Now Reading
Umnikelo we-Ithala uyancomeka
Dark Light

Umnikelo we-Ithala uyancomeka

Ukuswelakala kwamathuba omsebenzi yinto exoxwa nsukuzaphuma kuleli. Lena yinkinga exake hhayi uHulumeni nohlale njalo ubalisa uthula nezinhlelo zokuzama ukuyilungisa. Umbiko wakamuva ucobe amathambo njengoba esikhundleni sokwehla uthe isibalo sikhuphukile. Kanti ngakolunye uhlangothi udaba lokuswelakala kwamakhono nalo ludala ingcindezi.

Kusobala ukulumbana kokuthuthukiswa kwamakhono kanye nokuthuthuka komnotho.  Ngenxa yomlando wethu kuyenzeka ukuthi umuntu asondelane nethuba lomsebenzi thizeni bese kuswelakala ikhono. Isibonelo, kuyenzeka umuntu abe nomqondo webhizinisi kepha kuthi ngoba akanalo ikhono nolwazi lokuphatha bese konke kushabalala kungakaqalwa.

Kungalesi sizathu isenzo sezinye zezikhungo ezimqoka kuleli, i-Ithala Development Finance Corporation (IDFC) sincomeka. Lesi sikhungo sisebenzisane nabakwaNgqondonkulu iDurban University of Technology (DUT) ukwenza izifundo eziyisingeniso kwezamabhizini. Zimbili izinto ezihlaba umxhwele kulokhu, eyokuqala wukuthi kubafundi abangama-50 abangama-26 ngabesifazane okusho ukuthi abesifazane bangama-51%. Khona lapho kulaba abaqokiwe kukhona abaqhamuka nasezindaweni zasemakhaya. Lokhu akwejwayelekile ngoba izinto ezinje zivame ukuphelela ezindaweni ezingamadolobha. Okwesibili lolu hlelo lusebenzisa ezokuxhumana njengoba abafundi bekwazi ukucosha izifundo besemakhaya. Lokhu kukhomba ukuqonda isimo esibhekene naso ngaphansi kokhuvethe. Lokhu okuqalwa yi-Ithala ngalolu hlelo kuyikusasa.

Siyathemba ukuthi lesi yisiqalo sezinto ezinhle ngalesi sikhungo esimqoka nesineminyaka engama-60. Uma ubuka ibanga eselihanjwe yi-Ithala kanjalo nolwazi kakhulukazi ekusebenzeni ezindaweni zakobantu, kwenza uzibuze ukuthi uma lapha ezweni kunenkulumompikiswano kwakhiwa iqhingasu lokuthuthukisa izindawo zasemakhaya kanye namalokishi lisuke likhuphi izwi lalesi sikhungo esinolwazi olungaka kakhulukazi ngezindawo eziKwaZulu-Natal. Khona kuzwelonke bangehlomule yini ngalolu lwazi lweminyaka engama-60? 

See Also

Kanti kubafundi abangama-50 abalibutho lokuqala, sithi lokhu enikuqalayo kungaba wukuvuleka kwezinto ezinkulu. Ngokwenza kahle, ningaqinisekisa ukuthi indlala kwenu nasemphakathini wakho ingcina ngawe.

Scroll To Top