Now Reading
Sekusele ifake isiphanga ku-European Union iRussia ngeSputnik V
Dark Light

Sekusele ifake isiphanga ku-European Union iRussia ngeSputnik V

Umgomo wokhuvethe waseRussia iSputnik V awukagunyazwa yinhlangano yamazwe ase-Europe, i-European Union (EU), kodwa i-European Medicines Agency (EMA) iqalile ngeviki eledlule ukuhlonza umthelela wawo ngokuwunikeza abathize. Iziphathimandla zaseRussia zisebenza namazwe angama-20 e-Europe ukuhlinzeka ngalo mgomo kanti angama-45 amazwe emhlabeni aseqinisekise ukuthi azowusebenzisa lo mgomo. 

I-EU isigxekwe kakhulu ngohlelo lwayo lokugoma oluhamba ngolonwabu kanti amanye amalungu ale nhlangano aseqome ukungalindi isigxivizo se-EMA okuyiyo egunyaza imigomo e-Europe. Ngenyanga eyedlule iHungary ibe ilungu lokuqala le-EU ukugunyaza umgomo iSputnik V kanti iSlovakia imemezele ngeviki eledlule ukuthi izothenga amaconsi ayizigidi ezimbili alo mgomo kanti eyizi-200 000 bazoyithola kulo leli viki. 

Kubikwa ukuthi uHulumeni waseFrance usubuze kaningi ngokutholakala kwalo mgomo eRussia, kodwa ngokuthi leli lizwe alisenaso isizindalwebu esichaza ngomthelela nangomlando wawo lo mgomo iFrance imanqikanqika ekuzibophezeleni ukuwuthenga. 

Lo Hulumeni uyakugcizelela ukuthi awubuki izwe uma uthenga umgomo kodwa ubheka ukuphepha kwawo kanye nomthelela kanti kumele uphinde ugunyazwe i-EMA. 

UMengameli waseRussia uVladimir Putin uqale izingxoxo ngalo mgomo iSputnik V noMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ngenyanga edlule kanti uHulumeni wakhe usuthumele ithimba lochwepheshe eRussia ukuyoxoxa ngalo mgomo nokwelulekwa ukuthi likhuthaza kanjani iWorld Health Organization (WHO) ne-EMA ukuthi baphuthumise ukuwugunyaza. 

Nakuba kukhona abawungabazayo lo mgomo weRussia ikakhulukazi ngoba waqalwa ukunikezwa abantu lungakaphothulwa uhlelo lukuhlonza umthelela nokuphepha kwawo, kodwa imilomo iyavunana ekutheni uphephile futhi unomuthelela oyisimanga. 

Ngokocwaningo, iSputnik V inomthelela ongama-91% kanti kubonakala ukuthi iphinde ikwazi ukudambisa ukhuvethe kulabo oselubahaqile. Kusacwaningwa ukuthi kuphephile yini ukuwunika labo asebesimweni esibucayi. 

Njengoba imigomo ishoda emhlabeni wonke, abanye ochwepheshe bagunyaza ukusetshenziswa kwemigomo yaseChina naseRussia abathi ingakwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu. 

Abanye banovalo lokuthi ukujaha kweRussia ukuhlinzeka umhlaba ngalo mgomo kunogcobho lwezepolitiki. Isikhulu se-EMA sesixwayise amazwe ase-Europe ukuthi angagunyazi iSputnik V ngokuxhamazela. UChrista Wirthumer-Hoche (osesithombeni) onguSihlalo we-EMA aphinde abe ngumholi we-Austrian Medicines and Medical Devices Agency uthe amalungu e-EU agunyaza ukusetshenziswa kwemigomo evela eRussia naseChina angase ahlangane nembibizane. 

Uthe kubalulekile ukuthi kuhlonzwe kahle umlando nokuthakwa kalo mgomo, ukuphepha kanye nomthelela yale migomo. Uqhubeke wathi: “Abantu banelungelo lokuthola umgomo ophephile nonomthelela ngokuqinisekiswa ochwepheshe bezempilo. Singaba nayo iSputnik V nathi kuleli uma sesiyihlole kahle.” 

