IChina ithi izokweseka umkhankaso wokulwa nobubha emhlabeni



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina ithe izibophezele ukusebenzisana namanye amazwe ukulwa nobubha emhlabeni.
UHulumeni ushicilele lo mbiko obungaza impumelelo yeChina ekulweni nobubha, nalapho abantu abalinganiselwa ngaphezulu kwezigidi ezingama-98 betakulwe khona ezimweni ezinzima zobubha kusukela ngowezi-2012 kuya kowezi-2020.
Leli lizwe lithi uhlelo lwalo lokuthuthukisa ingqalasizinda nomnotho oluhlanganisa amazwe ngamazwe nolwaziwa ngeBelt and Road Initiative luzosiza ukutakula abantu abayizigidi eziyisi-7.6 abaphila ezimweni ezinzima zobubha kanye nabangaphezulu kwezingama-30 ababhekene nobubha obungekho ezingeni elibi kakhulu kumazwe ehlukene.
“IChina ayikwazi ukuthuthuka yodwa ngokuqhelelana namanye amazwe, kanti nomhlaba uyayidinga iChina ukuqinisekisa ukuthi intuthuko iyaqhubeka,” kusho umbiko.
“Ngokuzayo iChina ethuthukile izovuleleka kakhulu kwamanye amazwe, izoxhumana ngendlela eyakhayo namazwe omhlaba, iphinde ilime indima enkulu ukwakha umhlaba ongcono.”
Kusukela ngowezi-2018, iChina ithe isilekelele i-Afrika ezinhlelweni ezahlukene ezihlanganisa ukuthuthukiswa kwezimboni, ukuxhumana kwengqalasizinda, kanye nezempilo.
“Ukuqinisekisa ukuthi lezi zinhlelo ziyenziwa, iChina ibeke izigidigidi ezingama-$60 zokweseka i-Afrika ngokohlelo lokwelekelela ohulumeni kanye nokutshalwa kwemali ukuze kuxhaswe izinkampani,” ngokusho kombiko.
Lo mbiko obalula intuthuko eChina ushicilelwa nje leli lizwe libhekene nezinsolo zokungaphathi kahle izifunda ezinemphakathi yezizwe ezincane njengeXinjiang, nokuyizinsolo ezichithayo iBeijing.
IChina ithi izizwe okuyizona ezincane kuleli lizwe sezibone isimo sempilo nenhlalo yazo siba ngcono ngenxa yomkhankaso wokulwa nobubha.
Balinganiselwa ezigidini ezili-15.6 abantu abasezindaweni ezihlwempu abatakulwe ezimweni ezimbi zobubha esikhathini esingangeminyaka emihlanu kusukela ngowezi-2016. Lezi zindawo zihlanganisa izifunda ezizibusa ngokuzimela ezifana neXinjiang, i-Inner Mongolia neTibet kanye nezifundazwe ezintathu.
“Ububha obuxakile buqediwe kuzo zonke izindawo ezingama-28 zemiphakathi yezizwe ezincane. Ezinye izindawo bezisadla ngoludala kangangokuba bebesaphila ngokwempilo yesikhathi sangowe-1949 khathi kubunjwa kabusha iPeople’s Republic of China,” kusho umbiko.
Balinganiselwa esigidigidini esi-1.4 abantu baseChina nokwenza leli lizwe kube ilona izwe elinabantu abaningi ukwedlula wonke amazwe emhlabeni.
Ama-91% abantu baseChina bazibiza ngesizwe samaHan, besekuthi lezi ezinye ezingamashumi amahlanu nanhlanu izizwe ezikuleli lizwe zibe ngezincane kakhulu.
IPhini leNhloko eMnyangweni Obhekelele Ukuvuselelwa Kwezindawo Zasemakhaya uXia Gengshen, lithe okwenze ukuthi bakwazi ukuqeda ububha obusezingeni eliphezulu ukutshala kukaHulumeni izigidigidi zemali kulolu hlelo. “Imali eyisipesheli esetshenziswe kulezi zifundazwe eziyisishiyagalombili kanye nezifunda ezizibusa ngokuzimela ifinyelele ezigidigidini ezingama-300 Yuan (R600 bn),” kuchaza uXia.
Ngokusho kombiko, iChina ikwazile ukuqinisekisa ukuthi imali etshalwa uHulumeni ezinhlelweni zokulwisana nobubha ayehli.
“Imali etshalwe uHulumeni omkhulu, ezifundazweni, emadolobheni kanye nakomasipala ifinyelele kusigidintathu-RMB1.6 (R2.6 tln), okuhlanganisa nezigidigidi ezingama-RMB660 ezivela kusabelomali sikaHulumeni omkhulu.”
Ilinganiselwa kusigidintathu aba-R2 imali ebolekwe abantu abayizigidi ezili-15 abasezindaweni zasemakhaya ukuze baqale amabhizinisi ukubalekelela baxoshe ububha phakathi kowezi-2014 nowezi-2020.
Phakathi kwezinhlelo ezisekwe uHulumeni emkhankasweni wokulwisana nobubha kubalwa ukukhuphula izinga lemfundo, ukusungulwa kwezizinda eziyizi-300,000 zezimboni, imifelandawonye yezolimo eyizi-710,000 kanye nezinkampani ezisafufusa zezobuchwepheshe emakhaya.
Ekuqaleni konyaka iChina imemezele ukuthi isibuqede nya ububha obusezingeni eliphezulu kuleli lizwe emveni kokuthuthukisa impilo yabantu abalinganiselwa ekhulwini lezigidi abebephila impilo yobuphofu.
“IChina izoqhubeka yakhele phezu kwalokhu esikuzuzile ekulwisaneni nobubha ukugqugquzela ukuvuselelwa kwezindawo zasemakhaya,” kusho uXu Lin oyiPhini likaNgqongqoshe woMnyango Wezolwazi.
UHulumeni wakuleli lizwe uthe usuhlonze isikhathi esisuka manje kuze kushaya unyaka wezi-2035 njengesigaba esisha sentuthuko nomnotho nesizoletha izinhlelo zokuguqula izwe elingaphansi kweSocialism yesimanje.
Ngokwezinhlelo zikaHulumeni, zonke izindawo zasemakhaya eChina zizobe sezinezinsiza ezifanayo nalezo ezitholakala ezindaweni zasemadolobheni.