Sekungenelela i-EU emnqakiswaneni weTurkey neGreece ngabokufika



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Ngomlomo weHhovisi lwakwaNdabazabantu, inhlangano i-European Union (EU) isikhumbuze iTurkey ngesivumelwano sangowezi-2016 sokwamukela abokufika abazojikiswa eGreece. Ngokwesivumelwano ne-EU, iTurkey njengezwe eliphakathi nendawo iyona ezokwamukela abantu ababaleka emazweni anezimpi eMiddle East ibadlulisele eGreece lapho okuzohlungwa khona abafanele ukubhaciswa bese benikezelwa kuwona wonke amalungu e-EU asayinda lesi sivumelwano.
Ngokubona ukubaluleka kwayo kulolu hlelo, iTurkey yabe isithumela umthamo wabantu omkhulu kunalowo okwavunyelwana ngawo okwabe sekufaka ingcindezi enkulu kuGreece eyayisivele ingaphansi kwengcindezi kulandela ukwenyula kwamanye amalungu e-EU esivumelwaneni. IGreece yabe isisala nenqwaba yabantu abakulungele ukudluliselwa kwamanye amazwe kanti neTurkey yayiqhubeka nokubaletha abanye nakuba isiyalelwe ukuthi ingabe isakwenza lokhu. Lokhu kwagcina sekuphenduka umdlalo wepolitiki phakathi kwalawa mazwe omabili lapho khona iGreece eyayisibawezela emngceleni waseTurkey abantu kanti neTurkey yenza okufanayo kodwa sebephelezelwa umbutho wezempi ozoqapha ukuthi akekho obuyayo. Yatheleka ngehlazo elikhulu i-EU kulokhu okungangokuthi iGermany yaze yaphoqeleka ukuthi yamukele isibalo esiphezulu kakhulu njengabahlongozi balolu hlelo. Umhlangano wokulungisa konke lokhu uzoba ngeviki elizayo phakathi kweTurkey ne-EU. Le nhlangano isitshele iTurkey ukuthi kumele iqale uhlelo lokwamukela abokufika abaseGreece ngokuphazima kweso njengoba le ndaba isiqala ukuba inhlekelele ikakhulukazi njengoba abantu beqoqelene ngokweqile kanti nalu nokhuvethe lugasele.
Isikhulu seHhovisi lakwaNdabazabantu ku-EU uNkk uYlva Johansson sithe: “Ngibiza iTurkey ukuthi ivulele abantu abajikisiwe eGreece ngokuphazima kweso.” Lokhu ukusho kade evakashele esinye seziqhingi okuhleli khona laba bokufika iLesbos enabantu abayizi-8 000.
Ngeviki elizayo abaholi be-EU u-Ursula von der Leyen noCharles Michel bazoba nomhlangano noMengameli weTurkish uRecep Tayyip Erdogan wokuxoxisana ngesixazululo sale nkinga. Ekuqaleni kwale nyanga laba baholi baba nomhlangano no-Erdogan ngokufanayo kodwa behluleka ukumguqula umqondo u-Erdogan. Esekufaka usawoti esilondeni ngeTurkey ukuthi ngeviki eledlule imemezele ukuthi uyahoxa esivumelwaneni samazwe ase-Europe sokuvikela abesifazane odlameni. Lokhu kuthukuthelise kakhulu izinhlangano ezilwela amalungelo abantu. Ikakhulukazi ngoba abantu abaningi iTurkey ebathumela eGreece ngabesifazane abanezingane.
