Ziyanda izinkulumo ngobungcono besikhathi sobandlululo kuleli


Kunezinkulumo emphakathini, ePhalamende, komasipala, kwabeqembu i-African National Congress (ANC) eliphathiswe izwe, kwabamaqembu aphikisayo esizaziyo ezithi “Umlungu wayengcono kunowoHlanga. Izwe lalingenjena kusengabelungu. Kwakungcono kusaphethe abelungu. Lalingcono izwe lisaphethwe ngabelungu. Lalinjena yini izwe lisaphethwe ngabelungu? Abelungu abazange benze kanje. Abelungu bantshontsha nabo. AmaNdiya ngamanye amasela. Kuyefana amaNdiya obhululu babo. UKhongolose ulibulele izwe.’’
Ezinye izinhlanga zisho okusanhlamba ngesiNgisi zithi: “AboHlanga balimekeza izwe”. Okugqamayo ukuthi izinto ziyonakala, zonakaliswe phezu kokufunda kanye nemali ekubeni kuyizinto ezinhle ezifiswa nguwo wonke umuntu emhlabeni. Ngakho-ke akuqali ngeNingizimu Afrika ukuba nenhlekelele ekulawulweni kwezwe kube kufundiwe. Inhlekelele idalwe ukungabi bikho kwenhlakanipho, ukulahla okuficwe kukhona, ukugudluza ngokushesha obafice bekhona.
Inhlekelele yadalwa ukungalandelwa kwezisekelo ezabekwa ngamazwe asentshonalanga emva kweMpi Yesibili Yomhlaba yangowe-1939-1945. Kwalahlwa izimfundiso zasemakhaya ukuze kwebiwe kalula.
Sasibalulile emakhasini anduleleyo ngababhali okwakungoDkt u-AD Dodda benoDkt uHN Nabe bencwadi ethi: Social Studies, Junior Secondary Course Std 6, ukuthi amazwe asentshonalanga anquma ukunika aboHlanga inkululelo ngaphansi kwezimiso ezazizoba yizisekelo zokulawulwa kwezwe, kwezemfundo, kwezomthetho, kwezokuxhumana, kwezempilo nokunye ezazizoba yizimomqondo zasentshonalanga emva kweMpi Yomhlaba Yesibili.
Khona lapho intshonalanga yayiqaphe ngelokhozi namanje isaqaphe ngalo amazwe, abaholi, omengameli, imibuso ezodala ubumbano e-Afrika, idlelane, isebenzise izisekelo zamazwe asempumalanga.
Isisekelo semfundo saba ngesokuqala ukubonakala sengathi izwe, uHulumeni, umbuso, iPhalamende, izinkampani, omasipala neminye imikhakha eyahlukene izophathwa kangcono uma kufundiwe. Kwabanye ukufunda kuchaza ukuhola kakhulu, ukuphatha izikhundla nemisebenzi kuholwe izindodla zemali.
Kwabanye boHlanga kusenalo mqondo wokuthi izindawo zabo zaba ngezokuqala ukuqaliswa kwemfundo yasentshonalanga, bazibona befundile ukwedlula abanye aboHlanga ezweni.
Okuhlalukayo ukugqama kwegama elithi ukuphatha, ukuhola kakhulu, ukulawula kubangcono uma kufundiwe. Kube kungekho okusha okwavezwayo nokusasimeme njengamanje, kwazuza futhi kube kusazuzisa abaningi. Kungaqalwa ukubukela nokwengeza kokwasekuvele kukhona.
Saba nenhlanhla emlandweni waseNingizimu Afrika ngaboHlanga ababenenhlakanipho nezimfundiso zasemakhaya, abangachezukanga kuzona bebe belandela ukufunda ngokwasentshonalanga. Babukela kokwasekuvele kukhona. Abakuqambayo sekwakleza, kusakleza abaningi nangale nkathi.
