Ukuphothula umatikuletsheni nokwethweswa iziqu ukuqala kobunzima bempilo
UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Njengoba kusaqala inyanga okuthiwa ngeyabantu abasha kusazoba khona indathane yemibungazo kodwa ekugcineni eshiya umuntu omusha esafana nasekuqaleni. Into engifisa abantu abasha bayinake kakhulu ukuphothula umatikuletsheni ngempumelelo futhi bawuphumelele ngamalengiso ukuze kuthi mhla sebefika ukuyoqhuba izifundo zabo emanyuvesi noma emakolishi bekwazi ukuzicoshela imifundaze. Nansi into esemqoka okufanele abantwana bethu bayazi ukuthi ukuphumelela umatikuletsheni ngezinga lesitifiketi noma lediploma akusizi kangako ikakhulukazi uma unesifiso sokufunda uze ugogode futhi ube ngumpetha emkhakheni owuthandayo. Ngakhoke ukuzimisela akuqale manje. Abantu abasha mabaphume inqina bazingele amathuba okuzithuthukisa ngaphezulu kokuhambela imibungazo engasizi ngalutho. Ukuphothula umatikuletsheni ngempumelelo noma ngamalengiso leso isiqalo nje esizokuwezela ngaphesheya lapho kuqala khona izinkinga ezintsha zempilo.
Uma kwenzekile umatikuletsheni wakuwezela enyuvesi noma ekolishi yazi ukuthi lapho itshe seligaya ngomunye umhlathi ngoba kungenzeka kube neziteleka bese uyaboshwa, kwenzeke uqondiswe izigwegwe bese uyaxoshwa. Uma ungazange uhlangane nalezozivuvaba kungenzeka uthi ufika nje enyuvesi noma ekolishi ngonyaka wakho wokuqala ufeyile zonke izifundo bese uhlehlelwa izikhuni kulaba abaphethe isikhwama sokulekelela abafundi ngenkece. Kwesinye isikhathi ukhuliswe kahle nasekhaya bangamakholwa ngoba bahlezi begcizelela imiyalelo elishumi njengokuthi “ungabulali, ungaphingi futhi ungebi” kodwa uthi ufika esikhungweni semfundo uvele ukhulelwe bese usihushula isisu uqede ungatsheli muntu.
Ngoba njalo izinto zimana ukwenzeka kulo mhlaba: uthole ukuthi emva kweminyaka umuntu wasihushula isisu uqale uhlume unembeza, kwenzeke uhlume kabi ususebenza futhi nemali isibuzwa kuwe noma usuthole ngisho umendo bese abantwana ungabatholi emzini. Lesi isona sikhathi oqala ubone ngaso ukuthi ukuhushula isisu kuyefana nokuthi ubulele umuntu maqede wamngcwaba wedwa endlini yangasese. Kungenzeka ungabhekani nale ngcabha yokukhulelwa noma uboshwe okanye uphelelwe imali yokufunda, kwabanye kuvele kushone abazali besafunda. Uthi usamangazwe ilezi zimo uzwe sekuthiwa kutholakale omunye umfundi ezilengisile khona esikhungweni ngenxa yendlala. Ilona langa leli ofunda ngalo ukubonga uJehovah uma uthola okuya ngasethunjini. Uma uke wayobamba iqhaza mhlampe enkonzweni yesikhumbuzo yalowo mfundi ubuye sewazi ukuthi ubenguzinyo bulala kubo futhi bese kubhekwe yena ukuthi afukule uzalo lwakhe. Kungenzeka ukuthi yilona suku lolu oyokwazi ngalo ukuthi uma ususebenza unezinto eziningi funda ukwabela abampofu futhi nokudla awube usafuna ukukulahla.
