Now Reading
Iqala phansi iyagadla i-USA eRussia naseSyria
Dark Light

Iqala phansi iyagadla i-USA eRussia naseSyria

I-United States of America (USA) isiphinde yabizela esitikini iRussia neSyria. Kubonakala seliphelile ikhefu ayekulo ngaphansi kobuholi bukaMnu uDonald Trump owaqoma ukuwaziba lawa mazwe ngelokuthi ukuwalwisa akulethi nzuzo e-USA. 

NgoLwesine olwedlule leli lizwe liqhumise ngamabhomu izakhiwo eziseSyria ezisetshenziswa iqembu elesekwa i-Iran ukugada ukuvimbela ukuketulwa kukaMengameli uBashar Hafez al-Assad. Izikhulu zoMnyango Wezokuvikela e-USA zimemezele lokhu kuhlasela ngaphandle kokunikeza imininingwane nesizathu ngaphandle kokuthi bebeziphendulela kwabakade bebagcona emgceleni wase-Iraq. 

Lesi isigameko sokuqala sokuhlasela ngaphansi kobuholi bukaMengameli uJoseph Biden Jr. Inhlangano iSyrian Observatory for Human Rights (SOHR) ngoLwesihlanu ithe okungenani bayili-17 abafile kulokhu kuhlasela. 

Umqondisi kule nhlangano uthe: “Lokhu kuhlasela kudicilele phansi izithuthi ezintathu ebeziphethe izikhali, kodwa abalimele baningi. Ucwaningo lwethu olungakaqinisekiswa luveza ukuthi izibalo zabafile zili-17 bonke bangamalungu eqembu elivunwa i-Iran iPopular Mobilization Forces (PMF).” 

UNobhala Jikelele wezokuvikela uLloyd Austin uthi nguye owahambisa izincomo zokuhlasela kuMengameli uBiden. Okuxakayo nokwethusayo ngalesi senzo ukuthi iqembu lamavukela mbuso i-Islamic State of Iraq and the Levant (ISIL) liqale phansi kuleli lizwe. Kanti amaqembu afana nalo leli eligaselwe i-USA yiwo akwazi ukulwa axoshe leli qembu ngowezi-2018 njengoba selibuya manje. 

Okungakho kumangaza ukuthi kungani i-USA inikeza amandla i-ISIL ngokunqinda iPMF amandla. Kanti ngowezi-2011 ngesikhathi impi yeSyria nawo lawa mavukelambuso iqala, i-USA yayisohlangothini lwamavukelambuso. Ngalesi sikhathi leli lizwe lalisebenzisana ne-Israel neQatar ukuqumba phansi umbuso ka-Assad ababewusola ngokubambezela intuthuko nenqubekela phambili eMiddle East. Kwathi uma sekugqama isihluku saleli qembu nokuthi alilawuleki lawa mazwe abe eseguqula ukwenza avuna u-Assad. 

Nakuba ngalesi sikhathi uMengameli we-USA kwakunguBarack Obama kodwa isekela lakhe kwakunguye uBiden. Ukuhlasela kwakamuva kufikisa ngemibuzo yokuthi ngabe i-USA isibuyele ekwesekeni amavukela mbuso yini futhi njengoba ukubuya kwawo kuqondane nokubuyela kukaBiden emandleni ombuso? 

NeRussia nayo inenkinga efanayo ngoBiden. NgoLwesibili i-USA imemezele unswinyo ezikhulwini eziphezulu kuHulumeni waseRussia nakumabhizinisi. Imbangela yalolu nswinyo ukudliswa ushevu kwembangi enkulu kaMengameli uVladimir Putin u-Alexei Navalny. Lokhu kwehluke kakhulu kobokwenziwa uHulumeni kaTrump wona obuvele ukhethe ukuziba kunokugxambukela. UNavalny wahlaselwa ukugula ebhanoyini eSiberia ngoNcwaba wanyakenye wabe esephuthunyiswa esibhedlela eGermany lapho odokotela bathola khona ukuthi udliswe ushevu iNerve Agent. 

See Also

UHulumeni waseRussia uyakuphika ukuba nesandla kulesi sehlo. Ziyisikhombisa izikhulu zikaHulumeni wakuleli lizwe ezizobhekana nonswinyo. Lesi sinqumo sizwelana nese-European Union nayo ehlukene phakathi ngalesi sinqumo. UHulumeni kaBiden uphinde wagcizelela ukuthi uNavalny owaboshwa ngezinsolo zokuzama ukususa uthuthuva ukuthi akakhululwe. NgoLwesibili uNgqongqoshe Wezangaphandle waseRussian Foreign uSergei Lavrov uthe izwe lakhe lizoziphendulela. 

Olunye unswinyo lungase lulandele njengoba i-USA ibheka ukumbandakanyeka kweRussia ekuntshontshweni kwemininingwane ebalulekile kumakhompuyutha kaHulumeni ngendlela yobuchwepheshe besimanje, ekusocongweni kombutho wezempi ozinze e-Afghanistan kanye nemizamo yokugxambukela okhethweni lobuholi obusha e-USA ngowezi-2020. Ngokomlando, unswinyo lwe-USA luke luqale ngezikhulu ezithize bese ludlulela kuhulumeni wonke. 

Nakulokhu ngoba kunezinye izinsolo kulindeleke ukuthi kwenzeke okufanayo. Lokhu kungase kube nomthelela omubi ombimbini lweRussia ne-Iran ukuvikela uHulumeni waseSyria ekuketulweni i-USA ne-Israel. 

Scroll To Top