Ifu elimnyama: Kusenele isishoshovu nombhali wase-Egypt
by Anathi Mtaka
April 2, 2021
Isithombe: nguJon Enoch
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umbhali odumile wase-Egypt ophinde abe ngudokotela wezifo zengqondo uNawal El Saadawi, udlulile emhlabeni eneminyaka yobudala engama-89. UNawal ubaziwa ngokulwela amalungelo abantu nokulwa nokuguqulwa kwezitho zangasese. Waboshwa washushiswa futhi wathola izinsongo ezivela kwabangavumelani naye ngenxa yemibono yakhe enesibindi. Ungumsunguli noMengameli we-Arab Women’s Solidarity Association kanye ne-Arab Association for Human Rights.