Cishe isona sizathu lesi esenza ukuthi uma umuntu esekhulile futhi esehambe ibanga elide ngempilo uvele aqale isikhungosizo ukuze asize abeza ngemuva. Lezi izinto okumele uzazi usakhula futhi usafunda ngoba uma kungenzekanga lokhu uzothi ungaphatha imali bese ufuna ukukhothanyelwa kini kanti awazi ukuthi wabusiselwa ukuthi ube usizo ekhaya. Uma ubhekana nenqwaba yezigigaba zempilo bese udangala, yazi ukuthi uma uJehovah ezosebenza ngawe uyena ozozikhulisela wena kabuhlungu nokho. Ukuze uyiqonde kahle le ndaba yokuhlushwa ngoba wakhiwa funda: AmaHubo 66:11-12 nalapho kuthiwa; “UJehovah usifaka enethini bese ebeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu, uvumela ngisho abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu, singena emlilweni nasemanzini bese esikhiphela ekubuseni”. Lezi yizinto okumele wonke umuntu oqeda umatikuletsheni nosafika ezikhungweni zemfundo azazi. Imfundo akusiyo into yokuklodela abangafundanga kepha ngeyokuthi izifundiswa zithuthukise amakhaya ziphinde zicwaninge bese zithola izisombululo ezinkingeni ezehlula okhokho.
Uma sengithi ukwenabela ekutheni umfundi usewuphothulile umatikuletsheni kanjalo nezifundo zasenyuvesi useze wagogoda kuzo. Ingaso lesisikhathi okuqala ngaso elinye izinga lempilo. Ngokujwayelekile izikhungo zemfundo ephakeme zivamise ukuthwesa abafundi iziqu ngenyanga kaMbasa noma uNhlaba kodwa kulonyaka wezi-2021 lokhu kwenziwa ngisho ngenyanga uNhlangulana kanti amanye amanyuvesi azothwesa abafundi iziqu ngoNtulikazi. Lezi izinkomba zokuthi ukhuvethe luyiphazamise kangakanani impilo yezifundiswa kanjalo neyezikhungo zemfundo. Njengomuntu osenesikhathi ethanda umkhakha wezifundiswa, ubuntatheli kanjalo nokaqedisizungu ngangike ngizibuze ukuthi ubaluleke ngani umcimbi wokuthweswa kwabantu iziqu futhi usukelaphi.
Inyuvesi yokuqala eyabakhona emhlabeni yakhiwa ngonyaka we-1088 eBologna. Uyacabanga nje izinkinga abafundi nezifundiswa ababebhekene nazo ngalesosikhathi uma kungukuthi namanje kusenezinkinga zenkece yokulekelela abafundi, izindawo zokuhlala, izinsiza-kufundisa, ezobuchwepheshe nokunye. Kwakufanele abafundi nezifundiswa bacwile ezinkambeni baze baphume nesiko elisathokozelwa nanamuhla izifundiswa cishe emhlabeni wonke jikelele.
Kuneculo eliculwa cishe kuyona yonke imicimbi yokuthweswa kwabafundi iziqu emanyuvesi elisihloko sithi: Gaudeamus Igitur nokuchaza ukuthi “Masijabule” (sisebancane ngoba kungekudala kuzodlula lokhu, phambili ngezemfundo – phambili ngoSolwazi) ngolimi lwesiLathini. Phambilini leli noni lalivame ukuculwa izifundiswa eminyakeni elinganiselwa kowe-1287 uma sezithole okokucisha ukoma. Kuthe ngokuhamba kweminyaka amakwaya asemazweni afana noGreece aliphonononga leli culo kwaze kwaba sengathi linhlese yezenkolo phakathi kodwa noma kunjalo lalithokozelwa kakhulu abantu abasha nezifundiswa uma sebethole okumatisa umphimbo.
Ingakho nanamuhla umuntu ongakaze olubhade noma athweswe iziqu enyuvesi akulula ukuthi alazi futhi alithokozele leli culo. Muva nje i-University of Zululand Choir kuleli cwecwe elisihloko sithi Halala Siyanibongela (2019) kanye neSABC Choristers ecwecweni labo elithi Bafana Bafana (1998) sebake baliqopha leli culo.
