Now Reading
Kuningi asikhumbuza khona uNdasa njengenyanga yezehlakalo
Dark Light

Kuningi asikhumbuza khona uNdasa njengenyanga yezehlakalo

Umlando uqala ngenkathi umuntu eqaphela okwenzeke ekubona ngamehlo, ekuzwe ngezindlebe nakufundile ndawana thizeni bese eqaphela imizuzu, amahora, izinsuku, izinombolo, izinyanga neminyaka okwenzeke ngakho. 

Usuke ususabalele lowo mlando. Abelungu basakwenza lokhu, abakwenzi aboHlanga yize benolwazi olumqoka. 

Kufanele kucace ukuthi umlando umayelana nezinto eziningi ezahlukahlukene ezazizintsha zisaqala emva kwalokho kwathiwa zindala. Njengokuthi imizimba yethu, izakhiwo okulalwa, okusetshenzelwa, okufundiselwa, okulashelwa, okuthengwa ngemali ezokwembathwa nokudla, ezobuchwepheshe, injabulo yosuku lokuzalwa ebungazwayo kanye nokunye. Kwaqala kukusha ekuhambeni kwezikhathi kwaba kudala kwaba wumlando.

Ezinkundleni ezanduleleyo sasibalule ukuthi izifundo ziwumlando ngoba kusuke kufundwa lezo zifundo ngalowo nyaka. Ekubeni amabhuku, amaphepha ngaleso sifundo ashicilelwa ngeminyaka eyedlule sekuwumlando ngesifundo leso ukuthi sifundisani. 

Kusazoqapheleka ukuthi ekuqaleni kwenyanga uMasingana kufike kuNdasa wezi-2021 kugqame ngezehlo ezithinta ukukhothama kwaMakhosi ahlukene eNingizimu Afrika. UNdasa uqapheleka ngezinto eziningi.

AboHlanga baKwaMashu bangagubha minyaka yonke uNdasa, bekhumbula ukususwa eMkhumbane ngendluzula ngowe-1958. Kungakuhle noMnyango kaMasipala weTheku okungoWezamagugu Nomlando, iDurban Local History Museums wenze umbungazo ngoNdasa. Njengoba wawenza okokuqala ubambisene noWezamapaki, Ukungcebeleka Namasiko, iDURBAN UNESCO  CITY  OF LITERATURE noweDDP zingama-29 kuLwezi ngowezi-2018. UMashu wawuqeda iminyaka engama-60, waphinda uMnyango ngowezi-2019.

Kanti uNdasa mhla zingama-21 waba usuku lweholidi lwamalungelo esintu. Kukhunjulwa isibhicongo esasimayelana nokubulawa kwaboHlanga ababeyokhonondela ukuphathwa kwamapasi, badutshulwa eSharpeville ngowe-1960. 

Zazingama-31 kuNdasa we-1973 ababesebenza kwaCoronation owawaziwa ngokuthi ikwaMagenqe beqeda isiteleka ababesiqale ziyisi-9 kuMasingana befuna amaholo aphilisayo nezimo ezingcono.  

Kwaba nesibhicongo sababulawa elokishini kwaLanga, e-Uitenhage zingama-21 ngoNdasa we-1985 mzukwana beyokhumbula esaseSharpeville. 

Kwezinye izinhlanga uNdasa waqondana nokuthinta zona ngqo zikhumbula okuwumlando kuzona. Yakuqinisekisisa nencwadi engaqala ukuyifunda ngowe-1989 ngayiphinda ngoNhlolanja wezi-2019 ethi “A Documentary History of Indian South Africans” eyahlelwa nguSurendra Bhana, Briglal.

Ekhasini lesi-3 kubhalwe ukuthi kwakunamaNdiya afika ezibiza ngayekhethekile bethi iFirst Class, iPassenger, iMerchant babhalela uKopeletsheni ngowe-1870 bekhala ngamalungelo angcono emphakathini ngamunye wamaNdiya ngamaqhaza ayebanjiwe.

Wangintongelisa ziyisi-7 kuMasingana wezi-2021 uMnu uNatvar “Bhikhoo” Harie, umkhandi wezicathulo wesitolo iH.D. Kalidas & CO wathi wawuyiqiniso umlando owawubhalwe ngelinye lamaphephandaba ashicilela ngolimi lwesiNgisi, ngesihloko esasithi “End of Era: Durban Cobbler to Close Shop After 99  Years”. Ukuthi isitolo savulwa ngowe-1922 kuGrey Street ngumkhulu wakhe, owafika  eyiPassenger. Nanokuthi wayesesivala ekupheleni kukaMasingana sesisemhubheni iLCT Centre, emgwaqeni uDenis Hurley (Queen Street) neNgcugce (Albert Street).

See Also

Ekhasini lesi-6, abeNkolo ye-Islam babhalela uKopeletsheni mhla zingama-26 kuNdasa ngowe-1877 bekhononda ngokuboshwa emva kwehora lesishiyagalolunye ebusuku uma bebuya ukuyodumisa uMdali futhi uma begubha namasiko abo. Kuyabonakala ukuthi uMasipala wabanika abenkolo yobu-Islam amalungelo kudala kusewuKopeletsheni. Ngeke kwamangaza uma uMasipala esakwenza.

Kwathi ngoNdasa izinsuku zingama-22 kowezi-2015, osukwini lwangeSonto, safunda izingqwembe ezazisezigxotsheni zephephandaba elishicilela ngolimi lwesiZulu. Kwakungamagama ayefundeka sengathi iSILO sasiphaka impi. Ngashayela uMhlonishwa nowayengekho eThekwini ngaleso sikhathi ngathi asivikele iSILO ngalo mbhalo. Ngamchazela ukuthi kwakuzoba nodushe kushaywe abokufika bese kuthiwa iSILO esasiyivubele. Nebala kwaba njengamagama enkehli, njengoba ngangishilo.

Sekwaba umlando ukuthi kwakuyinkulumo yeSILO esasiyethule embuthanweni owawusoPhongolo ngoMsombuluko mhla zili-15 kuNdasa ngowezi-2015. Ekubeni umbiko waze washicilelwa ephephandabeni langeSonto. Kwadingeka ukuba  iSILO siyocacisa kahle inkulumo yaso embizweni eyayiseMoses Mabhida Stadium zingama-20 kuMbasa ngonyaka ofanayo. IKhomishini Yamalungelo Esintu ebizwa ngeSouth African Human Rights Commission yasithola singenacala iSILO.

Kwagxekwa ubudedengu bezintatheli zemithombo yezindaba. Kanti kunenkulumo engesiNgisi kaMalcom X wase-United States of America lapho ayegxeka abemithombo yezindaba ngokwenza umuntu onamanga abengoneqiniso nothembekile bese umuntu oneqiniso nothembekile bamenze umuntu omubi. Ngoba nabantu bayakuvumela ukwenziwa iziphungumangathi ngabezindaba.

Inyanga uNdasa isiwumlando ngosuku lwamhla zili-12 Ndasa kowe-2021 ngoLwesihlanu okwakhothama ngalo iSILO uZwelithini kaBhekuzulu. Uma siqaphela, sifunda ukuthi ukhokho waso uMpande wakhothama ngowe-1872. ISILO sakhothama sineminyaka yobudala engama-72.

Ukukhothama kweSILO kwendulelwa okweNkosi uMelizwe Dlamini waseNhlangwini eyakhothama ziyisi-6 kuNdasa ngowezi-2021. Kuyosolisa uma sekukhothama enye yaMakhosi, imithangala yaboHlanga.

Scroll To Top