Iyaphi indlovu: Iyamphunyuka noma uyakheqwa uBulawayo?


Asemabili amagama okuthiwa bangahola. Okwahlula izimbangi kwenziwa kangcono ngabaholi
Ezingqaphelini zokhetho kanye nakubahlaziyi kukhona ukuvumelana ukuthi iqembu elikhulu kwaphikisayo KwaZulu-Natal nelikwamanye amakhulu aboHlanga kuzwelonke, i-Inkatha Freedom Party (IFP) yenza kahle kule minyaka emihlanu eyedlule. Lokhu kufakazelwe ngokuningana, okokuqala kube wukukwazi ukukhetha ubuholi bukazwelonke nayilapho loyo ongumsunguli nobenguMengameli wayo, uMntwana waKwaPhindangene ekwazile ukwedlulisa izihlangu kuMhlonishwa uHlabisa nosengumholi weqembu. Yize kwaba khona ukududulana kepha leli qembu lenza kangcono kunamaqembu amaningi e-Afrika okuthi nxa kudlululiswa izihlangu kube nokubambana ngoqhoqho.
Okunye okwenzekile kube wukuphumelela kwaleli qembu ukubuyisa izinduku kuDemocratic Alliance (DA) eyabe ibahlwithe uphaphe lokuba yiqembu elikhulu kwaphikisayo kweleNdlovukazi uMthaniya. Namuhla emuva kwemiphumela yokhetho, iDA ingeyesithathu Inkatha yona ibe ngeyesibili ilandela iqembu elibusayo eSishayamthetho. Ngakolunye uhlangothi abe-IFP batshengise amandla uma kuba nokhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal. Izinkomba bezilokhu zithi lokhu kuhleleka kwe-IFP kungahle kungagcini nje ngokukwazi ukuvala igebe phakathi kwayo ne-ANC.
Nokho leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi lobu bunye nokuhleleka kungenzeka kuphazamiseke. Ukuthi kungenzeka ukuthi okwahlula izimbangi zeqembu ukulikhedamisa kubukeka kwenziwa kangcono ngabaholi besebenzisa amalungu. Izigemegeme zakamuva ziqinisekise ukuthi lukhona ufa eqenjini. Ngesonto eledlule leli phephandaba libike ngezigemegeme ezikhonjwa kuyo iMeya yaseZululand, uMfu uThulasizwe Buthelezi nokuyizinsolo eziqukethwe yincwadi ebibhalelwe owayengumholi weqembu uMntwana waKwaPhindanegene. Kulezi zinsolo kukhona ezokungawuphathi kahle uMkhandlu nokungenzi okungasimamisa iqembu.
Emuva kokuphuma kwalolu daba elaboHlanga lithintwe yizinhlangothi ezimbili zabaholi beqembu zombili ‘zichaza’ iqiniso ngoMfu uButhelezi. Umholi wokuqala usho kanje ehleka: “Awu thina besithi nichemile ngoba phela kanibhali ngamanyala enziwa nguThulasizwe. Anibhali ngisho nangoMntwana owamfaka nosamvikela namanje ekubeni sasho ukuthi yiqili leli.”
Uqhubeke wathi: “Uyabona iBAYEDE bengiyinyundela ngaphakathi eqenjini isabhala ngoNtuli (oyiMeya yaseNkandla) futhi ngiyazi anibahle kwabanye eqenjini. Kodwa uyabona manje, hhawu, leli yiphephandaba langempela. UThulasizwe lona uyahamba ethanda noma engathandi uMntwana phela iBAYEDE ayisho into ingenzeki. Yathini kobaba uMtshali noJerry eBaqulisini, bagcinaphi nje?”
ElaboHlanga libike kakhulu ngezinsolo ebezibhekiswe kuNtuli ngodaba oluthinta ukufa komnewabo. Lokhu ngokusho kwalo mholi uhlangothi oluthile ngaphakathi enhlanganweni kwahunyushwa “njengokuhlasela” uNtuli yize lo mholi evumile ukuthi ubufakazi obethulwa yiBAYEDE babushaya khona.
“Phela yipolitiki lena, noma naninembile ngombiko wenu ngoba hhayi laboZul’azayithole bayalulandela udaba, kepha sasingeke simnikele ezinjeni uNtuli. Siyazi izitha zethu zasezihlome ngalolu daba. Esakwenzayo sakwazi ukuthi siveze isithombe sokuthi nichemile ikakhulukazi intatheli eyabe ibhala udaba.”
Lo mholi wathi asilinde kukhulu kusazovela nokwathi ngalo lolo suku sathintwa ngabazibiza ngezisebenzi zaseZululand ezathi asilinde buyeza ubufakazi. Baqinisekisa ukuthi belusa inkulumo yomholi lo obesithintile.
Akuphelanga sikhathi singakanani zangena nebezisola elaboHlanga ‘ngokuvuma’ ukusetshenziswa.