Empilweni yomuntu omusha izonansuku zakhe zokugcina lezi zenjabulo ngenxa yegalela labazali. Emuva kokuthweswa iziqu kokuqala sekufanele umuntu aqale azimele, uma elambile aqale afunde ukuzimela nokuziphilisa. Babili bathathu abaqhubeka bafunde iziqu eziphezulu besashokwe ngabazali. Uma kungukuthi usafisa ukuqhubeka nesikole emuva kokuthweswa iziqu kokuqala ima isuzoqala ube inkom’edla yodwa, ungalali ngenxa yengcindezi nesikhathi esincane sokuqeda inqwaba yocwaningo.
Wonke umuntu uyasifaka isicelo somsebenzi kodwa indaba izoqala lapho usubuyelwa izimpendulo ezikujabhisayo. Kwesinye isikhathi ubizwe futhi ulibambe iqhaza uma sekwenziwa inhlolokhono bese kudlula amaviki-ngamaviki bese uthola umbiko othi awuphumelelanga. Angiphathi khona uma konke sekwenzeka kanti vele ikati lilele eziko nasekhaya, ilapho ozobona khona ukuthi ebudaleni kusinda-kwehlela. Noma kunjalo ngiyafisa abantu abasha bazi ukuthi onke amazinga empilo anezinqinamba zawo. Uma ungumuntu oke acace izintaba uzokwazi ukuthi ukuba sesicongweni senye intaba kusho ukuthi usemgedeni phansi lapho uzoqalakhona intaba elandelayo. Naleso sigaba sizodlula bese uqala impilo entsha njengomuntu osebenzayo.
Uma ususebenza zithuthukise, wengeze kulamaqhuzu emfundo onawo, thenga futhi ufunde izincwadi ezikhuluma ngempilo yabantu obakhonzile. Ungakhohlwa nokufunda amanoveli ngoba nayo ayakwazi ukwelula amehlo engqondo ukuthi abone lapho awenyama engafinyeleli khona. Uma kwenzeka abanye bekuvukela emsebenzini ngenxa yokuzinikela kwakho entweni oyenzayo, qaphela amazwi omlomo wakho. Kugweme ukuba umuntu onelukuluku. Kukhumbula ukuthi: emakhaya sifundiswa abazali nezihlobo, ezikoleni sifundiswe othishela noSolwazi kanti emsebenzini sifunda ngamaphutha bese siqiswa abasivukelayo. Ngakho ke uma sekufika isikhathi lapho uvukelwa khona izimo noma abathile emsebenzini yazi ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ufunde ngabaphutha noma ufunde kwabakuvukelayo.
Uma ukhulele emakhaya ulwa izimpi zomgangela, lena yimpi yengqondo futhi ilwa buthule. Uzoke ushaywe abantu obungabacangi kodwa futhi ilapho ozofunda khona ukuthi umphandi ubulawa izakhelani. Mhla waphothula umatikuletsheni noma wathweswa iziqu esikhungweni semfundo ephakeme uzoqala uzibone lezi zimo zempilo zikwehlela kancane kancane. Mhla usuzibonile lezizimo zempilo lapho ke angeke usaphinde umangale ukuthi kungani emakhaya kunamabantu abahlezi bedakiwe.
Kuyingozi kakhulu ukuthi umuntu omusha asheshe athi khumu esikoleni ngoba uzothi efika nje emhlabeni wabantu asebekhulile kanti lusathambile ukhakhayi lezizimo zempilo zomthela othulini avele acwile ezinkambeni impilo yakhe yonke. Kepha impilo yomuntu omusha ofundisekile iyohambisana nezigaba zempilo kanjalo nobunzima obumficayo buyomfica esigabeni esifanele ingakho eyothi noma ewa kodwa avuke azithathe.