Now Reading
Amaqhude ayeqana: IChina ne-USA bayanswinyana bebanga ukuhloniphana
Dark Light

Amaqhude ayeqana: IChina ne-USA bayanswinyana bebanga ukuhloniphana

UNgqongqoshe Wezangaphandle eChina uWang Yi, usenxuse i-USA ukuthi ilihloniphe izwe lakhe, egcizelela ukuthi uma kunesidingo iChina ikulungele ukuzivikela nayikunoma yikuphi ukuhlaselwa.

Uthe futhi ngeke bakwamukele ukuthi kube nezwe elizibona lingcono kunamanye nokuthi libe ilona eliwumehluleli ezindabeni zamazwe omhlaba.

UWang uphawule kanje khathi exoxisana nenhlangano yezindaba yombuso emva komhlangano abenawo nozakwabo base-Indonesia, eMalaysia, ePhilippines, eSingapore neSouth Korea esifundazweni iFujian, eChina.

UWang ugcizelele ukuthi iBeijing ayizimisele ukuthi ithobele umthetho weWashington ezindabeni ezibangwayo phakathi kwala mazwe, ethi soze bagudluke emigomweni yabo njengeChina. “Umnyango wokuthi kubanjwe izingxoxo neChina uvulekile. Kodwa lezo zingxoxo kuzomele zibanjwe ngokuhloniphana okulinganayo nhlangothi zonke,” kusho uWang.

UWang ubikele ozakwabo base-Asia ngomhlangano iChina ebenawo ne-USA e-Alaska ngenyanga edlule.

Kulo mhlangano wezinsuku ezimbili obuse-Anchorage kuvele obala uqhekeko phakathi kwabaholi bala mazwe womabili embangweni okhona wezohwebo ngesikhathi izikhulu zaseChina zihlambalaza ezase-USA khathi bejikijelana ngamazwi osukwini lokuqala.

Izikhulu zase-USA zizamile ukutshela ozakwabo baseChina ngokunganami kwabo ngendlela iBeijing ephethe ngayo udaba lwezifunda iXinjiang, iHong Kong neTaiwan, phakathi kwezinye izinto, nalapho besola khona ukuthi kunokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu kanye nokucindezelwa kwenqubo yentando yeningi.

Ithimba laseBeijing lizichitha lezi zinsolo, libe selitshela ozakwabo base-USA ukuthi abekho esimweni sokuphawula ngokwenzeka ngaphakathi eChina noma kwelinye izwe ngoba nayo i-USA inezinkinga ngokwayo, bebalula udaba lokucwasa ngokwebala nokubulawa kwaboHlanga nokuholele ekutheni abantu bavuke umbhejazana bhebhikisha ngonyaka odlule.

UWang uthe iChina izimisele ukusebenzisana nezwe lase-USA kodwa uma kunokuhloniphana kuzo zonke izinhlangothi. “IChina iyakwamukela ukusebenzisana uma kunesidingo, kodwa lokho kusebenzisana kuzomele kuhlanganise ukuqikelela izidingo zazo zonke izinhlangothi kanye nemihlomulo efanayo kubo bonke abathintekayo,” kusho uWang.

Uqhube wathi iChina ayiwesabi umqhudelwano namanye amazwe uma kunesidingo, kodwa kuzomele kube nobulungiswa kanye nokuhlonishwa kwemithetho elawula amazwe omhlaba.

Uthe uma kuba khona umqhudelwano phakathi kwamazwe kuzomele kugwenywe ukusetshenziswa kwamandla ngendlela engafanele ngokunjalo nokunqinda amanye amazwe amandla okuthi athuthuke.

Njengoba kunokungaboni ngasolinye phakathi kweChina ne-USA, iBeijing isisole iWashington ngokuphoqa amazwe adlelana nayo ukuthi ikhiphe lesi sikhondlakhondla sase-Asia inyumbazane futhi sinqundwe amandla ukuze singaqhubeki sithuthuke ngokomnotho.

Ukufeza lezi zinhloso, iChina iphinde isole i-USA ngokusungula izinsolo ngeXinjiang ukuzama ukudala isimo sokungazinzi ngaphakathi kuleli zwe.

UWang uthe uma kuqhubeka kuba khona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kweChina ne-USA abanako ukwesaba, esho ukuthi leso isimo abazobhekana naso ngale kokuphakamisa amaphaphu.

“Sikuchitha singananazi ukuthi kube nokugxambukela ezindabeni zangaphakathi eChina udede, phezu kwalokho siluchitha ngale kokunanaza unswinyo olungekho emthethweni olufakwe ngezizathi ezingamanga kanye nolwazi olungekho,” kugcizelela uWang. 

“IChina ngeke ihlehlele nyova kulokhu ngoba maningi amazwe amancane nasathuthuka ayesekayo. Kodwa futhi iChina inelungelo lokuthi iziphindiselele ngoba kumele ivikele ukuzimela kwayo njengezwe kanye nesithunzi sayo.”

See Also

Izingqapheli zithe iBeijing ibonakale izimisele futhi inethemba lokuvuselela ubudlelwano bayo neWashington emva kokungena kukaMengameli omusha uJoe Biden odlule uDonald Trump okhethweni lwangoLwezi wonyaka odlule e-USA.

Nokho emva kwengxabano eyenzeke umhlaba ubuka emhlanganweni obuse-Alaska, kucacile ukuthi kusekude ukuthi ilanyulwe eyalezi zikhondlakhondla zomhlaba.

Nakhu phela ngoba iWashington ayiphozisanga maseko njengoba kuthe emva kosuku umhlangano uphelile ibe isifaka iChina unswinyo, nokube isenzo esilandelwe i-United Kingdom, i-European Union kanye neCanada, okungamadlelandawonye e-USA.

Lesi sinyathelo bathe basithathe ngoba besola iBeijing ngokuhlukumeza amalungelo esintu abantu besizwe sama-Uyghur abangabenkolo yamaSulumane esifundeni iXinjiang. IChina nayo ibe isiziphindiselela ngolwayo unswinyo olubhekiswe ezikhulwini ze-European Union nezaseBritain.

Ngenyanga edlule, uNgqongqoshe Wezangaphandle e-USA u-Anthony Blinken, uphinde wagqugquzela amazwe angaphansi kweNATO kanye ne-European Union ukuthi kumele asebenzisane ukunqanda akubize ngengozi yeChina kwezokuvikela emhlabeni. 

“Ukuxoxisana kungcono kunokuxabana, ngokunjalo nokubambisana kungcono kunokuxabana,” kusho uWang.

Ube esegqugquzela i-USA ukuthi ilandele lokho okulindelwe ngamazwe omhlaba, isebenzisane neChina ukukhombisa ukuthi izikhondlakhondla zomhlaba kumele ziziphathe kanjani. Uthe ngokubambisana, kumele la mazwe aqinisekise ukuthula ezifundeni ezahlukene kanye nasemhlabeni, ngokunjalo nesimo esizinzile kanye nentuthuko.

Scroll To Top