“UShenge uyasukelwa. Uvukelwa ngamalungu eqembu (wawasho ngamagama) esebenzisana nabathile emaqenjini aphikisayo kanye nosonkontileka abathile. Nalo muntu okuthiwa ngumfazi womuntu akusiye namfazi kamuntu yintombazane nje ekade yaqala isebenzela uMkhandlu namuhla isithola amachaphazelo ezimpini zeqembu,” kusho isisebenzi saseZululand nesiyilungu le-Inkatha.
Iyodwa laba ababili abavumelana ngayo, ukuthi konke lokhu kuncane kepha kuhlobene nokukhulu okuzayo okungahle kuguqule isimiso seqembu kanjalo nobuholi. Bathi indaba inesikhundla sikaHlabisa. Lapho behluka khona wukuthi kumele kwenzakaleni. Bazise elaboHlanga ukuthi kunohlelo lokuba kugudluzwe uHlabisa esikhundleni.
“Asikaze simfanele lesi sikhundla uHlabisa, sakhethelwa yena nathi sahlonipha uMntwana. Okwenziwa kwaqinisekisa izinkulumo zokuthi kayikho idemokhrasi eNkatheni. Abukho nobulungiswa, wena uyiNkosi yaseMbongombongweni kwakungakuphatha kanjani ukuthi kade sekulindwe ukuthi uthathe bese kuqhamuka elinye igama? Sidlala abantu abathi bafika eNkatheni iqalwa, abafuni ukwehla. Nathi sasikhona kodwa siyayibona ukuthi inkunzi isingavuka ematholeni,” kusho lo mholi.
Ilabani lezingunquko
Emuva kokuxoxa ngokuningi lo mholi ube eseveza ilabani lokwenza izinguquko enhlanganweni nathe kumnyama kubovu kuzokwenzeka. “Uyabona izinguquko zizoba khona okokuqala nje uHlabisa uzokhishwa ngoba thina lapha emazikweni kasilele. Sizophakamisa nje igama futhi ngeke sivinjwe ngoba noMntwana ulilungu njengathi ngeke abe nesiphakamiso esingaphoqa esedlula amanye amalungu uma emaningi. Ungizwe kahle ngoba niyathanda ukubhala enikuthandaya, siyamhlonipha uMntwana kepha asisihloniphi manje isinqumo sakhe sokukhweza uHlabisa nabantu abanjengoThulasizwe ezikhundleni.”
Ebuzwa ukuthi ngabe lokhu kungeke yini kuxove iqembu usheshe wayinqaka inkulumo: “Manje ukuze kujabule abantu abathize kumele sivume noma sifakwa ihleza en….” esho ngachinsi. Nokho khona lapho ube esekhomba ingqinamba ekhona.
“Eyi khona kusamele sisebenze futhi sibonisane ngoba izinto sezithe ukuguquka. Ekuqaleni besihamba neNkosi yaseMbongombongweni kepha manje sekukhona igama leMeya yaseNkandla uNtuli. Yena ubonakala njengomuntu osebenzayo njengoba zibuya eNkandla. Uyakwazi ukuphikisana noHulumeni kaKhongolose ezinkantolo aphumelele. Futhi asilikhulume iqiniso uma kuphakama iMbongombongo sivusa isiThelezi. Yikho nalo waseZululand ezoziwela nje,” kusho lo mholi.
Ube esengena odabeni elaboHlanga elingakabhali ngalo nolubikwe kwabenzindaba ngempelasonto lolo lokumiswa emisebenzini yeqembu kukaMnu uMncwango oyiMeya yaseZululand.
“Udaba lukaMangaqa lukabili. Okokuqala manje wonke umuntu uyazi ukuthi akukhathaleki ukuthi uneminyaka emingaki eqenjini kepha izinombolo zethu zingakwazi ukukumisa. Abukho ubufakazi obutheni ngalokhu okuthiwa wakwenza umuntu owasivezela lokhu akakuqophanga konke. Okwamanje izinombolo zethu ezinhlakeni futhi ngiyakholwa nakuwo amaziko ziyavuma njengoba kufakazekile ngoMncwango. Enye into ezayo esizobona ukuthi simi kanjani emazikweni wudaba lohlu lwamakhansela. Phela onqobe lapho uyozuza nasezinombolweni zezinketho zangaphakathi,” kusho lo mholi.
Okube sobala kulolu daba wukuthi phezu kwemizamo yabantu abanjengaye uMntwana waKwaPhindangene kubukeka ukwahlukana nobuqembuqembu obabukhona kuyoqokwa uHlabisa kusekhona namanje. Nokuthi akungoba kungenxa yenqubomgomo kepha izinhlangothi zonke zifuna ukuba ngasemlilweni. Okunjena bekungavamile ukubikwa kuleli qembu eselahlula izivunguvungu eziningi. Uma lokhu kuqhubeka, kubukeka okwahlula izitha zalo kungenziwa kangcono ngamalungu nabaholi balo.