KwakunguDkt uJohn Langalibalele Dube waseNanda, owafunda e-United States of America. Esesekhaya eNanda uDube ngingabeka ngokuthi wabukela kummishinali wase-USA uMfu uDaniel Lindley nomkakhe uLucy abasungula isikole Inanda Seminary School, okufunda abesifazane kuphela kusukela ngowe-1869.
Yenza isiqiniseko i-USA ukuthi uDube wayephumelela ekwakheni isikole okwakufundelwa nemisebenzi yezandla. Ingakho uDube nomkakhe uNokuthela uMaMdima baba ngabokuqala boHlanga e-Afrika abasungula isikole esaqala sibizwa ngokuthi Ohlanga Native Industrial Institute ngowe-1900 manje sekuwu-Ohlange High School. Kuzo zombili lezi zikole sekwazuza abaningi.
Sekuwumlando ukuthi i-India yamiselwa ukuba ilawule izwe ngokwezisekelo zasentshonalanga ikakhulukazi iBritain ngowe-1947. IBritain yaphumelela ukudala uqhekeko lapho amaHindu anikwa ingxenye enkulu ye-India njengezwe lawo, amaMuslim aba nePakistan.
Ezinye zezindawo e-India azikakathuthukiswa, kusenemindeni elala emapayipini, izinkomo zicanasa emigwaqeni sengathi zinemvume yasemadolobheni. Kufanele uvale amawindi emoto ezitaladini zaseNdiya ngisho libalele ilanga ngoba uzozithola sewunamathelwa izikhwehlela. Kwaqinisekiswa nguMnu uRajen Naidoo waKwaDukuza owayesebenza enkampanini eyenza iphepha ngenkathi evakashele e-India ngowezi-2003. Kwakucaca ukuthi kwakunezisekelo zasentshonalanga abafundile baseNdiya abehluleka ukuzilandela.
Akukhona nje ukuthi ngabase-Afrika abamekeza imibuso. Yize kwaziwa emlandweni ukuthi uMnu uKwame Nkrumah wazuza iziqu zemfundo yobuthishela kwenye yama-University ase-United States of America. UNkrumah wabanguMengameli wokuqala ngenkathi iGhana iba izwe lokuqala e-Afrika ukuthola inkululeko ngowe-1957. Kwaba nenhlekelele, kwamdalela amazinyo abushelelezi engasalawuli iGhana ngokwezisekelo zasentshonalanga. Wadlelana nempumalanga bamketula kwesobuMengameli.
Kanti iyaziwa inhlekelele eNigeria, eCongo, eSenegal, eTanzania, eMaputo, eZimbabwe, eSomalia, eSudan, e-Uganda, ePakistan namanye amazwe.
Sekuwumlando ukubhidlizwa nokususwa kwezisekelo zomlando, kwezichuse, kwamabunjwabantu anobukoloni basentshonalanga kungangezwanga okusha ngowezi-2015. NjengelikaCecil John Rhodes, owaba neqhaza ekwakhiweni kweRhodes University.
Ukugxeka nokugxibha kube kufundwa imfundo ephakeme, sihambise nezingane ziyofunda ezikoleni esithi zinemfundo engcono, ewumqondo wasentshonalanga. Azikho izimfundiso nokugqugquzelana ngenkathi kukhulunywa, kuculwa noma kubhalwa nsukuzonke emakhaya.
Abafundile nabangafundile bangangeza okwehlukile ezweni. Wavela uMnu uCondrad “Kwarakwara” Buthelezi owaba nekilabhu yebhola i-Animals FC yakwaH KwaMashu ukuze siqoqeke. Sasiqeqeshwa ngokomzimba nomqondo nangokwazisana ngoMnu uBhukhi “Kheni” Cele noJethro “Mabeletshitshi” Phakathi ngowe-1973. UKwarakwara wayebonele ekilabhini iBP yakwaNeli noMadeli Mlambo yangowe-1968.