Now Reading
IKhomishini inika abalawuli bezikole amandla athe xaxa
Dark Light

IKhomishini inika abalawuli bezikole amandla athe xaxa

Kuvamile ukuthi kube nokukhononda kubazali ngezimpahla zezikole ezimba eqolo ikakhulukazi kulabo bahlinzeki abasuke bejutshwe izikole ukuba badayisele abazali izimpahla ezithile noma umfaniswano wesikole. Nokho besekuwumkhuba ojwayelekile ukuthi izikole ziyalele abazali ukuthi uma bethenga impahla ethile noma umfaniswano wesikole kumele bakuthenge kuphi. Kuyenzeka kube izitolo ezithize noma ngumuntu othize ikakhulukazi ezikoleni zasemakhaya lapho kunabantu  okwaziwa ukuthi umfaniswano uthengwa kubona. 

IKhomishini Lezokuncintisana lithi abazali banelungelo manje lokuphikisa umyalelo wesikole bathenge lapho befuna ukuthenga khona, liqhube lithi nabazali abasesigungwini sesikole (School Governing Body [SGB]) nabo sebenelungelo lokuthi bafuna ukudayisela abazali babafundi ngempahla yesikole.

Okhulumela iKhomishini uMnu uSiyabulela Makunga, uthe sebebonile ukuthi izikole zisebenzisana nezitolo ezithize isikhathi eside kakhulu okuvalela ngaphandle abanye osomabhizinisi abasakhula. “Kulesi sivumelwano sizosebenzisana nezikole sizifundise siphinde sikhuthaze othishanhloko kanye nabazali ukuthi balandele indlela efanele yokuthenga ezinye izinsiza zokufundisa kulandela umthetho okhishwe iKhomishini ngomhla zili-16 kuLwezi ngowezi-2020,” usho kanje. 

Uqhube wathi basazoncenga izikole ukuba zilandele imiyalelo nokuthi uma kukhona okuthize okubonakala engathi akuhambi kahle amalungu esigungu kube yiwo ahambisa ulwazi kuKhomishini khona kuzolandelwa indlela efanele. “Sizosebenzisana nesigungu ukuba siqaphe ukuthi lo msebenzi esiwenzile kusuka ngowezi-2010 uhamba kahle. Kuthathwa abahlinzeki banikezwe ulwazi okuyilona lona, nokuthi kumele benzeni ukuze bafike kulesi sigaba sokuthi nabo bangakwazi ukufaka izicelo ezikoleni zokuthi babe ngabahlinzeki ngezinsiza ezikoleni,” kusho uMakunga.

See Also

Ephendula ukuthi njengoba bathola ukuthi ukuncintisana akukho ezikoleni nokugcina kufake ingcindezi kubazali bagcine sebephoqeleka ukuba bathenge umfaniswano obizayo ngenxa yokuthi isikole sihlonza umuntu ohlinzekayo. Kulokhu ngabe banakho yini ukuzikhethela ukuba kuvuleleke ukuncintisana nokuthi bayakuthatha yini lokhu okushiwo yisikole, noma kuyimpoqo ukuthi ukuncintisana kuvuleleke, uthe: “Kusukela mhla zili-16 kuLwezi nyakenye abazali ngokwemithetho ekhishwe iKhomishini banalo ilungelo lokungalaleli imyalelo esuka ezikoleni ukuba bayothenga ezitolo ezikhethekile ngoba akuhambisani nemigomo ekhishwe iKhomishini. Thina siyiKhomishini asizimisele ukuba sithathe izikole sizise enkantolo ngenxa yokuthi azisebenzisani nemithetho yeKhomishini. Sinalo ithemba lokuthi abazali bazosebenzisana nothishanhloko kanye nesigungu baqinisekise ukuthi le mithetho iyalandelwa.”

Uthe iKhomishini selishushise izikole ezi-4 okuyi-Abu Tech, iSt Andrews for Girls, iChuro kanye ne-Inspired School. Baphinde bashushisa izinkampani ezihlinzeka izikole ngezinsiza njengeGIT Procurement Solutions, iMakura On Both Worlds. “Asifuni ukuba siphambane nenqubo yezikole ngoba iningi imali okugcina kumele ichithwe ukuze kuliwe nezimangalo ezisenkantolo. Asifuni kubonakale engathi siphazamisana nenqubo yezikole kubazali, othishanhloko kanye nalabo abasesigunwini. Kepha sifisa babambe iqhaza ukuba lo msebenzi uyenzeka ngendlela,” kusho yena. 

Scroll To Top