Now Reading
Iminwe ikhomba iNkosana mayelana nokubulawa kwentatheli
Dark Light

Iminwe ikhomba iNkosana mayelana nokubulawa kwentatheli

NgoLwesihlanu ezobunhloli zase-United States of America (USA) zikhiphe ukuhlola kwazo eziveze kukho ukuthi iNkosana yaseSaudi Arabia, uMohammed Bin Salman, iyona ngqo eyagunyaza umkhankaso wokubopha noma kubulawe intatheli eyayingahambisani naye uJamal Khashoggi.

Kube sekuqhamuka ukuphawula okuvela emagumbini amane omhlala ngalokhu kuhlola kwezobunhloli zase-USA. Ihhovisi likaMqondisi Wombiko Kazwelonke Wezobunhloli lithi: “Sihlole sathola ukuthi iNkosana yaseSaudi Arabia uMohammed bin Salman iyona eyagunyaza ukubanjwa noma kubulawe intatheli uJamal Khashoggi.”

“Kusukela ngonyaka wezi-2017, iNkosana iyona ebinamandla aphelele okulawula ezokuphepha kanye nezobunhloli zakuleli zwe, okwenza abe mancane amathuba okuthi izikhulu zakuleli zwe bezizokwenza ukusebenza kwalolu hlobo ngaphandle kwemvume yeNkosana.”

UMnyango Wezangaphandle eSaudi Arabia esitatimendeni uthe: “UHulumeni wakuleli lizwe uphikisana ngakho konke nalokhu kuhlolwa embikweni ophathelene nobuholi futhi siyabona ukuthi lo mbiko unemininingwane kanye nesiphetho okungelona iqiniso.”

See Also

Ihhovisi lezangaphandle laseBritain lithe: “I-United Kingdom yayivele kwasekuqaleni ishilo ukuthi ukushona kukaKhashoggi kwakuyisenzo sobugebengu esikhulu. Sacela ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu, olunokwethenjwa nolusobala ukuze kutholwe kuphinde kujeze bonke abanesandla. Siphinde sabeka unswinyo kubantu bakuleliya lizwe abangama-20 okusolakala ukuthi banesandla ekubulaweni kukaKhashoggi. UNobhala Wezangaphandle wakuphakamisa lokhu ngesikhathi evakashele iRiyadh ngonyaka odlule, namanje futhi sisaqhubeka nokuphakamisa ezingxoxweni zethu esinazo noHulumeni waseSaudi Arabia.”

UMphenyi Wamalungelo we-United Nations u-Agnes Callamard enkundleni yokuxhumana uFacebook uthe: “Ngokukhishwa kwalo mbiko wase-US oqinisekisa ukubandakanyeka kwezikhulu zaseSaudi, sekufanele manje i-United States of America ithathe uholo ekutheni bonke ababe nesandla kulobu bugebengu bayabhekana nengalo yomthetho futhi ibeke izindlela zomhlaba wonke ukuvikela nokuthi kujeziswe zonke izenzo ezifana nalezi ngokuzayo. I-USA kufanele ibeke unswinyo phezu kweNkosana njengoba yayenzile kwabanye ababandakanyeka kulolu daba, kuqondwe ngqo izimpahla zayo kanye nezinye izinhlelo zayo zangaphandle. Nginxusa ukuthi uHulumeni waseSaudi ukhiphe ukuthi isidumbu sakhe sabhujiswa khona esizeni, noma sabhujiswa kanjani nokuthi salahlwa kuphi. Abenzi bobubi ngqo abaziyo yonke imininingwane yakho konke okwenzeka.”

Scroll To Top