Now Reading
Izinduna zingumzimba woBukhosi kwaZulu
Dark Light

Izinduna zingumzimba woBukhosi kwaZulu

Kumele kukhathaze noma ngubani ukubulawa kwezinduna nembangela yakho


Umlando wabeNguni abanguZulu uyasivezela ukuthi uBukhosi lobu bakhiwe zinhlaka ezahlukene nezimqoka ngokulinganayo. Umlando uyasivezela ukuthi namhla iLembe lithunga izwe, liqeda izinhlanga lenza uhlanga, liqeda izizwe lakha izizwe labe lingakhi lodwa. 

Ayekhona aMakhosi ezizwe, zikhona izikhulu namaqhawe. Kula maqhawe zabe zikhona izinsizwa, zikhona izinduna ezabe ziyihlela ngononino. Nangesikhathi esiphila kuso izinduna zinendawo emqoka ebuholini. 

Ngaphandle nje kokuhlanganisa izinsizwa, ukugqugquzela isiko, zimqoka manxa kufika ekuphathweni komhlaba. Njengesandla sokuphosa yizo eziba sekhaleni lemisebenzi yansukuzonke uma kwabiwa noma kukhulunywa ngomhlaba. 

Namuhla sibhale ngesimo esingesihle sezinduna nayilapho kufufusa ukugqubuzana kwazo nolunye uhlaka olumqoka okungaMakhosi. Lesi simo njengaleso sokubulawa kwezinduna sibi sithunaza iSihlalo. Sinxusa zonke izinhlaka ezithintekayo ukuba ziqinisekise ukuthi lokhu akwenzeki ngoba uma kuke kwagqabuka igoda phakathi kwezinduna naMakhosi mukhulu umonakalo izizwe kanjalo noZulu abayozithola bebhekene nawo. 

Kuwumbono wethu ukuthi sekuyisikhathi sokuthi iSihlalo singenelele kulokhu. Lokhu sikusho ngoba yiso esingaba nezwi lokugcina kulokhu okungathi manxa kunganqandwa kuthunaze sona qobo. Ekulekeleleni iSihlalo njengokujwayelekile uNdunankulu kaZulu naye kumele abe yingxenye yesixazululo.  

See Also

Ekulekeleni iSihlalo uhlaka lwaMakhosi esifundazweni nalo kumele lwenze imizamo yokuthola umyombo wenkinga. Kanti olunye uhlaka okumele lungazibeki phansi yi-Ingonyama Trust Board (ITB) kwazise izinduna yizo ezisebenza egameni laMakhosi ezizwe udaba lomhlaba owenganyelwe yibo abe-ITB.  

UHulumeni kusobala ukuthi uyathinteka kulokhu, zikhona izinsolo ezibhekiswe kuye kepha siyakholwa ukuthi uma uzimisele ngokuthula kulesi sifundazwe uyokwazi ukuzinuka amakhwapha bese kuthi izinhlaka zomthetho nazo zenze lokho okulindelwe kuzo uma kunesimo esinjengalesi sokungabi nozinzo. Kanti nomphakathi owakhele aMakhosi nawo umqoka ekutholeni isixazululo kwazise lapha sikhuluma ngohlaka lobuholi oluthintana nomphakathi cishe zinsuku zonke.  

Sithi ayihlale ibambe umthetho, uma kungenjalo sosala phansi!

Scroll To Top