Ukuhlukunyezwa kwabesifazane eTurkey akusabekezeleki



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uTayyip Erdogan ukhiphe leli zwe esivumelwaneni samazwe omhlaba esenzelwe ukuvikela abesifazane, lokhu kushiwo uHulumeni ngoMgqibelo okugcine sekudale imibhikisho kanye nokugxekwa okuqhamuka kulabo abathi kunesidingo sokubhekana nodlame lwasekhaya olukhulayo.
ICouncil of Europe Accord, ebizwa ngokuthi yi-Istanbul Convention, yayithembisa ukuvimbela, ukushushisa nokuqeda udlame lwasekhaya nokukhuthaza ukulingana. Leli lizwe lasayinda lesi sivumelwano ngonyaka wezi-2011 kepha ukubulawa kwabesifazane kwanda eminyakeni edlule.
Asikho isizathu esibekiwe ngokuphuma kwaleli lizwe kulesi sivumelwano kepha izikhulu eziphezulu zikaHulumeni zithe umthetho wangaphakathi kuleli zwe iwona ozolamula le nkinga kunokungena kwemithetho yangaphandle. Lesi sivumelwano esenziwa edolobheni elikhulu kuleli lizwe bese sihlukanise phakathi iqembu elibusayo lika-Erdogan i-AK Party (AKP) ngisho nomndeni wakhe imbala. Ngonyaka odlule izikhulu zathi uHulumeni wase ucabanga ukuphuma kulesi sivumelwano ngenxa yokungavumelani ukuthi kuzolawulwa kanjani ukwanda kodlame oluqondiswe kwabesifazane.
“Nsuku zonke sivuka nezindaba zokuthi kukhona owesifazane osebulewe,” kusho umfundi e-Instanbul uHatice Yolcu. “Ukufa akupheli. Abesifazane bayashona. Ayikho into eyenzeka kwabesilisa,” kugcizelela uYolcu.
UMarija Pejcinovic Buric onguNobhala jikelele weCouncil of Europe ubize isinqumo saleli zwe “njengesilimazayo”. “Lesi senzo sisibuyisela emuva… futhi sibi kakhulu ngoba kuhlanganisa ukuvikelwa kwabantu besifazane eTurkey, kuyo yonke i-Europe kanye nakwamanye amazwe,” kusho uNobhala Jikelele.
Abaningi abasadla ngoludala abakuleli lizwe kanye naseqenjini i-AKP eligxile enkolweni yobuSulumane bathi lesi sivumelwano sibukela phansi isakhiwo somndeni, sikhuthaza udlame.
Abanye abasithandi lesi sivumelwano ngenxa yomgomo waso wokulingana ngokobulili lokho abakubona njengokugqugquzela ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo ngenxa yomgomo wokungabandlululi kulandelwa ilungelo lokuzikhethela ngokwezocansi.
“Ukulondolozwa kwendabuko yethu yomphakathi kuzovikela isithunzi sabesifazane baseTurkey. Ngale njongo ephakeme, asikho isidingo sokufuna ikhambi ngaphandle noma silingise abanye,” lokhu kubhalwe nguSekela Mengameli waleli lizwe uFuat Oktay enkundleni yokuxhumana uTwitter.
Abagxeka ukuphuma kwaleli lizwe kulesi sivumelwano bathi lokhu kuzokhipha kakhulu kunakuqala leli zwe enhlanganweni i-European Union (EU), enelungelo lokuyijoyina. Bathi isivumelwano kanye nemithetho yaso kudinga ukuthi kusetshenziswe kanzima futhi kakhulu. IGermany ithe isinqumo seTurkey sithumele umyalezo ongasiwona. “Akukho siko noma inkolo okanye amanye amasiko ezwe angasebenza njengezaba zokunganaki udlame olubhekiswe kwabesifazane,” kusho uMnyango Wezangaphandle waseGermany.
ITurkey ayiyigcini imininingwane yezibalo zabesifazane asebebulewe kuleli zwe. Kepha izibalo ezingaqinisekisiwe kahle uHulumeni zithi kukhuphukile ukubulawa kwabesifazane kule minyaka eyishumi edlule. Njengamanje cishe abesifazane abangama-78 babulewe noma bashona ngaphansi kwezimo ezingaqondakali kahle kulo nyaka.
IWorld Health Organisation (WHO) ithe izibalo zayo zithi amaphesenti angama-38 abesifazane bakuleli lizwe bahlukunyezwa ngabalingani babo, uma kuqhathaniswa nokungamaphesenti angama-25 ezwenikazi i-Europe.