Kushayisana imibono ngeSikebhe esilwa nokwebiwa kwemfuyo
Bayawujabulela umsebenzi weSikebhe
Amasela uma esebanjiwe kuba sengathi ayasukelwa kodwa imfuyo yabantu uma yebiwa nithula nithi du. Uma selibanjiwe gwiqiqi sekuyilona isisulu, sekumele lidatshukelwe, uma uzwelana nesela awulungile. – nguBhungane Mthimkhulu
Khona kunzima usinda ngenhlanhla kulesi Sikebhe. Ukuthi babuye bashaye abantu abangenze lutho. Kodwa ngasekhaya kwadutshulwa isihlobo sami ababulali baso batholwa yisona iSikebhe. – nguKhetha Khetha
Akaphephise umfowethu kodwa kubuhlungu ukwebelwa imfuyo yakho. Njengoba echaza nje ukuthi zikhona izimbuzi ezatholwa amaphoyisa nabezolimo kusho ukuthi uyise kwakuyisela. Sengike ngawuhambela umhlangano wamasela ngabona futhi nami ngeke ngivume umuntu ezothatha imfuyo yakithi ngoba noma umvulele icala kuphela izinsukwana umbone esebuyile kungcono khona ukuthi iSikebhe simqondise. Akaphephise umfowethu uma eselahlekelwe nawumsebenzi uma kuwukuthi akanacala. – nguZipho Thabang
Sizwelana naye kodwa ngakithi selokhu kwangena iSikebhe kwagcina ngci ukukhishwa kwemfuyo esibayeni. – nguMbuyiseni Mkhize
ISikebhe besisihle kabi bese siphelile amasela angafuni ukusebenza kodwa ethanda izinto ezinhle. – nguKhule Mthethwa
Kuyezwakala ukuthi kukhona abakhalayo. Nithini ngemfuyo ekhishwa esibayeni, nithini ngethathwa edlelweni, omakhalekhkhwini, amathelevishini, amaLaptop nemali ethathwa silele ezindlini? Kudlwengulwe ogogo nodadewethu, kucwiywe abantu kanye nabebala elimhlophe. Nina enikhalayo enithi sidinga isibhamu niyizinkabi nihlezi nithengwa, nibulala osomatekisi abanye nintshontsha amatekisi abo. – nguMathole Ntombela
Bayasihlaba bayasihlikiza iSikebhe
Ngizwa ubuhlungu uma kukhulunywa ngabantu abazibiza ngeSikebhe ngoba ngonyaka ofile mhla zili-18 kuMfumfu umalume wathathwa yibo laba bantu abathi bayiSikebhe bamshaya bamlahla emtholampilo nokwaphetha ngokuthi adlule emhlabeni. Eyami imibuzo ilapha-ke, kanti le nhlangano ayikubambi nento bese ujeza? Banikwa ubani ilungelo lokubulala abantu ngoba ziyanda izidumbu kwelakithi eMhlumayo yile nhlangano? – nguXamxakile Mshayiwengcayi
Sengiyasizonda iSikebhe ngezizathu ezithile futhi esikhathini esiningi bafaka wona amasela ngoba bethi bazama ukuthi azigade wona. Cabanga-ke manje sekwakhiwe iqembu lokweba elisemthethweni ngoba becashe ngabo ubuKebhe. Bashaya abantu abangafanele ngoba bedukisa umkhondo.
Izigameko eziningi lapho kushaywe khona umuntu emakhaya njalo iSikebhe asibi nabo ubufakazi ekugcineni kutholakale ukuthi bashaye umuntu ongafanele. Isizathu ukuthi amasela angaphakathi. – nguSenzoo Mbatha
Ngendlela engibona ngayo iSikebhe siyabheda impela kodwa-ke kunabantu ababheda kakhulu kunaso, aMakhosi. Kunjenje iwona kade kwakukhalwa ngeSikebhe. Okubheda kakhulu uma befika abakubuzi lutho ukuze bathole ukuthi unecala noma cha. AMakhosi avuma lo doti iwona futhi okumele awuqede ngoba uma engayibhekile le nto kusazofa abantu bese kuba yimpi engapheli efana neyosomatekisi ngoba uma sekufiwe nhlangothi zombili ngeke isaphela ilowo nalowo ufuna ukukhokhela owakubo owafa nomunye kanjalo kanjalo. – nguBheki Khanyile
Laba bantu abathi bayiSikebhe beya imizi uma ngabe nike nabathambela banigibela ekhanda. Abantu abaningi abakhutshazwa iSikebhe abakule mizi engenamkhulumeli nomthetho engenalwazi ngawo. Uma ingaqashelwa le nto yaso kusazobulawana kakhulu. – nguBheki Ntoyoksula Mncube
Laba bantu beSikebhe banesihluku kakhulu. Bashaya ngisho ikhehla elidala belibophe ngezinyawo esihlahleni belibhekise phansi phakathi edolobheni. Abanandaba namaphoyisa benjalo. – nguThami Duma
ISikebhe siyabheda uma kuwukuthi ukhona owasivumela ukuba sibe semthethweni, naye akakazazi ukuthi ufunani. – nguSigcino Sibiya Cosmos
Kodwa sithi sinomthetho kuleli lizwe abantu benziwa nje. Yihlazo leli kodwa anjalo vele amazwe aphethwe aboHlanga kule Afrika. – nguChris Shabangu
Abanye babo bangamasela kulesi Sikebhe banjinga ngezinto zokwebiwa namuhla sebeshaya abantu bafuna kube yibo kuphela amasela emfuyo. – nguMuvo Ngcobo Muvo