Awomhlaba anxenxa amasosha ukuba amise ingcindezi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abaphikisana nokuvukelwa kombuso eMyanmar baphinde babhikisha ngoMgqibelo kanti nengcindezi yamazwe omhlaba iyakhula ukuphoqa ubuholi bamasosha obulawula leli lizwe ukuthi bumise ukucindezela kwayo abaseki bentando yeningi.
Nomakhelwane baleli lizwe e-Asia bajoyine amazwe asentshonalanga ekugxekeni ukucindezelwa ngamandla kwababhikishi. Umfana osemncane udutshulwe washona kwenye yezindawo ezineziyaluyalu kakhulu edolobheni elikhulu iYangon, kubika isakhamuzi kanye nabezindaba.
Ngokusho kwe-Assistance Association for Political Prisoners, okuyiqembu lezishoshovu, lokhu kuchaza ukuthi isibalo sabantu asebeshonile selokhu kwaqubuka ukuvukelwa kombuso ngoNhlolanja sesifinyelele kuma-238. Ukuchitheka kwegazi akukuqedanga ukuthukuthela komphakathi ngokubuyiswa kombuso wamasosha, ukuxoshwa kukaHulumeni okhethwe ngentando yeningi kanye nokuboshwa komholi walo Hulumeni u-Aung San Suu Kyi.
Kepha ezinye izishoshovu kudingeke ukuthi ziguqule amaqhinga azo. “Thina sibhikisha lapho kungekho khona amaphoyisa noma amasosha, uma sesizwa kuthi nampa beza siyahlakazeka ngokukhulu ukuphazima kweso,” kusho uKyaw Min Htike ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eDawei eningizimu ngaphambi kokuba yena nabanye babambe umhlangano omfushane ngaphandle kwenkaba yedolobha.
“Sizobhikisha kuze kuphumelele lokhu esikufunayo.”
Amanye amaqembu abuthana ebusuku ephethe amakhandlela nezingqwembe, bese eyahlukana ngemuva kokuthwebula izithombe. Abanye abantu baphinde baqhube imibhikisho “engenabantu” esuke inemigqa yezigqwembe ezinemiyalezo efana nokuthi “asisoze sayeka size sithole inkululeko” ezibekwe emgwaqeni.
NgoMgqibelo, inqwaba yababhikishi babuthane edolobheni iMandalay. Iningi lilimele ngesikhathi imoto iqonda ngqo kubona futhi nangesikhathi amaphoyisa ebadubula ngezinhlamvu zenjoloba, lokhu kubikwe iphephandaba lakuleli dolobha. Akucaci ukuthi kungani le moto ishayise ababhikishi.
Kube nemibhikisho kwamanye amadolobha okubalwa kuwo iKyaukme, iHsipaw esenyakatho-mpumalanga yezwe, iKawlin esenyakatho, iHpa-an kanye neMyawaddy empumalanga, iLabutta, Myeik eningizimu kanye nedolobha elisenkabeni yezwe iYay Oo, ngokusho kwabezindaba kula madolobha kanye nezinkulumo ezinkundleni zokuxhumana.