Izinhlobo zabahleli kwezokushicilela zinemisebenzi engafani



UZodwa Zondi ungumshicileli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter
Phambilini sanikeza amanqampunqampu ngegalelo lomhleli ngoba phela besingeke sigeqe amagula singemuki. Kulawa manqampunqampu sabuka ukuthi yini umhleli, iqhaza lomhleli, iziqu kanye nokuthi umhleli angasebenza kuphi. Namuhla sixoxa ngezinhlobo zabahleli ezitholakala emkhakheni wokushicilela.
Ziningi izigaba umsebenzi odlula kuzo ngaphambi kokushicilelwa, lokhu kusho ukuthi nezindlela zokuhlela zehlukene. Owokuqala umhleli obizwa ngokuthi iDevelopment Editor. Lo mhleli ubhekelela isigaba sokuqala lapho kusabhalwa umsebenzi, kuhlelwe incwadi, kubhekwe noma kambe umsebenzi lowo ungadinga olunye ulwazi okanye unganandiswa kanjani, esebenzisana nombhali. Lo mhleli nguye oqinisekisa ukuthi yonke imigudu ezolandelwa uma kuzoshicilelwa icacile ukuze incwadi ibe yimpumelelo.
Owesibili umhleli obizwa ngokuthi iSubstantive Editor. Lo mhleli ubhekana nomsebenzi emveni kokuba usubhaliwe waphela, usuke ebuka umsebenzi ngenhloso yokubona ukuthi uhlangene na noma ungalungiswa kuphi.
Owesithathu umhleli obizwa ngokuthi i-Acquisition Editor, lo uba yisango phakathi kombhali nabashicileli. Lo mhleli nguyena owamukela umsebenzi wababhali abafuna ushicilelwe uma ewubona unekusasa futhi uheha. Nguyena futhi oya kubabhali, abacele babhale ngokuthile ngethemba lokuthi uma kushicilelwe kuzokwenza inzuzo bese kuhlomula izinhlangothi zombili (umbhali nabashicileli). Uphinde abhekane nezivumelwano phakathi kwalezi zinhlangothi, enze uhlelo lwesabelomali, amasu okukhangisa njll.
Owesine ngumhleli obizwa ngokuthi iLine Editor. Lo mhleli ubheka umsebenzi obhaliwe imigqa ngemigqa, aqinisekise ukuthi ukuhlelwa kwamagama kuyikhona. Ubheka nokuthi into ebhaliwe iyawenza umqondo, kanti nezwi lombhali licacile.
Owesihlanu umhleli obizwa ngokuthi iCopy Editor. Lo mhleli nguyena ophonsa ihlo lokugcina emsebenzini ozoshicilelwa ngaphambi kokuba wenziwe incwadi. Ubheka isakhiwo sencwadi nokuthi konke kwenziwe ngendlela futhi kuyahambisana. Kubalwa ukubheka indlela yokubhala esetshenzisiwe, ngabe ulwazi lokubhaliwe luyiqiniso na, uma kunezithombe noma umsebenzi ocashuniwe, ngabe imvume yokuwusebenzisa ikhona, njll.
Sesiphetha, umhleli omunye obizwa ngokuthi iProduction Editor. Lo mhleli ubhekelela ukushintshwa komsebenzi ube yincwadi esinezithombe, ulwazi ngabashicileli, aqinisekise ukuthi okuyokhiqizwa kuyikhona futhi unikeza imvume yokukhiqizwa.
Yize sesibalulile izinhlobo zabahleli, kuyenzeka izinkampani zokushicilela zingabi nabo bonke laba bahleli kodwa umhleli eyedwa enze izinhlobo zokuhlela ezahlukene.
Ukuguquka kwezimo nesikhathi kusho ukwanda kwamathuba, kanjalo nokwanda kwezinhlobo zokuhlela. Kodwa-ke siyema lapha, kwazise phela zinqunywa amakhanda ziyekwe. Ngokuzayo sizoqhubeka sikhulume ngeProofreader njengelungu lethimba eliklama indima ekushicileleni.