivula iminyango yaso okokuqala ezigulini.
Kanti isiguli sokuqala selashwa sangalaliswa mhla zi-3 kuNdasa we-1969. Kwazothi esinye isiguli esaba ngesokuqala ukulaliswa ngenyanga uNtulikazi wonyaka ofanayo eRK Khan Hospital.
Ngakho-ke iRK Khan Hospital yaba yisibhedlela sokuqala esifundazweni iKwaZulu ukwakhelwa amaNdiya eNiningizimu Afrika kwazise nomlando uyazichaza ukuthi amaNdiya indawo yokuqala afikela kuyona iKwaZulu-Natal kweleNdlovukazi uMthaniya ziyi-16 kuLwezi we-1860, evela e-India elethwe ngabelungu baseBritain.
Lenaba iphephandaba ngokuthi iRK Khan Hospital yaqanjwa ngoKhan owaba nombono wokusungulwa kwesikhwama semali samaNdiya saba nababesimele okuthiwa iTrust okwakunguMnu uW Doull, uS Rustomjee noPR Pather. Isikhwama sasesifinyelele kumakhulu amane ezinkulungwane zamarandi, imali eningi yokwakha isibhedlela iRK Khan yaqhamuka kuHulumeni wesifandazwe nowayezosixhasa.
Liyaqhubeka liveza njengoba kusakhunjulwa ukuthi izikhundla zemisebenzi ephezulu eNingizimu Afrika zazinikwa abelungu phambilini kanti neRK Khan Hospital yaqale yaphathwa ngumlungu owayebizwa ngoNsumpa phecelezi uMedical Superintendent, uDkt uNM Dawber namasekela uDkt uSR Deenadayalu noDkt u-E Jadwats.
Uyakhumbuleka emlandweni uDkt uJadwats esasebenza KwaMashu Polyclinic eyayiseduzane nesonto laseSheshi i-Ekuvukeni.
Wasebenza naseMlaza Polyclinic ngaphambi kokuba ayosebenza esibhedlela iRK Khan.
Abahlengikazi bokuqala ababengamashumi amabili nanye baqeqeshelwa esibhedlela iClairwood. Baqeqeshwa nje besafunda izifundo zobuhlengikazi ababezifunda ngeRK Khan base beqeqeshwa bebe besebenza njengabahlengikazi eClairwood Hospital belungiselela ukuvulwa kwe-RK Khan Hospital ngowe-1969.
Babhala ukuthi uhlu lwezifundo zobuhlengikazi ngaphansi kweSouth African Nursing Council lwalufana kuzo zonke izinhlanga eNingizimu Afrika. Izifundo zobuhlengikazi zazithatha iminyaka emine nengxenye.
Izikhundla ezaziphezulu zazisingethwe ngabamhlophe manje sezisingethwe izinhlanga ezahlukene lapho sekunaboHlanga abasezikhundleni eziphezulu eRK Khan Hospital.
Ngeke kwathusa uma iDivine Life Society of South Africa eyasungulwa nguSri Swami Sivananda, edume ngeSivananda yanikela ngemali njengenhlalayenza. Inhlangano yamaNdiya eyakha izikole futhi kwaxhunywa nezikole eziningi zaboHlanga kulesi sifundazwe ngayethemba ngowe-1980 nangowe-1988.
Ngoba ngangihlale ngicelwa nguTony Bhilal owayenesitolo sokuthunga iPalm Tailors, ukuba nginikele ngokuthanda kwami ngenkathi ngizothungisa phakathi kowe-1980 kuya kowe-1990.
Wayethi le mali babezokwakha ngayo isikole sokufundela amakhono KwaMashu. Nembala yaba khona iSivananda Technical High School eyayibizwa ngeSivananda Technical College ngowe-1986.
Kwakungaba kuhle ukube thina singaboHlanga sasungula izikhwama kwakhiwa izakhiwo eziwusizo emphakathini njengezinye izinhlanga. Ngabe sinezinto esizigqaja ngazo singaboHlanga.
Ngabe naboHlanga abangosoplitiki, abasePhalamende, abakomasipala abakwezinye izindawo nemikhakha bayazigqaja ngezinto ezasungulwa ngaboHlanga bakubo noma yibo.
Kwathina sithanda noma siyakuthanda kakhulu ukunaka izinto ezingenantuthuko sizizibe sibe ngabakhohlwayo njalo, uma kuyizinto okukhulunywa ngazo kungeziphathelene nempilo nenhlanzeko. Sibe mandla ekunakeni ezikhulunywe ngosopolitiki boHlanga abadlala ngathi ngoba kadeni iningi losopolitiki alinawo umuzwa wokusungula izikhwama zemfundo ezixhasa abafundi boHlanga.
Ukube bekuya ngami abafundi bebezoqaphela uma osopolitiki boHlanga besungula amaqembu nezinhlangano zepolitiki ukuthi vese abanamuzwa wokusungula amaqembu nezinhlangano zezikhwama zemifundaze.
Ngabe sebanikela ngemali kwengezwa ikilasi nokunye hhayi le mfishimfishi yepolitiki. Kuze kubukeke sengathi banomgolo osopolitiki boHlanga, bafuna kube yibona bodwa abafundile.