Yigceke elabe likulolonga ukuze ube ngumuntu



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
AboHlanga sebahlulwa wukwetshisa, baphawula ngisho singekho isidingo
Siphila esikhathini lapho abantu bengenasikhathi, bayagijima. Kugijinywa kuvukwa kuze kube kuyolalwa. Akugcini lapho njengoba okunye okwenziwa ngabantu wukukhuluma bengaqedi ngezinto abazaziyo nalezo abangazaziyo.
Nalapho kuyasheshwa. Leli siko elisha selilibulele izwe njengoba sebebaningi abazibona besenkingeni noma sebefake abanye abantu enkingeni ngakho belu ukungakwazi ukuzibamba umuntu ajahe ukwenza nokukhuluma. Ukuthula, ukuzotha kanye nokwetshisa kwabe kuyizinto ezimqoka kwaboHlanga.
Uzwe umnumzane wonke uma eseqede ukulalela udaba athi uzwile kepha usayokwetshisa. Ekwetshiseni lapha usuke ezoqala uhlelo lokubonisana kuqala naye siqu bese edlulela nakwabanye uma udaba lumphica.
Uyothi angadodiswa bese ebuya njalo kulabo abalinde impendulo abe nokuphawula. Nalapho akaxhomondeli.
Isikhathi esikuso sidala umcintiswano wokukhuluma kubantu bengasho lutho. Abanye basuke bephikisa nje ngoba bekholwa wukuthi yilokho okwenza babukeke behlakaniphile noma bebalulekile.
Kulaba kuncane okwenza umqondo noma okuza nesixazululo odabeni nasenkingeni esezithebeni.
Baningi abantu abasemajele ngenxa yokwehluleka ukwetshisa. Laba bathi bangafika esinqumweni benze, uzwe noma ufunde ngomuntu ocasulwe ngumkakhe weminyaka wabe esethatha ivolovolo wadla izingane nonina, omunye naye azingqokloze.
Lo muntu usuke engahlanyi kepha usuke ehlulwe wukwetshisa. Kepha omunye uzosisola ngokusho isiphetho lapho umuntu esenza okubi kepha singabheki ukuthi indaba isuke iqalephi.
Indaba iqala ekhaya
Imizi yabamnumzane kuqala yabe yakhiwe inemithetho ehlonishwayo. Kuba wumuzi nje ngoba kukhona umama nobaba abakhuluma ngendlela ethile. Kube nezingane nazo ezikhuluma nezikhulunyiswa ngendlela ethize. Ngisho impahla okungaba zinkomo nezimbuzi nazo zabe zinendlela ezixhumana ngayo nabegceke.
Le ndlela yokuxoxisana yayenza kube lula ukuqaphela uma sekukhona okuthile okungahambi kahle. Isibonelo uma umama esephakamisa izwi enganeni yabe isiqonda ukuthi kukhona osekungahambi kahle. Kanjalo nobaba uma esefunga abathile lapha egcekeni kwazeke ukuthi isimo kasisesihle.
Ngisho naye umnumzane unabantu abalalelayo nabakwazi ukumeluleka nokumthethisa lapha ekhaya. Nanguya ugogo exhibeni sekunguye othetha ‘icala’ likababa. Lapha engizama ukukusho wukuthi indaba yokulalela nokukwazi ukuthi ukhuluma ngani, nini nakubani yabe ifundwa lapha ekhaya.
Uthi usuphumela ngaphandle nje usunekhono lokwetshisa namandla omqondo. Yebo indoda ayiqali isiganiwe noma umfazi eseganile kepha ifunda futhi ibonakale lapha egcekeni ikhula kwabo. Abantu badelela nje, bezidelela nje yingenxa yalapho besuka khona.
Ngesonto elizayo sizobuka okunye igceke elabe lilolonga abantu kukho. Khumu bazukulu bamaqhawe.