Now Reading
Izinguquko okhethweni lwaseHong Kong
Dark Light

Izinguquko okhethweni lwaseHong Kong

IChina isemkhankasweni wokuzama ukubeka uHulumeni ozothembeka kuyo eHong Kong emva kwemibhikisho enodlame ewise umnotho yadala nokungalawuleki kuleli dolobha phakathi kowezi-2019 nowezi-2020. NgoLwesibili isigungu esiphezulu esithatha izinqumo eChina siphasise ngo-elethu umthetho ohlose ukuletha izinguquko okhethweni lwaseHong Kong. Uzokwehlisa isibalo sabazokhethelwa ukungena esiShayamthetho sisuka kuma-35 sia kuma-20. Abangenele ukhetho bazoqale baphenywe ukuthi kubafanele yini, lokhu kuhlanganisa ukubheka imibono yabo yezepolitiki. Isibalo sabantu abazoba amalungu ekomidi lokhetho sizokhuphuka sisuka e-1 200 siye e-1 500.

Ikomidi lokhetho liqoka umphathi waseHong Kong nokuyisikhundla esiphethwe uCarrie Lam njengamanje.

ISishayamthetho saseHong Kong kuhlelwe ukuthi siziphasise ngoNhlaba izichibiyelo zokhetho ezenziwe iBeijing. Ethula uhlelo lokubamba ukhetho, uLam uthe abaholi bonke baseHong Kong bayazeseka izinguquko zokhetho. Uphinde wathi ukuphenywa kwabangenela ukhetho ngeke kwenzelwe ukululaza labo abanemibono yezepolitiki eyehlukile kodwa izokhipha labo abangathembekile ezweni.

Kulindeleke ukuthi iHong Kong ibambe ukhetho lwamalungu eSishayamthetho ngoZibandlela emveni kokuthi ukhuvethe luphoqe ukuthi luhlehliswe ngonyaka odlule.

IBeijing ithe yenza lezi zinguquko zokhetho ukuze kuqiniswe uzinzo eHong Kong emva kokuthi imibhikisho idale uthuthuva kuleli dolobha.

Isigungu esiphezulu esithatha iziqumo eChina siphasise izinguquko zokhetho emasontweni amabili edlule. UMengameli eSishayamthetho eHong Kong u-Andrew Leung, uthe uhlelo olusha lokhetho luyahambisana nesimo esikhona njengamanje kulesi sifunda. Lokhu kuholele ekutheni amazwe afana ne-USA, i-Australia, iCanada, i-European Union, neBritain agxeke iBeijing ngokucindezela intando yeningi kulesi sifunda. IChina bayisola ngokuthi yenza lezi zinguquko ukuze iqinisekise ukuthi abantu abakhethayo eHong Kong bazolalela yona. NgoLwesibili uLam ukuchithile ukuthi imigomo emisha izovimba abamaqembu ezepolitiki ukuthi bangenele ukhetho. “Izichibiyelo akuhlosiwe ngazo ukuthi kuqokwe uhlobo oluthize lwamalungu eSishayamthetho.  Abantu abanemibono yezepolitiki ehlukile bazokwazi ukungenela ukhetho,” kusho uLam.

See Also

UMnyango Wezangaphandle eChina uzichithile izinsolo ezenziwe yila mazwe, futhi ugcizelele ukuthi lesi sinyathelo sizoqinisekisa ukulandelwa kohlelo lwe-”One Country, Two Systems’ olusho ukuzilawula kweHong Kong kodwa ngaphansi kwemithetho yaseChina.

OwoMnyango uHua Chunying, uthe umgomo wabaholi abathembekile ezweni uzohambisana nohlelo lokuqinisekisa uzinzo lwesikhathi eside. “Umthetho omusha ukhomba injongo eyodwa yabo bonke abantu baseChina kanye nabaseHong Kong,” kusho uHua.

Uthe iBritain ayinawo amandla okungamela ukuphathwa kweHong Kong noma ukugxambukela ezindabeni zakhona kusukela lesi sifunda sabuyela ngaphansi kweChina. IBritain ngowe-1997 yabuyisela ukulawulwa kweHong Kong kuHulumeni waseChina. Izinguquko zokhetho zilandela ukubekwa komthetho wezokuvikela eHong Kong iBeijing ethe owokuqinisekisa uzinzo kulesi sifunda.

Scroll To Top