Now Reading
Uzimisele ukunqoba uKhwela yize amalungiselelo ephazamisekile
Dark Light

Uzimisele ukunqoba uKhwela yize amalungiselelo ephazamisekile

Ufuna ukuzifaka emabhukwini omlando uSbonelo “Tough Guy” Khwela ongumdlali womdlalo wokugwedla, iCanoeing.

UKhwela ufuna ukuqopha umlando ngokuba ngumpetha wokuqala woHlanga womqhudelwano omkhulu kulo mdlalo obizwa ngeMyLife Dusi Marathon yakulo nyaka.

Umqhudelwano wakulo nyaka weMyLife Dusi Marathon uzoqala mhla zili-18 kuya mhla zingama-20 kwephezulu. Ngokujwayelekile lo mqhudelwano uye ube ngoNhlolanjana kodwa abaphathi beMyLife Dusi Marathon ngokubambisana nenhlangano ephethe lo mdlalo kuleli, iCanoeing South Africa (CSA), banquma ukuthi lo mqhudelwano ube kule nyanga.

“Indlela engiwenze ngayo amalungiselelo kutshengisile ukuthi ngizimisele kakhulu ukunqoba umqhudelwano wakulo nyaka weMyLife Dusi Marathon. Nyakenye sihlukumezeke kakhulu njengoba ungazange usingathwe ngenxa yokhuvethe. Njengoba nonyaka silitholile ithuba ngifuna nakanjani ukuwunqoba,” kusho uKhwela ongaphansi koMzinyathi Canoeing Club.

Le nsizwa eneminyaka yobudala engama-33 edabuka eShongweni, ixhaswe iRed Bull, iCarbonology Sport kanye nenkampani yakwa-Euro Steel.

Eqhuba uthe: “Ngokujwayelekile siye sizilungiselele ngoZibandlela kwazise lo mqhudelwano ujwayele ukuba ngoNhlolanja. Kunyomfe izinhlelo zami ukuthi uyahlehla ngoba ngizilolonge kakhulu ngawo uZibandlela kodwa ngoba akukho ebengizokwenza ngiqhubekile nokuzilolonga ngokuphindiwe.”

Umfo kaKhwela ngonyaka wezi-2014 wazifaka emabhukwini omlando walo mdlalo ngesikhathi eba ngumpetha weMyLife Dusi Marathon kowe-K2 lapho kusuke kugwedla abantu ababili. Kulowo mqhudelwano wayebambisene no-Andy Birkett.

Uthe kulokhu ufuna ukuthi anqobe iK2 ehambisana nowoHlanga.

“Kulokhu ngiqoke ukuthi ngihambe nomuntu webala lami, ngoba ngifuna ukunqoba naye. Yize ngingeke ngamdalula kodwa engingakusho ukuthi ngiyamethemba kakhulu amagalelo akhe iwona azozikhulumela. Angingabazi ukuthi igama lami nelakhe (lowo engizobe ngigwedla naye) iwona azophuma phambili,” kusho uKhwela.

Kodwa athe afuna ukukunqoba nakanjani iK1 lapho umuntu esuke egwedla yedwa.

“Ngifuna ukuba owokuqala woHlanga ukunqoba ngihamba ngedwa. Ngikholwa ukuthi ukuba ubekhona lo mqhudelwano nyakenye ngabe ngawunqoba kodwa-ke ilona thuba leli lokukwenza lokho,” kunaba uKhwela.

Ngonyaka wezi-2019 kwala kancane ukuthi awunqobe lo mqhudelwano njengoba aphuma endaweni yesibili.

See Also

UKhwela uthe kulokhu ubona imiphumela ingeke ifane neyangeminyaka edlule. Ukusho lokho ngoba abantu abaningi abazilolonganga ngokwanele kwazise bebenokwesaba ukuthi kungenzeka kuphinde kuthiwe nakulo nyaka ngeke ube khona lo mqhudelwano.

Uthe ukunqoba kwakhe kulo nyaka kungenza abaxhasi bakhe bangabi nokungabaza ukumxhasa njengoba kwenzekile.

Inkampami yakwa-Euro Steel eholweni lakhe yehlisa ngamaphesenti angama-80. Lokho kwenziwa ngokuthi ayikho imiqhudelwano ebekhona ngonyaka wezi-2020 wonke.

“Kulele kumina ukuba nginxenxe abaxhasi ukuthi baqhubeke nokungixhasa. Kumele ngenze kahle kowe-K1 nakowe-K2. Ukhuvethe lungigqilaze kakhulu ngeke ngaqamba amanga,” kusho uKhwela.

Lo mqhudelwano waminyaka yonke uyibanga lamakhilomitha ali-120 ngokujwayelekile usuka eMgungundlovu kuze kube uyophelela emfuleni omkhulu eThekwini, uMngeni.

Ngaphandle kwalo mdlalo umfo kaKhwela uziphilisa ngokwakha amabhulokisi aphinde athuthele abantu izimpahla njengoba ehamba ngemoto eyiveni.

Scroll To Top