Now Reading
Yize esalala washiya ukukhanya okungefiphale e-Afrika
Dark Light

Yize esalala washiya ukukhanya okungefiphale e-Afrika

Ungalihamba lonke izwekazi i-Afrika nokuhlukana kwalo ngezilimi, kodwa okufike kuhlanganise ama-Afrika umculo nesigqi sakhona esingefaniswe nalutho. Okwenza leli zwekazi lihluke kwamanye indlela isigqi sakhona esihluke ngayo.

Akukhathalekile ukuthi umculo ungolimi lwesiZulu, isiNdele, isiShona, iSiswahili noma isiPutukezi, kodwa isigqi siyazisho ukuthi ngesase-Afrika okungenye yezinto ezibumba izizwe ngezizwe. Omunye umculi osephumelele ukuhlanganisa izizwe ngomculo wakhe uCesária Évora. Wazalwa  zingama-27 kuNcwaba we-1941 eCape Verde okuyisiqhingi esidume ngokukhiqiza abaculi abayibekile induku ebandla emhlabeni jikelele. 

Ngonyaka we-2004 wahlonishwa ngendondo iGrammy nge-albhamu yakhe esihloko sithi Voz d’Amor. Uzakhele igama ngokungena esteji engazigqokile izicathulo okungenye yezinto eyayenza abalandeli bakhe bambheke ngendlela ehlukile. Akubamba indlela elula eyayibheke empumelelweni yakhe ngoba eseneminyaka eli-10, wayiswa esikhungweni sezintandana ngoba unina ehluleka ukubondla nezinye izingane zakwabo eziyisithupha. Lokho kwamqinisa kakhulu okungangokuba eseneminyaka eli-16 waqala ukucula emkhunjini owawutetemuka izivakashi wasePortugal owawuhambele eCape Verde. Kusuka lapho iphimbo lakhe lazwakala eziteshini eziningi zemisakazo kuleli lizwe. 

Inkakha yomculi waseCape Verde uBana wamcela ukuba ayocula kanye naye ePortugal ngowe-1985 okwaba uhambo lwakhe lokuqala phesheya kwezilwandle. Kukulolu hambo lapho umdidiyeli womculo waseLisbon uJosé da Silva amqaphela khona wabe esemfaka ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha.  Le ngqayizivele yethuba yaholela ekutheni aqophe umculo wakhe eParis, eFrance. Ingoma yakhe ayiqopha lapha ethi Ausência yaqanjwa umculi waseYugoslavia uGoran Bregoviv. Indlela le ngoma eyaduma ngayo kwenza nabadidiyeli bengqayi i-Underground bayisebenzisa njengebika layo ngowe-1995. 

Enye i-albhamu yakhe eyaduma kakhulu e-Afrika emazweni okukhulunywa kuwo isiPutukezi nesiFrench ngethi, La Diva Aux Pieds Nus, eyaqoshwa eFrance ngowe-1988. Ngokubona ikhono lakhe ekudidiyeleni umculo ugcine esesetshenziswa kakhulu ngabadidiyeli ekuqambeni ezinye zezingoma zesiPutukezi.

See Also

I-Albhamu yakhe ethi Miss Perfumado yadayiswa amakhophi angama-300 000. Ingoma eyaba yinoni yahlanganisa izizwe e-Afrika ngeyayithi “Sodade”. Ngenxa yokucula ngesiFrench nesiPutukezi umculo wakhe waziwa kakhulu emazweni aseMpumalanga ne-Afrika lapho kukhulunywa kakhulu lezi zilimi. Akadumile kakhulu e-Afrika eseNingizimu kodwa isigqi somculo wakhe akubuzwa ukuthi sinobu-Afrika.

UHulumeni waseFrance usuke wamhlonipha ngophawu lweFrench Legion of Honour, okuhlonishwa ngalo labo abenze umehluko babamba neqhaza elikhulu ekuthuthukiseni lolu lwimi emikhakheni ehlukene.

Scroll To Top