Izethembiso ezingafezwa ziyimbangela enkulu yemibhikisho ezikhungweni



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Eminyakeni eyela eshumini ngisenyuvesi kuyadabukisa ukubona abafundi, ikakhulu aboHlanga, bebhikisha njalo ngaphambi kokuba baqale izifundo zabo zonyaka. Iminyaka ngeminyaka kushiswa izikhungo zemfundo ephakeme ngenxa yemibhikisho eye ibe khona ezikhungweni ezahlukahlukene.
Bengicabanga ukuthi unyaka wezi-2021 uzoba ohlukile ngoba abafundi bengavumelekile ukuba sezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokhuvethe. Alukho oluguqukile njengoba abafundi beqalile bebhikisha kuleli. Abantu abaningi, ikakhulu abangafundanga ezikhungweni zemfundo ephakeme ezilawulwa kanye nezixhaswe uHulumeni, bacabanga ukuthi abafundi sekwaba yisijwayezo esesihlule ingqondo. Okubuhlungu ukubona lungekho uguquko ezintweni eziningi abafundi abakhala ngazo. Ziningi izimbangela zokubhikisha kwabafundi kodwa ngicaphune lezi ezilandelayo, njengomuntu osenyuvesi nongumeluleki wezemfundo:
Okusobala, nokwaziwa ngisho yingane encane, ukuthi abafundi babhikisha minyaka yonke ngenxa yokweswela imali yokufunda. Imibiko ezindabeni, komathelevishini kanye nasemaphephandabeni, ichaza ngokwentuleka kwemali yokufunda kuphela okuyimbangela yemibhikisho engapheli. Into engaveli ukuthi imibhikisho ezikhungweni zemfundo ephakeme, ikakhulukazi emanyuvesi, ibangwa ukwentuleka kwezeluleko ngokukhethwa kwemikhakha yezemfundo kanye nokweswela abeluleki bezemfundo abangachazela kahle intsha ukuthi impumelelo ayikho emanyuvesi kuphela. Abafundi abaningi abachazelwa ngamakhono abangawafundela ezikhungweni ezingeke zibize imali etheni, futhi izikhungo ezingeke zimbe eqolo kubazali abaningi. Lokhu kwenza iningi labafundi lifundele ukuya enyuvesi ngoba isiyaziwa njengesikhungo esibalulekile futhi abaningi bayazenyeza noma bababukela phansi abangayanga enyuvesi. Ngenkathi izinga labantu abaya emanyuvesi landa, siyanda nesibalo sabantu abafuna imali yokufunda. Lokhu kwenza abaholi babafundi babone kungcono ukuthi abafundi bangenele imibhikisho ukuze izikhalazo zabo zizwakale.
Okunye okunganakekile kanti kulima enkulu indima futhi kwenza abafundi abaningi babhikishe, ukukhetha noma ukufundela iziqu ezinganawo amathuba emisebenzi. UNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nezobuchwepheshe uDkt uBlade Nzimande ezinsukwini ukhale ngokwentuleka kwemali yokukhokhela abafundi futhi wakhipha uhlu lweziqu ezingeke zikuthole ukuxhaswa uHulumeni. Lokhu kuveze ngokusobala ukuthi into ebanga imibhikisho yiningi leziqu ezingenawo amathuba emisebenzi. Ngenxa yalezi ziqu, abafundi abaningi baqhubeka nokwengeza iziqu ngethemba lokuthi bazoba semathubeni angcono okuthola umsebenzi uma beneziqu eziningi. Iningi lalabo bafundi lisuke lixhaswe uHulumeni ngenkathi benza iziqu zabo zokuqala, okwenza kube nzima ukuthi uphinde ukhiphe imali ufundise umuntu obumfundisa eminyakeni edlule.
Abafundi babhikisha minyaka yonke ngenxa yezethembiso ezenziwa abaholi bezepolitiki uma befuna ukuvotelwa noma ukubuyiselwa ezikhundleni. Izethembiso ezenziwa osopolitiki zenza abafundi babe nethemba futhi bacabange ukuthi kukhona ushintsho oluzobakhona. Kubonakala sengathi abafundi banodlame kanti basuke bethenjisiwe imfundo yamahhala. Sisesendabeni yemfundo yamahhala, abafundi babamba elentulo futhi bame ngalo elemfundo yamahhala abathenjiswa yona. Okubuhlungu akekho nolandelelayo ukuthi bayaphumelela yini abafundi abanikwe umfundaze. Iningi labafundi abafunda mahhala abanakho ukuzimisela njengomuntu ozikhokhelayo.
Ukweswelakala kwamathuba emisebenzi kwenza kube nzima ukubuyisela imali oyikweletayo. Abafundi abaningi bahleli emakhaya abasebenzi okumele engabe bayasebenza ukuze bakwazi ukubuyisela imali abayinikwa uHulumeni. Kubalulekile ukuthi uHulumeni ubambisane nabezimboni zomsebenzi ezizimele ukuze kuqashwe iningi lentsha ephothule iziqu zayo. Okubuhlungu ukuthi nalabo ababe senhlanhleni yokuthola umsebenzi abafuni ukukhokha imali abafunde ngayo ukuze sikhule isikhwama soxhaso. Okubuhlungu ukuthi akusibo abantu abasha kuphela abangafuni ukukhokha kepha nabazali babafundi abafuni ukubuyisa imali eyakhokhekelwa abantwana babo noma ukuzifundisela bona.