Now Reading
IChina igxeka i-USA ngokuhlukumeza amalungelo abantu bakhona
Dark Light

IChina igxeka i-USA ngokuhlukumeza amalungelo abantu bakhona

IChina isigxeke i-USA ngodaba lokucwasa ngokwebala, ukungalingani ngokwempilo yabantu emphakathini kanye nendlela uHulumeni wakhona osingethe ngayo udaba lokhuvethe.

UHulumeni waseChina ukhiphe umbiko obheka ukuhlukunyezwa kwamalungelo esintu e-USA kunyaka wezi-2020.

Lo mbiko uthi i-USA iyekele ubhubhane ukhuvethe lwaphuma esandleni, nokube yinto ehambisane nezinkinga zezepolitiki, ukuxabana kwezinhlanga ezahlukene kanye noqhekeko kubantu jikelele. 

IChina isola abaphathi bezwe e-USA ngokungalaleli izexwayiso ezabe zivela kongoti bezesayensi kwaze kwaba ukuthi isimo siba sibi kakhulu. 

Iphinde ibasole ngokwehluleka ukwamukela ukuthi ibona abasephutheni ngalesi simo esibi sokhuvethe ezweni. 

“Ubhubhane luphume esandleni lwanganqandeka, lwadala usizi kubantu ngenxa yobudedengu bukaHulumeni ekubhekaneni nalo. Ukuze lunqotshwe lolu bhubhane, kudingeka kube nokusizana kanye nokuthi kusetshenziswane phakathi kwamazwe wonke,” kusho umbiko.

Umbiko uphinde ugxeke izinhlaka nezikhungo zentando yeningi e-USA ngokuba inhlakanhlaka ngenxa yokudungwa ezombusazwe.  Uqhuba uthi imali isiphendule ukhetho lukaMengameli inkundla yezinkinsela ngesikhathi uquqaba lona seluphelelwe ithemba kulolu hlelo. 

Uthi abantu bezinhlanga ezincane e-USA babhekene nokucwaswa okujulile ezinhlelweni zakuleli zwe nokwenza isimo sabo singabi sihle neze. 

“Oyedwa kwabathathu ungumuntu webala kubantu abangaphansi kweminyaka eli-18 kodwa ababili kwabathathu kubona bagcwele emajele,” kusho umbiko.

Enye into oyibalulayo ukutheleleka kwezinhlanga ezahlukene ngokhuvethe ngezinga elingafani. 

Uthi abantu abamnyama base-USA banamathuba aphezulu okuthi batheleleke ngegciwane uma kuqhathaniswa nabantu abamhlophe. AboHlanga kuphinde kube ibona abashona kakhulu nabalaliswa ezibhedlela kakhulu ngenxa yokhuvethe. 

Umbiko uphinde uthinte udaba lokubulawa kwabantu ngezibhamu kanye nokufa kwabantu abamnyama bebulawa amaphoyisa. 

See Also

Uthe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwaboHlanga base-USA bebulawa amaphoyisa ngoba ayikho indlela yokuqapha ukusebenza kwawo.

“Ukubulawa kwaboHlanga e-USA kuphezulu ngezinga eliphindwe kathathu uma kuqhathaniswa nabamhlophe. 

“Kunokuthi uHulumeni wase-USA ubheke umlando wawo omubi wokuhlukumeza amalungelo esintu, ubulibele ukuphawula ngendlela ewubudedengu ngodaba lwamalungelo esintu kwamanye amazwe,” kuqhuba umbiko.

IChina ikhiphe lo mbiko ngesikhathi i-USA isanda kusola leli lizwe ngokuhlukemeza amalungelo abantu baseXinjiang, Hong Kog naseTaiwan. I-USA, i-EU, iCanada ne-UK bafake unswinyo kubantu abathile baseChina ngenxa yezinsolo zokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu. 

Izichithile lezi zinsolo, yabe isifaka unswinyo kubantu base-Europe ngenxa yezinsolo zokugxambukela ezindabeni zezwe.

Scroll To Top