Now Reading
Kuphela unyaka golokoqo emveni kwesimemezelo sokuqala semvalelwakhaya
Dark Light

Kuphela unyaka golokoqo emveni kwesimemezelo sokuqala semvalelwakhaya

Namhlanje kuphela unyaka golokoqo kwaqala umvalelwakhaya eNingizimu Afrika. UMengameli uCyril Ramaphosa mhla zingama-23 kuNdasa nyakenye wamemezela ukuthi mhla zingama-26 kuNdasa kuzoqala imvalelwakhaya ukugwema ukubhebhetheka kokhuvethe. 

Izakhamuzi wazinika izinsuku ezimbili ukuba zizilungiselele lesi simo esisha ezazingena kuso. 

Kuso lesi sikhathi semvalelwakhaya lapho ukhuvethe ludla silaza ludla fumuka kubonakale izinguquko eziningi ngesikhashana esincane obekuphoqa ukuthi ziqale ukusebenza ngokushesha. Ukukha phezulu izinguquko esizibonile ezinye zazo elaboHlanga elibikile ngazo, sibone abokufika besele dengwane nabo bengakwazi ukwenza imali yokuziphilisa ikakhulukazi esigabeni sesihlanu semvalelwakhaya. 

Udaba olwalukhuluma ngalokhu isihloko salo esithi, “Inkankane nenkankane alidle ngakubo”  lwathinta kakhulu izakhamuzi zithi, “isithebe sanele abegceke” ngenkathi abokufika nabo befuna ukubhekeleleka. 

Okunye okuqaphelekile ngalesi sikhathi ukubona uHulumeni usebenzisa imali uvikela izakhamuzi, utshala amasosha ukuba aqaphe umphakathini, amaphoyisa enza izivimbamgwaqo ngenhloso yokugwema ukuthi abantu bambondelane bagcine sebethelelena ngalesi siqhwaga. 

Kubonakale abantu belwisana neminye imigomo yemvalelwakhaya bekhala ngokuthi iyabacindezela, njengokuvalwa kukagwayi notshwala, ukuncishishwa kwesibalo sabantu abahambela imingcwabo lapho kwakulindeleke ukuba kube ngabasondelene nomufi kuphela, ukungabonwa kwesidumbu ngenxa yokukhathazeka ngamasiko enziwayo ngaphambi kokuba singcwatshwe. 

Ukuncishiswa kwesibalo sabantu abangena ezimotweni kwaholela ekutheni kubhikishe abamatekisi kwaze kwaguqulwa lowo mgomo kwathiwa isithuthi somphakathi esihamba ibanga elincane asilayishe ngokugcwele kuvulwe amawindi kuthi esamabanga amade okungamakhilomitha angaphezu kwama-200 silayishe umthwalo ongama-70%. 

Kwaphinde kwaba nomgomo wokungavakashelwa kwabantu ezibhedlela, abanye bangalithola nethuba lokuyovalelisa ezihlotsheni zabo esezidlula emhlabeni.

Sibone uHulumeni usungula isibonelelo sabangasebenzi sama-R350 esisanezinkinga namanje emveni konyaka kwazi asinakho ukuhleleka nesiqiniseko sokuthi isakhamuzi esiyibhalisele sizoyithola. 

Kube nokukhuphuka kwezibalo zabantu abahaqwa ilesi sifo kanjalo nabadlulayo emhlabeni lokhu okwenzeka nasezindaweni zasemakhaya kwaphoqa ukuba uHulumeni uhambe uyofundisa izakhamuzi ukuthi zingazivikela kanjani ekuhaqweni ilesi sifo. 

Khona kunjalo, kukhona ababe sanenkolelo yokuthi ukhuvethe lugcina edolobheni, ngakho bona ngeke bazifake izifonyo nezinye izivikeli, bazifaka uma beya emadolobheni kuphela. 

Ngalesi sikhathi izakhamuzi zenyukelwa ukumethemba uHulumeni ngendlela asingathe ngayo igagasi lokuqala lokhuvethe kepha ngesigaba sesibili kwaphela lokho kwavuka nemibuzo yokuthi konakelephi? Zaqala nezakhamuzi zalandela imigomo ebekiwe ngenxa yokuthi wonke umuntu wayese nesilonda sokhuvethe. 

See Also

Umnotho ushone phansi ngendlela eyisimanga, izakhamuzi zalahlekelwa imsebenzi, zancishiselwa amaholo, kwavalwa amabhizinisi asenesikhathi abakhona naziwayo njengenkampani yamabhasi amabanga amade iGreyhound. Iminyango kaHulumeni iqale yasebenzisana njengoWezokuthuthukiswa Komphakathi uphiko oluholela izibonelelo iSouth African Social Security Agency (SASSA) lusebenzisana nomasipala ukuba baqaphe abahola emaposini ukuba balandele imigomo yokhuvethe. 

Kwezemfundo sibone izingane zifunda ngendlela entsha neyehlukile kweyejwayelekile. Abafundi sebethembela kakhulu ebuxhakaxhakeni ukuze baqhube izifundo zabo, noHulumeni watshala imali eningi ekutheni ukufunda kuqhubeke ngale ndlela. 

Abafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme bebehlinzekwa ngedata kwathi kweyisisekelo kwafakwa imali kukhokhelwa imsakazo neziteshi zamathelevishini kwajutshwa othisha ukuba bafundise. Kumfundo eyisisekelo kube nendlela entsha yokuya esikoleni lapho abafundi bengena ngokushintshana kodwa umatikuletsheni wagcina usungena nsukuzone. Nokho lezi zinguquko azibanga nomphumela omubi kangako uma kubhekwa imiphumela kamatikuletsheni yanyakenye. 

Lo mkhuhlane uthathe abaholi abanamava emphakathini, kusukela kowokuqala owadlula emhlabeni KwaZulu-Natal obeyilungu lesiShayamthetho phambilini owayeyiMeya yakwaDukuza uMnu uRicardo Mthembu, kwalandela iMeya yaseMlalazi uMnu uThelumoya “Jeke” Zulu, iMeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uNkk uNonhle Mkhulisi, uMphathiswa Womnyango Wezokuthutha uMhlonishwa uBheki Ntuli, ilungu lePhalamende uNkk uNomvuzo Shabalala, noNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnu uJackson Mthembu. 

Kuso lesi sikhathi esingangonyaka sesilinde igagasi lesithathu lalolu bhubhane.

Scroll To Top