Now Reading
Imibuzo ngesandla se-Iran kuqubuka izidlamlilo e-Iraq
Dark Light

Imibuzo ngesandla se-Iran kuqubuka izidlamlilo e-Iraq

NgoLwesithathu kugasele amadoda ahlomile edolobheni iBaghdad eshumayela elokuthi umbutho wezempi wase-United States of America (USA) awuphume uphele e-Iraq aphinde asabisa ngokuthi azosuphula indlebe kaNdunankulu uMustafa Al-Kadhimi. Lokhu okwenzekayo kuyahambisana nokuqubuka kwezidlamlilo ezihlalise abantu lubhojozi kuleli lizwe. 

Okufanayo ngalezi zidlamlilo ukuthi zithi zikwenza lokhu ngoba zizwelana ne-Iran engazwene ne-USA. Lokhu kwenzeka nje leli lizwe lizama ukwakha ubudlelwano nomakhelwane bayo okungabalwa kubo iSaudi Arabia, iKuwait, neJordan ukuzama ukufukula umnotho ongenzi kahle kanti futhi leli lizwe seliziqalile izinhlelo zokhetho lukazwelonke ngoMfumfu. 

NgoMasingana wanyakenye i-Iraq yasabisa ngokuxosha wonke umbutho wezempi we-USA okuleli lizwe kulandela ukubulawa kukaJenene wombutho wezempi e-Iran uQasem Soleimani kuleli lizwe. Kamuva nje kubonakala leli lizwe seliziqhelelanisa nale nkulumo kwazise lizoba nomhlangano wokuqinisa amaxhama ne-USA. Lezi zingxoxo zizoba ngeviki elizayo kanti zicelwe yiwo uHulumeni wase-Iraq. Okunakekayo ukuthi lokhu kuyaphikisana nesethembiso sikaNdunankulu u-al-Kadhimi sokuzehlukanisa nombutho wase-USA othatha izinqumo ezweni lakhe ngaphandle kokumazisa. 

Ayizi-2 500 amasosha ombutho ase-USA asasele kuleli lizwe kanti kubikwa ukuthi u-al-Kadhimi usola sengathi i-USA ingasebenzisa lo mbutho nanoma inini uma isifuna ukumgudluza. Lokhu kukhuluma kwaqhamuka emuva kokubulawa kukaSoleimani nyakenye i-USA engafihlanga ukuthi isenzo sayo kanti kulokhu kuhlasela kwafa noJenene wombutho wase-Iraq u-Abu Mahdi al-Muhandis. 

Lo Jenene uye owayeyinsika yombutho we-Iraq kanti yize i-USA ithi ukufa kwakhe kwakuyiphutha kodwa u-al-Kadhimi wathi wazi kahle ukuthi okwamabomu. Ukufa kwalabo Jenene yikho okwapha ithuba izidlamlilo ukuthi zizenzele umathanda kuleli lizwe njengoba sekusolakala ukuthi konke lokhu kwenzeka ngentando ye-Iran efuna ukuvimba ukubuyisana phakathi kwe-Iraq ne-USA. Elinye lalawa maqembu ezidlamlilo iRabaallah kusolakala ukuthi londliwa i-Iran kwazise yilo elisanda kuhlasela amahhovisi e-USA eBaghdad kanye nezizinda zombutho wezempi kuleli dolobha. I-Iraq iyehluleka ukugxamalaza njengoba ifuna ukuba umngani ne-Iran kanye nomkhaya bayo ekubeni bengahoshelani. 

See Also

Leli lizwe liphinde lizithole liphakathi komdonsiswano phakathi kwe-Iran ne-USA. Nakuba i-Iran ne-USA bakushayela ihlombe ukungena kuka-al-Kadhimi kodwa kubonakala selilodwa uhlangothi olweneme ngaye. Kubonakala zimbili izinto lezi zidlamlilo ezizama ukusontela i-Iraq kuzo. Okokuqala, lezi zidlamlilo zifuna lungaqali uhlelo lokuhlonzwa kokubaluleka nomthelela wemibutho ezimele ese-Iraq. 

Okwesibili, zifuna ukuthi i-Iraq igcine isethembiso sayo sokuxosha wonke umbutho wezempi wase-USA okuleli lizwe. Lokhu kulandela isenzo sika-al-Kadhimi sokunqanda ukusebenza kweRabaallah kanye nokuvumela umbutho wase-USA ukuthi weluse lezi zidlamlilo. 

Scroll To Top