NgoMsombuluko, i-EU imemezele ukuthi izofaka izigidi ezingama-$326 ekwakhiweni kwezakhiwo zesikhashana eziqhingini iLesbos, iChios, iSamos, iKos neLeros. Kulezi ziqhingi bayizi-14 000 abokufika abahlaliswe kuzo. UNgqongqshe woMnyango Wabokufika eGreece uNotis Mitarachi unxenxe iTurkey ukuthi yamukele abayi-1 450 izicelo zabo ezinqatshiwe njengokusho kwesivumelwano esashicilelwa sasayindwa ngowezi-2016. Lo Ngqongqoshe uphinde wacacisa ngezakhiwo ezintsha ezisesiqhingini iSamos wathi zizoqedwa ngoNhlangulana bese kuthi eziseLeros naseKos ziqedwe ngoMandulo. I-EU yatheleka ngehlazo ekuqaleni konyaka ngesikhathi abokufika kulezi ziqhingi bokhela ngomlilo izakhiwo ababehlaliswe kuzo bekhala ngokuthi ziyabanda, aziphephile futhi azinamanzi. Lokhu kwayifakela amehlo le nhlangano eyabe iTurkey isiqhamuka nesu lokuthi yona ingabamukela laba bantu ukuthi bahlale okwesikhashana edolobheni i-Ankara uma inganikezwa izigidigidi eziyisithupha zama-Euro okwabe sekusolakala ukuthi bekuvele kuyicebo lalo leli lizwe eselizitholele umbele ogwansile. Ngenxa yokwesaba amehlo abantu i-EU yakuvuma lokhu. Okungakho kungangabazeki ukuthi lezi zakhiwo ezintsha ziyindlela yokuziphunyula kulo noxhaka weTurkey.
Emveni kokuhlonza ukuthi i-EU neTurkey babambisa elenjelwane, iGreece isinemithetho eqinile yokwamukela abokufika. UHulumeni wakuleli lizwe oholwa nguNdunankulu uKyriakos Mitsotakis kusukela ngowezi-2019 ukhomba ukuziqhelelanisa nesivumelwano se-EU neTurkey kanti ukhomba ukuvuna abantu bakuleli lizwe abathi ababafuni laba bokufika ngoba bayeba futhi bazofohlisa inkolo yabo yobuSulumane. Lokhu kubonakala ngokuthi angafuni nokuyikhuza eyomholi wesifunda iNorth Aegean uCostas Moutzouris esihole imashi siphelezelwa ngabangama-300 yokuveza ukungenami ngezakhiwo ezintsha eLesbos.
Akhala ngakho kakhulu uMoutzouris ukuthi njengoba amanye amalungu e-EU esekhomba ukuhoxa kulolu hlelo lokwamukela abokufika kungenzeka ukuthi lezi zakhiwo ezakhiwa eLesbos akuzona ezesikhashana kodwa sekwakhiwa umphakathi omusha.
Lokhu kukhala kwakuyingxenye enkulu emkhankasweni wakhe uMoutzouris okhethweni lwanyakenye lapho azidlela khona amahlanga.
I-EU isola iGreece ngokusonga izandla ezinkingeni ezihlasele abokufika. Enkulu kakhulu ilena yokushoda kwezidingongqangi okufakwa kuzo amanzi, ugesi, nezempilo.
IGreece yangena kulesi sivumelwano ne-EU ivele isontekile kwazise ngowezi-2011 leli lizwe lalicwile ezikweletini latakulwa yile nhlangano ngezigidigidi ezingama-€86.
Okungakho kwabalula ku-EU ukuthi ikhombe leli lizwe njengabazosingatha abokufika. Uhlelo lwaba nezigqinamba eziningi okungabalwa kuzo ukunqikaza kwamanye amalungu e-EU ayesayinde isivumelwano, imibhikisho engahambisani nokusingathwa kwabokufika kanye nengcindezi yezomnotho efike nokhuvethe kodwa enkulu kakhulu kube yile yeTurkey ebe isebenzisa lolu hlelo ukulwa izimpi zayo neGreece njengoba lawa mazwe ebanga impumalanga yolwandle iMediterranean osekutholakale ukuthi icebe ngowoyela kanti leli lizwe seliphinda libona ithuba lokusenga imali ku-EU ngalolu hlelo okugcine sekuholela ekunqakiswaneni ngabokufika phakathi kwalo neGreece.