Le nkulumo ayehlanga kahle eRussia. Okhulumela uHulumeni kuleli lizwe uDmitry Peskov uthe le nkulumo ibudedengu kanti abakhiqizi balo mgomo bafuna uWirthumer-Hoche axolise ebukwa umhlaba wonke kumabonakude ngale nkulumo. 

Uqhube wathi le nkulumo ikhombisa ngokusobala ukuthi i-EMA ibuswa ipolitiki kunokukhombisa ukukhathalela impilo yabantu. 

Uphinde wathi: “I-EMA ayikaze yasikhipha isitatimende esifuze lesi ngeminye imigomo. Inkulumo enjena imbi kanti ingabazisa nokuzimela kwe-EMA nohlelo lwayo lokuhlonza imigomo. Imigomo ne-EMA akufanele badotshelwe kupolitiki.” 

Okhulumela i-EMA uthe: “Sizohlola iSputnik V ngokwemigomo ye-EU kanti yonke imibono yethu izoholwa isayensi, umthelela, kanye nokuphepha hhayi okunye.” 

See Also

Okwamanje ikhomishini ye-EU ayinazo izinhlelo zokuthenga umgomo iSputnik V. Le khomishini ithembele ezivumelwaneni zaphambilini namanye amazwe afana neBritain ene-Oxford-astraZaneca kanye neFrance eneCovax. Kodwa iphinde ikucacise ukuthi amalungu e-EU avumelekile ukuthi ayozifunela imigomo kwamanye amazwe inqobo nje uma lokhu kungeke kuncintisane nale nhlangano ezinhlelweni esizenzile. 

Ayizigidigidi ezimbili amaconsi le khomishini esiwathengile. UNgqongqoshe Wezempilo e-Italy uRoberto Speranza useveze ukuthi izwe lakhe lizimisele ukusebenzisana neRussia ekukhiqizeni umgomo wokhuvethe wokubambisana inqobo uma uzogunyazwa izona zonke izinhlaka ezifanele. 

UNdunankulu wakuleli lizwe, uMario Draghi, uthembise ukusheshisa uhlelo lokugoma kwazise ukhuvethe seluhlukene kaningi okwenza kube nzima ukuthola umgomo oyiwonawona. Ezempilo kuleli lizwe zingaphansi kwenkulu ingcindezi ngenxa yokhuvethe ngenxa yokuthi yilo oselbe nabantu abaningi asebesulelekile nabafa okwedlula wonke amazwe ase-Europe. 

Okumanje, bangama-2.85% kuphela abantu kuleli lizwe asebegonyiwe ngokuphelele. Isikhwama esondla uhlelo lokugonywa nokukhiqizwa komgomo eRussia, iRussian Direct Investment Fund, sithi ukukhiqizwa kweSputnik V kuzothuthelwa nakwamanye amazwe afana ne-India, iSouth Korea, iBrazil, iChina, iTurkey, iBelarus neKazakhstan. 

Kunokukhuluma okuthi ne-Iran nayo isicelile ukuba yingxenye yalolu hlelo. EKazakhstan asangama-90,000 amaconsi alo mgomo akhiqiziwe enyangeni eyedlule kuphela. Zincane izinkomba zokuthi lo mgomo uzokhiqizwa kakhulu emazweni angaphandle kwedlula eRussia. 

Nyakenye i-EU yavuna uhlelo lwe-United States of America (USA) lokunqamula konke ukusebenzisana neRussia kulandela ukudliswa ushevu kuka-Alexei Navalny oyimbangi enkulu kaPutin. 

Kubonakala kungekho ukusebenzisana phakathi kwale nhlangano namalungu ayo njengoba esekhomba ukusondela kuleli lizwe elingaphansi konswinyo lwale nhlangano.

Scroll To Top